Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Umkhumbi KaNowa Nobuciko Bokuklama Imikhumbi (January 2007) Bengilokhu ngazi ukuthi umkhumbi wawuklanywe ngokumangalisayo, kodwa ngangingazi ukuthi wawuklanywe kahle kangakanani ngempela. Lesi sihloko sabuchaza ngendlela elula ubude, ububanzi nokuphakama kwawo okwakuwenza ukwazi ukuntanta emanzini. Nganquma ukuzakhela umfanekiso walo mkhumbi nentsha yasebandleni lethu, sisebenzisa umdwebo obonisiwe. Senza izilwane ze-origami (isibonelo sephepha) sazifaka emkhunjini futhi sadweba imifanekiso kaNowa nomkhaya wakhe. Sagcina sesisazi kangcono lesi senzakalo saseBhayibhelini ngokuzenzela ingxenye yaso ngokwethu. Siyabonga kakhulu.
T. A., Japan
Indodana yami eneminyaka eyisithupha iyathanda ukwakha izibonelo zezinto. Sobabili sajabula kakhulu lapho sithola iziyalezo zokwakha isibonelo somkhumbi kaNowa ekupheleni kwalesi sihloko se-Phaphama! Sakujabulela kakhulu ukuba ndawonye ngaleyo ntambama, ngenxa yesihloko senu esihle kakhulu! Ngenxa yokuthi siphila ezweni elimatasa futhi izingane zethu zibhekana nezingcindezi masonto onke esikoleni, kuyisibusiso ngempela ukunikezwa ithuluzi elinjenge-Phaphama! elizosiza abantu ekukhuliseni izingane zabo ngezindlela zikaJehova.
M. F., United States
Intsha Iyabuza . . . Ngingawunqoba Kanjani Lo Mkhuba? (November 2006) Ngathinteka inhliziyo lapho ngifunda lesi sihloko futhi ngiqaphela indlela uJehova asikhathalela ngayo nasisiza ngayo ukuba sixazulule izinkinga zethu. Ngisho noma sihluleka ngezikhathi ezithile, uJehova “ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5) Ukuqaphela lokhu kuyasisiza thina basha ukuba ‘sibalekele izifiso zobusha.’—2 Thimothewu 2:22.
V.F.F., Brazil
Intsha Iyabuza . . . Kungani Kunemithetho Eminingi Kangaka? (December 2006) Sekuyiminyaka eyisithupha ngifunda iBhayibheli. Nakuba abazali bami benesandla esiqinile kithi njengezingane, ngiyazi ukuthi bayangikhathalela ngempela. Lapho ngisifunda lesi sihloko, sangisiza ukuba ngiqonde ukukhathazeka kwabazali bami futhi sangisiza ukuba ngikwazise ukungikhathalela kukaJehova.
K. T., Thailand
Ngangiyindodana Esaphazayo (December 2006) Bengilokhu ngazi ngoJehova kusukela ngo-1992. Kodwa kwakunesikhathi esithile ekuphileni kwami lapho ngangifuna khona ukuphila ngenye indlela. NjengoMeros Sunday, ngabhekana nezigemegeme eziningi, futhi ngemva kweminyaka emithathu ngimshiyile uJehova, ngaqala ukucela usizo kuye. Manje sengibuyele “ekhaya”! Ngiyabonga ngomsebenzi eniwenzayo.
D. K., Ukraine
Intsha Iyabuza . . . Ngingaqala Nini Ukuqomisana? (January 2007) Ngineminyaka engu-15 ubudala. Lapho ngivakashele ubabekazi nomyeni wakhe, ngahlangana nomfana onguFakazi oneminyaka engu-17. Saqala ukuthumelelana imiyalezo nge-computer, okwakungenzeki njalo ekuqaleni. Kodwa kungakabiphi, sase sikhuluma nsuku zonke, futhi saqala ukuthandana. Khona-ke ngafunda lesi sihloko ngaqaphela ukuthi empeleni sase siqomisana. Ngosizo lwabazali bami nalesi sihloko se-Phaphama!, ngenza isinqumo esingcono kakhulu—sokuba ngiqede ubuhlobo nalo mfana. Sisengabangane, kodwa ubuhlobo bami noJehova buza kuqala. Ngiyabonga kakhulu ngokuthi lesi sihloko sangisiza ukuba ngisanguluke.
D. D., Canada