Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngifunde? (May 2006) Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi lesi sihloko sangisiza kakhulu. Ngawuthatha lo magazini ngaya nawo esikoleni, uthisha wami wawubona. Phakathi nokufundisa kwakhe wakhuluma ngemikhuba yokufunda futhi wababonisa le Phaphama! engifunda nabo. Wathi wayesijabulele kakhulu lesi sihloko, futhi wasikisela ukuba sifundwe yibo bonke ababekhona.
D.A.C., Brazil
Esikhathini esidlule bengivame ukufunda izihloko ezingithakazelisayo kuphela kumagazini. Manje ngenza umzamo oqotho wokufunda isihloko ngasinye, ngisho noma ekuqaleni sibonakala singangithakazelisi. Ngiye ngathola ukuthi cishe njalo ngigcina sengithanda kakhulu zona lezi ebezingangithakazelisi. Ngiyabonga kakhulu.
E. G., United States
Ngajabula ukwazi ukuthi ikhona intsha namuhla esesimweni engake ngaba kuso. Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-14 futhi manje ngineminyaka engu-40 ubudala. Kusukela ngaphambi nje kokuba ngibhapathizwe, nami ngakwenza umkhuba ukufunda amakhasi ambalwa e-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! usuku ngalunye. Nginomuzwa wokuthi ngenxa yalo mkhuba akukaze kwenzeke kube khona isihloko engingasifundi futhi ngiye ngakwazi ukulondoloza ingokomoya lami.
S. O., Japan
UMichael Servetus—Indoda Eyazimela Yodwa Ekuthungatheni Iqiniso (May 2006) Nginibonga kakhulu ngalesi sihloko esifundisayo. Sangikhuthaza kakhulu ukuba ngiqhubeke ngishumayela futhi ngimelele igama likaJehova.
M. R., Brazil
Iningi lazi uServetus njengomuntu odumile emkhakheni wezokwelapha. Nokho, lesi sihloko sembula ezinye izici ezihlaba umxhwele zobuntu balesi sazi, njengobuqotho bakhe nokufuna iqiniso. Ngiyanibonga ngokunyathelisa lesi sihloko.
M. J., Spain
Kwakubalulekile Ukulalela Izixwayiso (June 2006) Kuyajabulisa ukuba yingxenye yenhlangano kaJehova enothando. Ngifisa ukubabonga ngokusuka enhliziyweni bonke abazalwane nodade abasiza ekwakheni kabusha indlu yami, eyayilinyazwe kabi iSiphepho uKatrina. Manje isiyikhaya eligcwele uthando.
I. F., United States
Usilika—“Ukotini Wekhethelo” (June 2006) Kusukela ngisengumntwana, bengilokhu ngizibuza ukuthi usilika wakhiwa kanjani. Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho ngibona lesi sihloko kuyi-Phaphama! Ngasijabulela kakhulu, futhi ngokuqinisekile siye sandisa ukwazisa kwami indalo kaJehova.
A.C.L., Brazil
Izimpawu Eziyisixwayiso Ze-melanoma Ebulalayo (June 8, 2005) Ngokusebenzisa izithombe ezinombala ezikulesi sihloko, ngakwazi ukuzihlola futhi ngabona ibala elimnyama elisolisayo livuvukele okwatholakala ukuthi i-melanoma ebulalayo. Ngokujabulisayo, le melanoma yasuswa ngokuhlinzwa isaqala. Inhliziyo yami yambonga uJehova ngalokhu kwaziswa okusebenzayo.
K. N., Japan