Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Ukholo Lomntwana (August 2006) Ngilangazelela ukubona uDustin, nezigidi zabanye abashona, begijima futhi begxuma ngobungqabavu ezweni elisha eseliseduze.
A. A., Sri Lanka
Ukholo nesibindi sikaDustin kwangithinta ngokujulile. Indaba yakhe ingisize ukuba ngibone ukubaluleka kweqiniso ekuphileni kwami nokuba ngihlele izinto eziza kuqala. Manje ngiyabona ukuthi ukulondoloza ubuhlobo obuhle noJehova nokwenza izinto eziphathelene noMbuso kufanele kuze kuqala ekuphileni kwami.
M.C.V., Brazil
Inhliziyo yami yathinteka ngenxa yemizwa kaDustin eshukumisayo futhi eyakhayo ngeqiniso. Izenzo zakhe zabonisa ukuthi wayefuna ukujabulisa uJehova nokukhonza abanye. NjengoDustin, nami ngifuna ‘ukugijima ibanga ngize ngiliqede futhi ngigcine ukholo’!
M. N., Japan
Ngineminyaka engu-7 ubudala. Ngiyanibonga ngokushicilela le ndaba. Ukholo lukaDustin kuJehova lwangihlaba umxhwele, nakuba ayegula kakhulu. Isibonelo sakhe singikhuthaze ukuba ngenzele uNkulunkulu okwengeziwe.
T. D., Italy
Imiklamo Ethakazelisayo Ezitshalweni (September 2006) Ngagxila kulesi sihloko kwaze kwaphela ihora nesigamu! Sasifundisa kakhulu! Ngazidwebela imifanekiso ukuze ngisiqonde kangcono. Nokho, ngicela niqaphele ukuthi inani eliyingxenyana engu-13/21 aliyichazi ngokunembile i-golden angle yesiyingi, kodwa kunalokho, lichaza isilinganiso esisele esingama-degree angu-222,5.
L. C. United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Kunabafundi abaningana abaphawule ngokunembile ukuthi i-“golden angle” yesiyingi ingaba ama-“degree” angu-222,5. Kungani isihloko sethu sathi i-“golden angle” ingama-“degree” angu-137,5—okuyi-engela efanayo ebalwa kusuka kwesokudla kuya kwesokunxele? Ingosi ye-Internet i-MathWorld ithi: “I-‘golden angle’ iyi-engela ehlukanisa isiyingi esiphelele [360°] ngesilinganiso esifanele (kodwa esibalwa kusukela kwesokudla kuya kwesokunxele ukuze sibe ngaphansi kuka-180°).” Sichaza ukuthi kungani izazi zezibalo nesayensi beyibala ngale ndlela i-“golden angle,” isazi sezibalo saseBrithani uDkt. Ron Knott sithi: “Sivame ‘ukubona’ i-engela encane.” Ngenxa yalokho, nakuba isilinganiso esifanele sicishe sibe ngu-13/21 (ngaphezu kwengxenye yesiyingi), i-“golden angle” ngokuvamile iba ngama-‘degree’ angu-137,5 (ngaphansi kwengxenye).
“Baboshelwa Ukholo Lwabo” (April 2006) Angiyena omunye woFakazi BakaJehova, kodwa lokho akungivimbeli ukuba ngiwahloniphe ngokujulile amalungu enkolo yenu. Ngahlangana noFakazi abaningana lapho ngiboshiwe emakamu okuhlushwa aseGross-Rosen naseBuchenwald. Ukuziphatha kwabo kwakuyisibonelo kakhulu futhi izinkolelo zabo ezingokwenkolo zazivelele kangangokuba zonke ezinye iziboshwa zazibahlonipha futhi zibathanda. Ngisho nama-SS babewahlaba umxhwele. OFakazi BakaJehova bayohlala bamukelekile emzini wami.
P. V., United States