Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/10 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • I-dyslexia Ayizange Ingivimbe
    I-Phaphama!—2009
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2009
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 3/10 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Yini Eyenziwayo Ngenkinga Yamanzi? (January 2009) Siyangikhathaza isiphetho salesi sihloko. Kunokuba nikhuthaze abafundi balo magazini ukuba basize abanye ngokwakha imithombo, basekele izinhlelo zokonga amanzi, noma bahlolisise inkinga ngokwengeziwe, lesi sihloko sithi: “Ikhambi langempela lenkinga yamanzi lisezandleni zikaNkulunkulu, hhayi ezomuntu” futhi “‘uyokwenza konke kube kusha.’ (IsAmbulo 21:5)” Yize lokhu kuyizindaba ezikhuthazayo, bekungeke yini kube ngcono ukwenza okuthile manje? Kunezinkinga eziningi kuleli zwe. Nakuba uNkulunkulu esewahlelile amakhambi, kodwa besingeke ngonembeza okhululekile sithule sisonge izandla kuyilapho uDeveli enza akwenzayo.

S. S., United States

I-“Phaphama!” iyaphendula: Okushiwo esihlokweni esingenhla bekungahloselwe ukuchaza ukuthi abantu abanawo umthwalo wemfanelo wokuzama ukwenza izimo zibe ngcono manje. Njengoba lesi sihloko sibonisile, “uNkulunkulu unikeze abantu umthwalo wemfanelo wokunakekela le mbulunga.” Ngakho, siye sanyathelisa izihloko eziningi ezincwadini zethu ezikhuthaza abafundi balo magazini ukuba bakukhuthalele ukulondoloza imithombo yengcebo yomhlaba nokuvikela indawo esizungezile. Nokho, ngokudabukisayo imizamo yomuntu yokuvikela indawo esikuyo iye yaphazanyiswa imithetho evuna ukwandisa umnotho kunokukhathalela indawo esizungezile nobugovu nokuzicabangela abantu abangaphelele abazalwa benakho. Kungakho-ke sithi “ikhambi langempela lenkinga yamanzi lisezandleni zikaNkulunkulu.”

Umhlaba—Waklanyelwa Ukuphila (February 2009) Phakathi nale nkathi lapho abezindaba bebhala khona ngezinto ezisenza sizizwe singalondekile ngenxa yokufudumala kwembulunga yonke, ukufunda lezi zihloko kunginika ukuthula kwengqondo ngempela. Ngiye ngakhuthazwa kakhulu nawukuthi ikusasa lomhlaba alifiphele, kodwa uzokuba ipharadesi lapho abantu bengahlala khona ngokuthula kokubili ngokwenyama nangokomoya. Ngiyabonga kakhulu.

M. H., Japan

I-dyslexia Ayizange Ingivimbe (February 2009) Nami nginenkinga ye-dyslexia futhi ngeshwa bengingabuqondi ngokugcwele ubukhulu benkinga yami kwaze kwaba ngemva kokuba mina nomkami sithole isabelo sokuba izithunywa zevangeli futhi ngizama ukufunda olunye ulimi. Lesi sihloko sibe isikhuthazo esikhulu kimi, ikakhulukazi ibhokisi elisekhasini 22, elingisize ukuba ngiqonde inkinga yami. Kungikhuthazile ukufunda ngendlela uMichael Henborg afunde ngayo izilimi eziningi. Ngiyabonga kakhulu.

M. M., Tanzania

Intsha Iyabuza . . . Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kujabulise? (April 2009) Angiboni kahle emehlweni futhi ngisebenzisa i-Braille esikoleni. Ngiyazijabulela ngempela izincwadi zenu ezingisizé ukuba ngibhekane neziningi zezinkinga zami. Ngivame ukulalela amakhasethi nama-CD enu ngaphambi kokulala. Lokho kungenza ngilale ngicabanga izinto ezinhle. Ngilalele lesi sihloko izikhathi ezingaba zinhlanu futhi ngathola namacebiso okuthuthukisa isifundo sami somuntu siqu.

S. H., France

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela