Isinyathelo 7
Fundisani Ngesibonelo
Kungani kufanele nithathe lesi sinyathelo? Izenzo ziyafundisa. Amazwi adlulisela ukwaziswa kuphela. Ngokwesibonelo, abazali bangase batshele izingane zabo ukuba zihloniphe futhi zikhulume iqiniso. Kodwa uma bona laba bazali bethethisana noma bethethisa izingane zabo futhi beqamba amanga ukuze bakhululeke emithwalweni ebaphazamisayo, bazifundisa ukuthi yileyo ndlela abantu abadala okufanele baziphathe ngayo. Ukulingisa abazali “kungenye yezindlela ezinamandla kakhulu izingane ezifunda ngazo,” kusho umlobi uDkt. Sal Severe.
Inselele: Abazali abaphelele. Umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngokuphathelene nokulawula indlela esikhuluma ngayo, umfundi uJakobe wabhala: “Ulimi, akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa.” (Jakobe 3:8) Ngaphezu kwalokho, izingane zivamile ukuvivinya isineke sabazali ngokweqile. “Kwangimangaza ukubona indlela okulula ngayo ukuba izingane zami zingenze ngihluthuke,” kusho uLarry, uyise wezingane ezimbili, ngokuvamile ozolile futhi okwaziyo ukuzithiba.
Ikhambi: Lwelani ukuba yizibonelo ezinhle—hhayi ukuphelela. Futhi sebenzisani amaphutha eniwenza ngezikhathi ezithile ukufundisa izingane isifundo esakhayo. UChris, onguyise wezingane ezimbili, uthi: “Lapho ngicasuka ngithethise izingane zami noma ngenza isinqumo esizilimazayo, ngangilivuma iphutha ngixolise. Lokhu kwafundisa izingane zami ukuthi abazali nabo bayawenza amaphutha nokuthi sonke kufanele silwele ukuthuthukisa ukuziphatha kwethu.” UKostas, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngiye ngathola ukuthi ngenxa yokuthi ngiyaxolisa lapho ngihluthuka, amadodakazi ami afunde ukuba axolise lapho enza amaphutha.”
UJehova uNkulunkulu uthi: “Ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Lapho umuntu onegunya esho okuthile kodwa enze okuhlukile, lokhu kucasula izingane ngendlela okubacasula ngayo nabantu abadala, futhi mhlawumbe nangaphezu kwabo. Ngakho-ke, kungani ungazibuzi le mibuzo ekupheleni kosuku ngalunye: Ukube bengingazange ngithi vu usuku lonke, izingane zami beziyofundani ezenzweni zami? Ingabe lezi yizifundo ezifanayo engizama ukuzifundisa ngalokho engikushoyo kuzo?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena?”—Roma 2:21
[Izithombe ekhasini 9]
Lapho umzali exolisa, ingane nayo ifunda ukwenza okufanayo