Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/09 k. 21-k. 23 isig. 5
  • I-dyslexia Ayizange Ingivimbe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • I-dyslexia Ayizange Ingivimbe
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukufunda IsiNgisi
  • Ukufunda IsiTamil
  • Ukusuka Olimini LwesiTamil Ukuya KolwesiLatvia
  • Lapho Isithiyo Siwusizo
  • Ukunqoba Ukukhungatheka Okubangelwa I-dyslexia
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 2/09 k. 21-k. 23 isig. 5

I-dyslexia Ayizange Ingivimbe

Njengoba ilandiswa nguMichael Henborg

Nginenkinga yokuphazamiseka kwekhono lokufunda okuthiwa i-“dyslexia.” Lesi sifo esiphethe ubaba, umama nabafowethu abathathu abancane, siye sakwenza kwaba nzima kimi ukufunda ulimi lwakithi lwesiDanish, futhi kwakuyinselele enkulu ukufunda esikoleni. Noma kunjalo, ngiye ngathola usizo olukhulu nesikhuthazo, ikakhulukazi kwabasekhaya.

SEKUYIZIZUKULWANE ezine umkhaya wakithi ungoFakazi BakaJehova, futhi ukufunda, ikakhulukazi iBhayibheli nezincwadi zeBhayibheli, bekulokhu kuyingxenye ebalulekile yokuphila kwethu. Mina nomfowethu omncane uFlemming sasihamba nobaba njalo siya enkonzweni yobuKristu, okwasisiza sabona ukubaluleka kokufunda nokubhala kahle.

Ngiseyingane, ngangifunda bonke omagazini be-Nqabayokulinda ne-Phaphama!, okwakuthatha amahora angaba ngu-15 ukufunda umagazini ngamunye! Ngaphezu kwalokho, ngaqala ukufunda lonke iBhayibheli. Ngabhalisa naseSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, esiqhutshwa emabandleni oFakazi BakaJehova emhlabeni jikelele. Lesi sikole siqeqesha abafundi ukuba bakwazi ukufunda nokukhuluma kahle kanye nokunikeza izinkulumo phambi kwezilaleli. Wonke la malungiselelo aye angisiza kakhulu njengoba ngilwa ne-dyslexia. Kodwa ngangingazi ukuthi ngizobhekana nezinye izinselele eziningi. Ake ngichaze.

Ukufunda IsiNgisi

Ngo-1988, lapho ngineminyaka engu-24 ubudala, ngaqala ukukhonza njengephayona, umshumayeli wezindaba ezinhle wesikhathi esigcwele. Njengoba kunabantu abaningi abathuthela eDenmark, ngangifuna ukubatshela amaqiniso eBhayibheli. Kodwa ukuze ngikwenze ngempumelelo lokho, kwadingeka ukuba ngifunde isiNgisi—okuwumsebenzi engawuthola unzima kakhulu. Noma kunjalo, ngokubekezela nokufundiswa ngasese, ngathuthuka kancane kancane, futhi ngokuhamba kwesikhathi ngakwazi ukuhlanganyela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nabantu bakwamanye amazwe abakhuluma isiNgisi edolobheni lakithi laseCopenhagen. Kuyiqiniso ukuthi ngangenza amaphutha amaningi lapho ngikhuluma, kodwa angizange ngikuvumele lokho ukuba kungenze ngiyeke.

Ukwazi isiNgisi kwangisiza nokuba ngikhonze njengevolontiya emisebenzini yokwakha yoFakazi BakaJehova emazweni ahlukahlukene. Ekuqaleni ngathunyelwa eGreece, futhi kamuva ngasiza ekwakhiweni kwegatsha laseMadrid, eSpain.

Ngenxa yokuthi ngangifuna ukwandisa ingxenye yami emsebenzini wokushumayela, ngafaka isicelo sokubhalisa eSikoleni Sokuqeqeshelwa Inkonzo, esisekelwa oFakazi BakaJehova. Lesi sikole esemfundo ekhethekile yamasonto angu-8 enikezwa amadoda angamaKristu angashadile azimisele ukwamukela izabelo ezindaweni ezinendingeko enkulu yezikhonzi zezindaba ezinhle. (Marku 13:10) Ngamenywa ukuba ngiye ekilasini lesiNgisi elalizoqhutshelwa eSweden.

Leli kilasi laqala ngo-September 1, 1994. Ngangifuna ukufika ngizilungiselele, ngakho ngangifunda isiNgisi amahora amane ngosuku izinyanga ezingaba ngu-8, ngabe sengiyohlanganyela nebandla lesiNgisi. Ngemva kokuqala kwesikole, ngenqaba ukuvumela ukukhubazeka kwami kuphazamise intuthuko yami. Ngokwesibonelo, lapho abafundisayo bephakamisa imibuzo, ngangivame ukuphakamisa isandla ukuze ngiphendule, nakuba ngangingaqiniseki ngamagama afanele okwakufanele ngiwasebenzise. Ngemva kokuthweswa iziqu, ngabelwa ukuyokhonza njengephayona eCopenhagen. Ukufunda isiNgisi kwakuyinselele enkulu, kodwa ngangisazobhekana nenselele enkulu kunaleyo.

Ukufunda IsiTamil

Ngo-December 1995, ngabelwa ebandleni elikhuluma isiTamil edolobhaneni laseDenmark okuthiwa iHerning. Ngangicabanga ukuthi isiTamil singolunye lwezilimi ezinzima kakhulu emhlabeni. Lunezinhlamvu ezingu-31, kanye nenhlanganisela yongwaqa nonkamisa abakha amabizo-ngxube, okulwenza lube nengqikithi yezinhlamvu ezingaba ngu-250!

Ekuqaleni, izinkulumo zami ebandleni ngangizenza ngesiDanish bese zihunyushwa ngesiTamil. Lapho sengiqala ukusebenzisa isiTamil ekugcineni, angiboni ukuthi ukhona owayengizwa. Noma kunjalo, izilaleli zazilalela ngenhlonipho, nakuba abaningi babefa insini. Ukuze ngifunde ngokushesha, nganquma ukuthuthela ezweni elinezigidi zabantu abakhuluma isiTamil—eSri Lanka.

Lapho ngifika eSri Lanka ngo-October 1996, leli zwe lalikhungethwe yimpi yombango. Ngahlala edolobhaneni laseVavuniya okwesikhashana, elisemngceleni ophakathi kwezinhlangothi ezimbili ezazilwa. OFakazi bendawo babempofu, kodwa uthando lwabo nomoya wokungenisa izihambi kwakukukhulu, futhi bazama kanzima ukungifundisa isiTamil. Nabangebona oFakazi bahlabeka umxhwele ngokuthi nakuba kwakuyimi kuphela umLungu kule ndawo, ngangizama ukuxoxa nabo ngolimi lwabo. Isimo sabo sengqondo sokuthobeka nokwazisa sakwenza kwaba lula ukuxoxa nabo ngeBhayibheli.

Ngo-January 1997, kwadingeka ukuba ngibuyele eDenmark, kwase kuthi ngonyaka owalandela, ngashada noCamilla owayeyiphayona. Ngangifuna ukuphindela eSri Lanka, ngakho ngo-December 1999 ngabuyela, kulokhu nginomkami. Ngokushesha, sase siqhuba izifundo zeBhayibheli nemikhaya eminingi kanye nabantu ngabanye, futhi sasihamba noFakazi bendawo lapho beya ezifundweni zabo zeBhayibheli. Sangena shí ekusebenzeni enkonzweni nasekufundeni ulimi.

Ngo-March 2000, kwadingeka ukuba sibuyele eDenmark. Kwakunzima kakhulu ukuhlukana nabanye oFakazi nabantu esasibafundela iBhayibheli, ngoba sase sibathanda kakhulu. Kodwa sasisalindwe umsebenzi omkhulu, kuhlanganise nenselele yokufunda olunye ulimi!

Ukusuka Olimini LwesiTamil Ukuya KolwesiLatvia

Ngo-May 2002, mina noCamilla esase sineminyaka emine sishadile, samenywa ukuba siyokhonza njengezithunywa zevangeli eLatvia, izwe laseYurophu elingasempumalanga yeDenmark. UCamilla wasifunda ngokushesha isiLatvia futhi wayesekwazi ukuxoxa nabantu ngemva nje kwamasonto ayisithupha! Kodwa kwakunzima ngakimi. Empeleni, kuze kube namuhla nginomuzwa wokuthi ayinkulu intuthuko engiyenzile, naphezu kwalo lonke usizo engiye ngaluthola. Noma kunjalo, ngizimisele ukuqhubeka.a

UCamilla uyaqhubeka ewuzime ngempela, futhi sobabili siyayijabulela inkonzo yethu njengezithunywa zevangeli. Empeleni, siye safunda iBhayibheli nabantu abaningi baseLatvia abathobekile. Uma ngikhohlwa amagama noma ngingasebenzisi inkulumo efanele, oFakazi bendawo nabantu esibafundela iBhayibheli bazama ukuqonda futhi bangisize ngesineke. Lokhu kungenza ngizethembe uma ngisenkonzweni yasobala nalapho nginikeza izinkulumo emihlanganweni yobuKristu.

Kungani ngiye ngamukela inselele yokufunda ezinye izilimi uma kuwumshikashika kangaka? Ngamafuphi, kungenxa yothando—hhayi lwezilimi, kodwa lwabantu. Kuyilungelo elimangalisayo ukusiza othile ukuba azi uNkulunkulu weqiniso, uJehova, futhi asondele kuye. Njengoba izithunywa zevangeli eziningi ziye zakubona ngokuphindaphindiwe lokhu, lowo msebenzi ufezeka ngokuphumelelayo uma umuntu ekhuluma nabanye ngolimi lwabo, ulimi oluthinta izinhliziyo zabo.

Kule minyaka edlule, mina nomkami siye sakwazi ukusiza idlanzana labantu ukuba lithole ulwazi olunembile lweqiniso leBhayibheli. Nokho, asizidumisi. Kunalokho, sibonga uJehova ngemiphumela emihle esiye sayibona. Phela, thina simane sitshale bese sinisela imbewu yeqiniso leBhayibheli; uNkulunkulu okhulisayo.—1 Korinte 3:6.

Lapho Isithiyo Siwusizo

Nakuba i-dyslexia iye yaba isithiyo kimi, iye yaba inzuzo futhi. Kanjani? Uma nginikeza izinkulumo ebandleni, ngithambekele ekungasebenzisini amaphuzu abhaliwe ngakho ngiyakwazi ukubheka izilaleli. Nemifanekiso ngiyisebenzisa ngokugcwele, okulula kakhulu ukuyikhumbula. Ngakho, ezicini ezithile, isimo sami siye sangisiza ukuba ngihlakulele amakhono okufundisa.

Umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “UNkulunkulu wakhetha izinto ezibuthakathaka zezwe, ukuze ahlazise izinto ezinamandla.” (1 Korinte 1:27) Ngokuqinisekile ukukhubazeka kwami kuye kwangenza ‘into ebuthakathaka’ ezicini ezithile. Kodwa njengoba mina nabanye abaningi sifundile, uJehova angasiza ekuvaleni izindawo esintula kuzo. Okudingekayo nje ukuba sibeke imigomo enengqondo, sibe nesizotha kwesikulindele, sithandazele umoya ongcwele kaNkulunkulu futhi sizame ukufeza okusemandleni.

[Umbhalo waphansi]

a Ngemva kokukhonza eLatvia iminyaka eyisithupha, abakwaHenborg babelwe ukuyokhonza eGhana muva nje.

[Ibhokisi ekhasini 22]

AYINI AMAQINISO NGE-DYSLEXIA?

Iyini i-dyslexia? Igama elithi “dyslexia” livela esiGrekini futhi lisho “inkulumo engezwakali.” Leli gama elibhekisela esifweni esingelapheki, libhekisela eqoqweni lezifo ezihlobene nolimi, ikakhulukazi ukufunda. Abantu abane-dyslexia bavame ukuba nenkinga yokuhlobanisa izinhlamvu zamagama nemisindo yawo. Kodwa izimpawu ezibonakalayo zingase zihluke kumuntu ngamunye.

Ibangelwa yini i-dyslexia? Izimbangela eziqondile azaziwa ngokugcwele, nakuba ufuzo lunomthelela. Nakuba ucwaningo lubonisa ukukhula nokusebenza kobuchopho ngendlela engafanele, i-dyslexia ayihlobene nokuhlakanipha noma ukuntula isifiso sokufunda. Empeleni, abantu abanayo ngokuvamile banesiphiwo ezintweni ezingadingi ikhono elihle lolimi.

Yelashwa kanjani i-dyslexia? Kubalulekile ukusithola ngokushesha lesi sifo. Ukuqeqeshelwa ikhono lolimi ngokuphumelelayo kuhlanganisa ukusebenzisa izinzwa ezihlukahlukene, ikakhulukazi ikhono lokuzwa, lokubona nelokuthinta. Ngakho ukuze bathuthuke ngezinga labo, abafundi abaningi badinga usizo lomuntu siqu. Bangase badinge nosizo ezinkingeni ezingokomzwelo ezihlobene nobunzima esikoleni. Ngokufundiswa kahle nokuzikhandla, abafundi abane-dyslexia bangafunda ukufunda nokubhala kahle.b

[Umbhalo waphansi]

b Indaba engenhla isekelwe ekwazisweni okutholakala kuyi-International Dyslexia Association. Bheka nesihloko esithi “Ukusiza Izingane Ezinenkinga Yokufunda,” kuyi-Phaphama! ka-January 2009.

[Isithombe ekhasini 23]

Nginomunye uFakazi eSri Lanka

[Isithombe ekhasini 23]

NginoCamilla eLatvia

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela