Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Intsha Iyabuza . . . Ingabe Nginokuphazamiseka Kwemikhuba Yokudla? (October 2006) Ngemva kokufunda lesi sihloko, ngazizwa ngicindezelekile. Ngiye ngashikashikana nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla konke ukuphila kwami. Lesi sihloko sangenza ngaba nomuzwa wokuthi ngabe “ngayixazulula” ngisemncane le nkinga. Kodwa ngisabhekene nale nkiyankiya kuze kube namuhla, futhi manje sengilahle nethemba. Lesi sihloko sikwenza kuzwakale sengathi umuntu angayinqoba le nkinga uma nje enokholo oluqinile.
J. J., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Nakuba izihloko okuxoxwa ngazo ochungechungeni oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” zihloselwe intsha ngokukhethekile, izimiso zeBhayibheli ezitholakala kuzo zisebenza kubantu babo bonke ubudala. Siyaqaphela ukuthi ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla kuphakathi kwezifo okunzima kakhulu ukuzinqoba. Lesi sihloko asishongo ukuthi labo abanenkinga yokuphazamiseka kwemikhuba yokudla bantula ukholo. Samane sasikisela ukuthi abanale nkinga bangathandaza kuJehova bacele usizo ekunqobeni ukuphazamiseka kwemikhuba yokudla. Ngaphezu kokunxusa uNkulunkulu, izisulu zakhuthazwa ukuba zifune usizo ‘kubazali noma komunye umuntu omdala.’ Ngaphezu kwalokho, lesi sihloko sivuma ngaphandle kokunanaza ukuthi “indlela eholela ekululameni ayilula” nokuthi umuntu angase ashelele. Iqiniso lokuthi usashikashikana nokuphazamiseka kwemikhuba yokudla ngemva kweminyaka eminingi kangaka lisho ukuthi awukalilahli ithemba.
ntsha Iyabuza . . . Yini Okufanele Ngiyenze Ngokuphila Kwami? (July 2006) Sengizoqeda esikoleni, futhi sekuyisikhathi sokuba ngihlele engizokwenza ngokuphila kwami. Lesi sihloko singenze ngazimisela nakakhulu ukufinyelela umgomo wokungenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Awukho omunye umsebenzi ovuzayo nongangilethela injabulo enkulu kunalona.
H. W., Hong Kong
Ngiyabonga kakhulu ngalesi sihloko ngoba singisize ukuba ngibone ukuthi kuleli zwe elithanda izinto ezibonakalayo, into engcono kakhulu intsha enjengami engayenza ukubeka kuqala imigomo engokomoya.
A. S., Brazil
Ekuphileni kwami okumatasa kwansuku zonke, ngiye ngiyikhohlwe imigomo yami. Ukufunda lesi sihloko kwavuselela ukuzimisela kwami ukwenza konke okusemandleni ukuze ngikhonze uJehova. Ngiyabonga kakhulu ngokusinakekela njengentsha.
E. M., Japan
Indlela Yokwakha Umshado Ojabulisayo (July 2006) Lezi zihloko ziwumsebenzi wobuciko obukhulu. Nenza kahle kakhulu ngokusebenzisa uJesu nendlela ayebaphatha ngayo abaphostoli bakhe njengesibonelo sendlela abangane bomshado okufanele baphathane ngayo. Qhubekani nomsebenzi omuhle. Siwulindela ngokulangazela umagazini wethu inyanga ngayinye.
S. C., United States
Ukusuka Ekuphelelweni Ithemba Kuya Enjabulweni (July 2006) NjengoMfoweth’ uGonzález, nami ngangihlushwa imizwa yokuzinyeza. Ngangivame ukucabanga, ‘Akunakwenzeka ukuba uJehova angithande, ikakhulukazi njengoba nginomlando omubi kangaka.’ Yeka isibusiso okuyiso ukwazi ukuthi uJehova unomusa, uyathethelela, futhi unothando kangakanani! Ngezeluleko eziningi, ukusekela kothando ebandleni nomoya ongcwele kaJehova, ngiye ngasizwa ukuba ngisebenzise amaqiniso eBhayibheli ekuphileni kwami. Ngiyabonga ngalokhu kudla okungokomoya okufike ngesikhathi.
T. A., United States