Ukubuka Okwezwe
◼ “Ikhaya elivamile eMelika selinamathelevishini amaningi kunabantu abasendlini”—ama-TV angu-2,73 kubantu abangu-2,55. “Ingxenye yemizi yaseMelika inama-TV amathathu noma ngaphezulu.” —I-ASSOCIATED PRESS, E-U.S.A.
◼ Nsuku zonke ezinkantolo zaseNingizimu Afrika, kunezingane ezingu-82 ezibekwa amacala “okudlwengula noma okuhlukumeza ezinye izingane.” Eminye imithombo ithi abaningi balabo ababekwa amacala bathi lezi zenzo zokuhlukumeza “zazibangelwe yizenzo abazibone kuthelevishini.”—I-STAR, ENINGIZIMU AFRIKA.
Ukungalali Kunciphisa Izinga Lenkuthalo
Imikhuba yokulala yabanye abantu baseSpain ilimaza ikhono labo lokusebenza ngenkuthalo. UDkt. Eduard Estivill, ophethe umtholampilo ohlola imikhuba yokulala eBarcelona, uphawula ukuthi uma beqhathaniswa nabantu baseYurophu, abaseSpain bayashesha ukuvuka, basebenza isikhathi eside, badla sekuhlwe kakhulu, futhi balala isikhathi esingaphansi kwesivamile ngemizuzu engaba ngu-40. Kodwa ukungalali ngokwanele kungabangela izinkinga ezinjengokuhluthuka, ukukhohlwa, ukukhathazeka nokucindezeleka. Ngenxa yalokho, uDkt. Estivill uyaxwayisa: “Noma imuphi uchwepheshe okudingeka acabange kanzulu lapho esebenza kufanele alale amahora aphakathi kwangu-7 nangu-8 ngosuku.”
Ukubasa Ngokolweni?
Ingabe kulungile ukubasa ngokolweni? Iphephandaba laseJalimane i-Frankfurter Allgemeine Sonntagszeitung lichaza ukuthi njengoba intengo kakolweni yehla kuyilapho ekawoyela ikhuphuka, kushibhile kumlimi ukubasa ngokolweni kunokuwudayisa ukuze athenge uwoyela. Kubiza u-R1,40 ukutshala amakhilogremu amabili nesigamu kakolweni, kodwa uma kubaswa ngawo, lowo kolweni ungakhipha ukushisa okulingana nelitha likawoyela, elibiza u-R4,20. Yingakho leli phephandaba liphakamisa le nkinga: Ingabe umuntu “angabasa ngokusanhlamvu kuyilapho abanye abantu bebulawa yindlala”?
Kwenziwa Ibhizinisi Ngokuhambela Kukapapa
Lapho upapa ehambele eJalimane ngo-2006, abakhiqizi bempahla, abathengisi nabemboni yezokuvakasha bazilungiselela kusengaphambili ukuze bazuze ngokuhambela kwakhe. Isonto nalo lazikhethela usomabhizinisi elalizosebenzisana naye owayezodayisa izinto zenkolo ngokukhethekile. Izinto zesikhumbuzo ezazitholakala zazihlanganisa amarosari, amakhandlela, amabhodlela anamanzi angcwele, izinkomishi zekhofi, amakepisi, izikibha, amasongo okhiye namafulege aseVatican. Umagazini i-Spiegel wathi: “ISonto LamaKatolika limatasa ekwenzeni inzuzo yemali, njengokungathi uJesu Kristu . . . akazange abaxoshe abathengisi ethempelini.”
Ukuthuntubezwa Ubudlova Bemidlalo Yama-video
Abacwaningi abayizazi zokusebenza kwengqondo e-Iowa State University, e-U.S.A., bathi: “Ukuchayeka emidlalweni yama-video enobudlova kungathuntubeza abantu ebudloveni obungokoqobo.” Ucwaningo lwangaphambili lwabonisa ukuthi ukuchayeka kule midlalo “kubhebhethekisa imicabango enonya, ulaka, ukuvukwa amadlingozi nokuziphatha ngendlela enonya.” Kulolu cwaningo kwalandelelwa ukushaya kwenhliziyo nokuthinteka ngokomzwelo kwabantu ababukela izigcawu zobudlova bangempela ngemva nje kokudlala imidlalo yama-video enobudlova noma engenabo. Imiphumela yabonisa ukuthi labo “abadlala imidlalo enobudlova bayabujwayela bonke ubudlova futhi bangabe besazwela.”