Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
Imiqulu Yasendulo—Itholakala Kanjani Inkathi Eyalotshwa Ngayo? (February 2008) Singiphathe kabi lesi sihloko. Mina ngazi ukuthi u-C.E. usho “iNkathi Evamile” u-B.C.E usho ukuthi “Ngaphambi KweNkathi Evamile.” Kuyo yonke iminyaka yami engu-70, ngibone inkulumo ethi B.C. nethi A.D. isetshenziswa njengenkomba yesikhathi, zibhekisela esikhathini sangaphambi nangemva kokuzalwa kukaJesu. Kimina kubonakala sengathi ukusebenzisa uB.C.E. kuphika ukuzalwa kukaJesu ngandlela-thile.
R. W., United States
I-“Phaphama!” iyaphendula: Nakuba u-A.D. (Anno Domini, okusho ukuthi “ngonyaka weNkosi”) noB.C. (ngaphambi kukaKristu) kusetshenziswa emazweni okwande kuwo abantu abathi bangamaKristu sikhethe ukusebenzisa inkulumo ethi C.E. (Common Era [iNkathi Evamile]) nethi B.C.E. (Before the Common Era [Ngaphambi KweNkathi Evamile]). Ngani? Okokuqala, kunobufakazi obuningana obubonisa unyaka ka-2 B.C.E. njengosuku lokuzalwa kukaJesu. Okwesibili, izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova zisakazwa ngezilimi ezifundwa abantu abangewona amaKristu. Okwesithathu, isiqu esithi “Kristu” sisho “Ogcotshiwe.” UJesu waba uMesiya, noma uKristu, lapho egcotshwa ngomoya kaNkulunkulu ngesikhathi abhapathizwa ngaso ngo-29 C.E. (Mathewu 3:13-17) Ngaleyo ndlela, uJesu akazalwanga enguKristu; waba uKristu ngonyaka abhapathizwa ngawo. Ngokuphawulekayo, izincazelo zenkulumo ethi C.E. nethi B.C.E. liyanda izinga ezisetshenziswa ngalo, futhi zivela cishe kuzo zonke izichazamazwi zanamuhla kuhlanganise nasemisebenzini eminingi yezazi. Sicela uqiniseke ukuthi oFakazi BakaJehova babheka uJesu nomhlatshelo wakhe njengezinto ezibaluleke kakhulu ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu nasekusindisweni kwethu.
Intsha Iyabuza . . . Ngingakubekezelela Kanjani Ukugula? (February 2008) Angikwazi nokuchaza ukuthi ngikwazisa kanjani ukuthola lesi sihloko ngesikhathi esifanele! Ngagula kakhulu ngalala esibhedlela amasonto amathathu. Bengisanda kuphuma nje esibhedlela lapho ngithola lo magazini. Ngikuqonda kahle lokho eyabhekana nakho intsha okukhulunywa ngayo kulesi sihloko. Ngiyanibonga ngezibonelo ezikulesi sihloko nangeseluleko.
K. P., Canada
Kwayithinta kakhulu inhliziyo yami ukuthi uJehova uNkulunkulu unikeza induduzo, ngisho nakulabo abakhubazekile njengami. Lapho ngisemncane, kwatholakala ukuthi ngine-cerebral palsy. Nakuba ngingakwazi ukuhamba, ngiyiphayona elisizayo. Ngibheke phambili esikhathini lapho bonke abakhubazekile ‘beyoqombola njengendluzele,’ emhlabeni ozayo oyiPharadesi.—Isaya 35:5, 6.
J. J., Republic of Korea
Ngisifunda njalo lesi sihloko. Ngavele ngakhala, lapho ngizwa uthando lukaJehova. Kwaba sengathi usisonge ngengubo efudumele ukuze singalinyazwa lutho. Ngiyabonga kakhulu.
M. T., Japan
Ukufa—Ingabe Kuwukuphela Ngempela? (December 2007) Ngangisanda kushonelwa umama ezinyangeni ezimbalwa, futhi incazelo ekulezi zihloko, ikakhulukazi izithembiso ngovuko, zayithinta ngempela inhliziyo yami. Ngiyabonga kakhulu. Zangiduduza futhi zangikhuthaza.
M. R., Madagascar