Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 4/07 k. 29
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2007
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2006
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2007
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2008
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 4/07 k. 29

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Intsha Iyabuza . . . Kungani Kumelwe Ngifunde? (May 2006) Ngineminyaka engu-15 ubudala, futhi lesi sihloko sangisiza kakhulu. Ngawuthatha lo magazini ngaya nawo esikoleni, uthisha wami wawubona. Phakathi nokufundisa kwakhe wakhuluma ngemikhuba yokufunda futhi wababonisa le Phaphama! engifunda nabo. Wathi wayesijabulele kakhulu lesi sihloko, futhi wasikisela ukuba sifundwe yibo bonke ababekhona.

D.A.C., Brazil

Esikhathini esidlule bengivame ukufunda izihloko ezingithakazelisayo kuphela kumagazini. Manje ngenza umzamo oqotho wokufunda isihloko ngasinye, ngisho noma ekuqaleni sibonakala singangithakazelisi. Ngiye ngathola ukuthi cishe njalo ngigcina sengithanda kakhulu zona lezi ebezingangithakazelisi. Ngiyabonga kakhulu.

E. G., United States

Ngajabula ukwazi ukuthi ikhona intsha namuhla esesimweni engake ngaba kuso. Ngabhapathizwa ngineminyaka engu-14 futhi manje ngineminyaka engu-40 ubudala. Kusukela ngaphambi nje kokuba ngibhapathizwe, nami ngakwenza umkhuba ukufunda amakhasi ambalwa e-Nqabayokulinda noma i-Phaphama! usuku ngalunye. Nginomuzwa wokuthi ngenxa yalo mkhuba akukaze kwenzeke kube khona isihloko engingasifundi futhi ngiye ngakwazi ukulondoloza ingokomoya lami.

S. O., Japan

UMichael Servetus—Indoda Eyazimela Yodwa Ekuthungatheni Iqiniso (May 2006) Nginibonga kakhulu ngalesi sihloko esifundisayo. Sangikhuthaza kakhulu ukuba ngiqhubeke ngishumayela futhi ngimelele igama likaJehova.

M. R., Brazil

Iningi lazi uServetus njengomuntu odumile emkhakheni wezokwelapha. Nokho, lesi sihloko sembula ezinye izici ezihlaba umxhwele zobuntu balesi sazi, njengobuqotho bakhe nokufuna iqiniso. Ngiyanibonga ngokunyathelisa lesi sihloko.

M. J., Spain

Kwakubalulekile Ukulalela Izixwayiso (June 2006) Kuyajabulisa ukuba yingxenye yenhlangano kaJehova enothando. Ngifisa ukubabonga ngokusuka enhliziyweni bonke abazalwane nodade abasiza ekwakheni kabusha indlu yami, eyayilinyazwe kabi iSiphepho uKatrina. Manje isiyikhaya eligcwele uthando.

I. F., United States

Usilika—“Ukotini Wekhethelo” (June 2006) Kusukela ngisengumntwana, bengilokhu ngizibuza ukuthi usilika wakhiwa kanjani. Yeka ukuthi ngajabula kanjani lapho ngibona lesi sihloko kuyi-Phaphama! Ngasijabulela kakhulu, futhi ngokuqinisekile siye sandisa ukwazisa kwami indalo kaJehova.

A.C.L., Brazil

Izimpawu Eziyisixwayiso Ze-melanoma Ebulalayo (June 8, 2005) Ngokusebenzisa izithombe ezinombala ezikulesi sihloko, ngakwazi ukuzihlola futhi ngabona ibala elimnyama elisolisayo livuvukele okwatholakala ukuthi i-melanoma ebulalayo. Ngokujabulisayo, le melanoma yasuswa ngokuhlinzwa isaqala. Inhliziyo yami yambonga uJehova ngalokhu kwaziswa okusebenzayo.

K. N., Japan

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela