Ubungaphendula Kanjani?
CHAZA UMFANEKISO
1. Emfanekisweni kaJesu olotshwe kuMathewu 18:23-35, yini inceku efuna inkosi yayo iyenzele yona?
2. Inceku yokuqala iyiphatha kanjani inceku ekanye nayo?
3. Kungani inkosi ithukuthelela inceku yokuqala?
◼ Eningaxoxa Ngako: Wagcina nini ukuthethelela umuntu? Wayekucasule ngani? Kungani wamthethelela?
KWENZEKA NINI?
Yisho igama lomlobi wencwadi yeBhayibheli ngayinye kwezingezansi, bese udweba umugqa ohlanganisa incwadi nesikhathi eyaqedwa ngaso ukubhalwa.
1657 B.C.E. 1513 B.C.E. Cishe ngo-56 C.E. Cishe ngo-1100 B.C.E. Cishe ngo-61 C.E.
4. Genesise
5. AbaHluleli
6. IzEnzo
NGINGUBANI?
7. Amawele engawazala aba yizizwe ezimbili.
NGINGUBANI?
8. Ukwenziwa kwenkatho kwabonisa ukuthi akufanele ngibe umphostoli.
IMIBUZO ESEKELWE KULO MAGAZINI
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
Ikhasi 3 Iziphi izinkinga zempilo eziyosuswa ngokushesha? (Isaya 35:____)
Ikhasi 11 Kungani ukholelwa ukuthi abantu bangajabulela impilo enhle phakade? (Luka 18:____)
Ikhasi 20 Wawumkhulu kangakanani umkhumbi kaNowa? (Genesise 6:____)
Ikhasi 30 Iziphi izenzo okufanele uzigweme futhi iyiphi indlela yokucabanga okufanele uyihlakulele ngaphambi kokucabangela umshado? (Efesu 4:____)
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
(Izimpendulo zisekhasini 26)
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Iyibonise isihe ngesikweletu sayo.
2. Iyiphonsa etilongweni.
3. Ngoba le nceku ayizange ibonise isihe.
4. UMose, ngo-1513 B.C.E.
5. USamuweli, cishe ngo-1100 B.C.E.
6. ULuka, cishe ngo-61 C.E.
7. URebheka.—Genesise 25:21-23.
8. UBarsaba.—IzEnzo 1:23-26.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 31]
Middle circle: Scott Bauer/Agricultural Research Service, USDA