Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/07 k. 22
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isinyathelo Esisha Sokuthola Impilo Engcono?
    I-Phaphama!—2000
  • Imithi Engamakhambi—Okwenza Abaningi Bayisebenzise
    I-Phaphama!—2000
  • Ukwelashwa Okukhethayo
    I-Phaphama!—2000
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2000
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 9/07 k. 22

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Lapho Ukugula Kungasekho! (January 2007) Uma nithi abanye abantu “basaphaza imali nesikhathi ezindleleni zokwelapha nasemakhambini angasizi ngalutho mhlawumbe nayingozi,” kubonakala sengathi nikhuluma ngezinye izindlela zokwelapha, ngoba lesi sihloko sakungabaza ukuphumelela nokuphepha kwezindlela zokwelapha ezingavamile. Ingabe lokhu kusho ukuthi i-Phaphama! igcizelela ukuthi izindlela zokwelapha ezivamile ziphephile futhi ziphumelela kangcono? Ngokwe-U.S. General Accounting Office, kunobufakazi obuningi bokukholelwa okuphambene nalokho.

G. C., United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: Izindlela eziningi zokwelapha ezamukelwayo, ngaphambili ezazibhekwa njengeziphephile futhi eziphumelelayo, kamuva kuye kwabonakala ukuthi aziphephile. Lokhu kuye kwenzeka emkhakheni ovamile wezokwelapha nasemkhakheni wezindlela zokwelapha ezingavamile. Kuwukuhlakanipha ukuba nolwazi olwanele ngezinzuzo nezingozi zokwelapha okucabangelayo, kungakhathaliseki ukuthi kuvamile noma akuvamile, futhi uqiniseke ukuthi akungqubuzani nezimiso zeBhayibheli. Lokhu kuhilela isinqumo somuntu siqu. Njengoba sesike sasho kaningi, i-“Phaphama!” ayitusi indlela ethile yokwelapha ngokukhethekile. Futhi amaKristu agwema ukwahlulela noma ukugxeka ukukhetha kwabanye ezindabeni zokunakekelwa kwempilo. Njengoba lesi sihloko sabonisa, sekukonke, ukwelapha okuvamile noma okungavamile akunawo amakhambi azo zonke izifo zesintu. UMbuso kaNkulunkulu kuphela oyoletha isikhathi lapho ukugula kungeke kusaba khona.—IsAmbulo 21:3, 4.

‘Ngiyoqombola Njengendluzele’ (August 2006) Ukubekezela nokuthobeka kukaFrancesco Abbatemarco kwangenza ngacabangisisa. Akagcinanga ngokuzama ukunqoba ukukhubazeka kwakhe komzimba ukuze akhonze uJehova kodwa wazikhandla nasekunqobeni imizwa ephambene. Isimo sakhe sangisiza ukuba ngihlale ngikhumbula ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekana naziphi izimo, singamkhonza uJehova ngokusemandleni ethu. Kwangikhuthaza nokubona indlela iZwi likaNkulunkulu elamsiza ngayo ukwenza izinguquko ezinkulu ekuphileni kwakhe.

N. G., Cambodia

UFrancesco kwadingeka anqobe izithiyo eziningi. Kodwa lapho eselitholile iqiniso, wabhekana nazo ngokuzimisela nangokuzithandela. Uyisibonelo esihle kakhulu sokuzimisela! Ngithemba ukuthi indaba yakhe iyoshukumisa abanye ngendlela engishukumise ngayo.

M. D., South Africa

Ngasithanda kakhulu lesi sihloko! Ngifisa sengathi bengingamtshela ngokuqondile uFrancesco Abbatemarco indlela esingikhuthaze ngayo ukuba ngenze umzamo omkhudlwana wokwandisa inkonzo yami kuJehova.

J. B., United States

Siyabonga, Francesco, ngesibonelo sakho esihle sentshiseko nokukhuthazela. Ngiyaqiniseka ukuthi esimisweni esisha uyoqombola njengendluzele. Sifisa wazi ukuthi unabafowenu nodadewenu abakuthanda ngempela futhi abakuthandazelayo.

S. G., Russia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela