Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/08 k. 3-k. 4
  • Ingabe Ubugebengu Abusalawuleki?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ubugebengu Abusalawuleki?
  • I-Phaphama!—2008
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukwehluleka Ukulwa Nobugebengu
    I-Phaphama!—1998
  • Ukulwela Ukuqeda Ubugebengu
    I-Phaphama!—1996
  • Likuphi Izwe Elingenabo Ubugebengu?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukusakazeka Kwenkathazo
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2008
g 2/08 k. 3-k. 4

Ingabe Ubugebengu Abusalawuleki?

◼ Umfundi osangene ohlome eyizingovolo, ubulala abanye abafundi nothisha esikoleni afunda kuso.

◼ Intombazanyana encane iyathunjwa, okubangela abazali bayo usizi olukhulu.

◼ Osemusha uyavuma ukuthi wabulala umuntu ukuzea azijabulise futhi isidumbu salowo muntu wasibonisa abangane bakhe, abavele bawuhlaba inhlali amasonto amaningi.

◼ Esebenzisa i-internet, umnukubezi wezingane ucebisana nabanye abanukubezi bezingane ngendlela izingane ezingayengwa ngayo.

LEZI izehlakalo nje ezimbalwa zobugebengu obushaqisayo ezisematheni kulezi zinsuku. Ingabe uzizwa uphephile endaweni ohlala kuyo ikakhulukazi ebusuku? Ingabe wena noma umkhaya wakho nike naba izisulu zobugebengu? Izigidi zabantu emhlabeni wonke—ngisho nasemazweni ake abhekwa njengaphephe kakhulu—ziyavuma ukuthi zinokwesaba okungapheli ngenxa yobugebengu nobudlova. Cabangela amazwibela emibiko elandelayo evela emazweni ahlukahlukene.

EJAPANE: I-Asia Times iyabika: “IJapane yake yaba phakathi kwamazwe aphephe kakhulu emhlabeni . . . Kodwa manje, lowo muzwa wokulondeka komuntu siqu owawaziswa kakhulu kubonakala usushabalele, futhi ukulondeka kwezwe sekuthathelwe indawo ukukhathazeka okujulile ngobugebengu nobuphekula bembulunga yonke.”

ELATIN AMERICA: Umbiko wezindaba ka-2006 uthi abantu abavelele eBrazil babikezela ukuthi kuzoba nempi yamavukela-mbuso eSão Paulo. Ngenxa yobudlova osebuqhubeke amasonto amaningi, umongameli wezwe wayala ukuba kufakwe amasosha emigwaqweni yakuleli dolobha. Umbiko wephephandaba i-Tiempos del Mundo uthi, eMelika Ephakathi naseMexico, “ukuba khona kwamalungu amaqembu ezigebengu ayizingane kuye kwabangela iziphathimandla zakuleyo ndawo ukuba zihlale ziqaphile.” Leli phephandaba lanezela ukuthi “ngonyaka ka-2005 nje kuphela kwafa abantu abangaba ngu-15 000 bebulawa amaqembu ezigebengu eziyizingane e-El Salvador, eHonduras, naseGuatemala.”

ECANADA: Ngo-2006 i-USA Today yathi: “Ongoti bezobugebengu bakhathazekile ngokwanda kwamaqembu ezigebengu. Amaphoyisa . . . athola ukuthi kunamaqembu ezigebengu zasemgwaqweni angu-73 eToronto.” Ngokwalo mthombo ofanayo, umphathi wamaphoyisa eToronto wavuma ukuthi asikho isisombululo esilula sokwanda kwamaqembu ezigebengu edolobheni.

ENINGIZIMU AFRIKA: UPatrick Burton, ongumcwaningi wezobugebengu, uthi ephephandabeni i-Financial Mail: “Ukwesaba ubugebengu kubusa zonke izici zokuphila kwentsha yaseNingizimu Afrika.” Ngokusho kwaleli phephandaba, lokhu kuhlanganisa “ubugebengu obunobudlova obufana nokuphanga kuhlonyiwe, ukudunwa kwezimoto nokuphangwa kwamabhange.”

EFRANCE: Abantu abaningi abahlala emafulethini, baphila ngokwesaba nsuku zonke njengoba “benyuka izitebhisi ezicekelwe phansi, bengena ezindaweni zokupaka izimoto osekuyingozi ukuhamba kuzo, futhi besebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi eziyingozi uma sekuhwalele.”—Guardian Weekly.

E-UNITED STATES: Amaqembu obugebengu obuhleliwe ayanezela egagasini lobugebengu. Ngokombiko we-New York Times, kwesinye isifundazwe, inhlolo-vo yamaphoyisa yembula ukuthi cishe ngamunye entsheni engu-17 000 engabafana namantombazane, uyilungu lelinye lamaqembu ezigebengu angu-700. Lokhu kuwukwanda cishe ngamalungu angu-10 000 eminyakeni nje emine.

EBRITHANI: Ngokombiko we-UNICEF ngokuphathelene nesimo sezingane nobugebengu, i-Times yaseLondon yaphawula: “Ayanda amanani entsha yaseBrithani efa ngokudutshulwa. . . . Izisulu nabadubuli kuya ngokuya kuba izingane ezincane.” Amanani eziboshwa zaseNgilandi naseWales aye anda ngokumangalisayo afinyelela cishe ku-80 000.

EKENYA: Umama nendodakazi yakhe abangakwazanga ukuphuma ngokushesha emotweni yabo badutshulwa abaduni bezimoto emgwaqweni omkhulu, ngokusho kombiko wezindaba. INairobi inhloko-dolobha yaseKenya, isiphenduke isizinda sazo zonke izinhlobo zobugebengu, kuhlanganise ukudunwa kwezimoto, ukubamba inkunzi nokuhlaselwa kwabantu ezindlini ngobudlova.

Ingabe ubudlova abusenakulawuleka? Iyini imbangela ecashile yobugebengu? Futhi ingabe sikhona isizathu sokwethemba ukuthi ngelinye ilanga abantu bayokwazi ukuphila ngokuthula kweqiniso nokulondeka? Le mibuzo izocatshangelwa ezihlokweni ezilandelayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela