Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w84 6/1 kk. 14-15
  • UJesu Uthembisa Ukuphindukuzalwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uthembisa Ukuphindukuzalwa
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isikhathi Sokuphindukuzalwa
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • Ukuphila EPharadesi Elibuyiselwe
    I-Phaphama!—2008
  • Ukuphila Akwenza Kutholakale
    I-Phaphama!—2006
  • Ingabe Ukuphila Phakade Emhlabeni Kuyithemba Lamakristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
w84 6/1 kk. 14-15

IZwi LikaNkulunkulu Liphilile

UJesu Uthembisa Ukuphindukuzalwa

“BHEKA, thina sishiye konke sakulandela,” kusho uPetru kuJesu. “Pho, siyakutholani na?” Qaphela impendulo kaKristu ephawulekayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandelayo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu ihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili.”—Mathewu 19:27, 28.

Ngakho lapha uJesu uthembisa ukuthi uPetru nabanye abaphostoli bayobusa naye njengamakhosi, behlezi ezihlalweni zobukhosi. Kodwa nini? “Ngokuphindukuzalwa,” kusho uJesu. Kuyini LOKUPHINDUKUZALWA? Futhi kuyokwenzeka nini?

Umlando weBhayibheli walendaba efanayo ngoLuka uyasiza ukuchaza “ukuphindukuzalwa.” Ufundeka kanjena: “Wayesethi uPetru: Bheka, thina sishiye okwethu, sakulandela. Wayesethi kubo [uJesu]: Ngiqinisile ngithi kini: Akukho-muntu oshiye indlu, noma umkakhe, noma abafowabo, . . . ongayikwamukeliswa . . . nasenkathini ezayo ukuphila okuphakade.”—Luka 18:28-30.

Ngakho lapha “ukuphindukuzalwa” kufaniswa ‘nesikhathi esizayo.’ Lapho uJesu ehlala esihlalweni sakhe sobukhosi esikhazimulayo ezulwini, nalabo abayobusa naye, kulandela ukuphindukuzalwa kwesimiso sezinto esilungileyo. (2 Thimothewu 2:11, 12; IsAmbulo 5:10; 14:1, 3) Ukucabangela uhlobo lwesiqalo uNkulunkulu asinika abazali bethu bokuqala e-Edeni kuyonika umbono wokuthi ukuphindukuzalwa kuyoba njani.

UJehova uNkulunkulu wadala umbhangqwana wokuqala, uAdamu noEva, bephelele futhi wababeka ensimini yase-Edeni. Kwakuyipharadesi lenjabulo. UJehova ekuqaleni wayehlose ukuba abantu baphile phakade emhlabeni bejabulela ukuthula kweqiniso nokulondeka, okufana nalokhu okubona lapha. Nokho ukuhlubuka konakalisa lelopharadesi lokuqala, futhi, ngokuhamba kwesikhathi, kwaphumela esimisweni sezinto esibi esikhona manje.

Ingabe injongo kaNkulunkulu yokuba nomhlaba oyiPharadesi iyohlala ingagcwalisekanga? Cha, akunakwenzeka! Sinesithembiso sikaKristu ngokwakhe sokuthi isimiso esilungileyo leso isintu esaqala ngaso ukuphila kulomhlaba siyodalwa futhi. Kuyoba khona ukubuyiselwa kwezimo zase-Edeni, futhi ekugcineni lezizimo ziyokwandiswa nomhlaba wonke. Kanjalo uMdali uyolwela injongo yakhe yasekuqaleni ukuze abe nesimiso esingapheli sezinto esilungileyo. Ngokuqinisekile singajabula ngalelithemba elisekelwe eBhayibhelini!—IHubo 37:29; IsAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela