Ubungaphendula Kanjani?
CHAZA UMFANEKISO
1. Emfanekisweni kaJesu olotshwe kuLuka 15:11-32, enye yamadodana yenzani ngefa layo?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
2. Uyise wazizwa kanjani ngendodana yakhe ephendukile?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
3. Enye indodana yazizwa kanjani ngendlela aphathwa ngayo umfowabo?
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․
◼ Eningaxoxa Ngako: UJehova ufana kanjani nobaba osemfanekisweni? Uzizwa kanjani ngendlela indodana eyasala ekhaya eyasabela ngayo?
KWENZEKA NINI?
Yisho umlobi noma abalobi bezincwadi zeBhayibheli ezingezansi, bese udweba umugqa ohlanganisa incwadi nonyaka okungenzeka yaqedwa ngawo.
1513 B.C.E 1473 B.C.E. 460 B.C.E. 55-56 C.E. 60-61 C.E.
4. UJobe
5. AmaHubo
6. EyabaseKolose
NGINGUBANI?
7. Ngemva kokuthola umbono ovela emoyeni omubi, ngaphetha ngokuthi uNkulunkulu akanakholo ezincekwini zakhe.
NGINGUBANI?
8. Ngangivela eKolose futhi ngazikhandla ngithandazela ibandla laseLawodikeya nelaseHiyerapholi.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 5 Kungani kuwubuwula ukuthembela enhliziyweni yethu? (Jeremiya 17:․․․)
Ikhasi 7 Isenzelani imithetho nezikhumbuzo zikaJehova? (IHubo 19:․․․)
Ikhasi 11 Yini okufanele siyikhathalele? (Filipi 2:․․․)
Ikhasi 20 Singabonisa kanjani ukuthi siyamthanda uNkulunkulu? (1 Johane 5:․․․)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 27)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Yayisaphaza ngokuphila ngokuziphatha okubi.—Luka 15:11-13. 2. Wayihawukela.—Luka 15:20-24.
3. Yayinenzondo futhi inomona.—Luka 15:25-30.
4. UMose, ngo-1473 B.C.E.
5. UDavide, amadodana kaKhora, uHemani, u-Asafa (abendlu yakhe), uMose, uSolomoni, u-Ethani, mhlawumbe nabanye, ngo-460 B.C.E.
6. UPawulu, ngo-60-61 C.E.
7. U-Elifazi.—Jobe 4:1, 13-18.
8. U-Ephafra.—Kolose 4:12, 13.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Bottom circle: Image supplied courtesy Tourism Western Australia