Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 3/09 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxabano Phakathi Kwamabhubesi Nabantu
  • Ukuvunjululwa Kwezinqolobane ZaseGibhithe Lasendulo
  • Iphepha Eliqine Njengensimbi
  • Ugodo Olusiza Ukugcina Abantu Bephapheme!
    I-Phaphama!—1990
  • Amabhubesi—Amakati Ase-Afrika Amakhulu Anomhlwenga
    I-Phaphama!—1999
  • Ingabe Bewazi?—May 2015
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • Ihhovisi Eliyindida Elingasebenzisi Phepha
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 3/09 k. 29

Ukubuka Okwezwe

◼ Ucwaningo olunzulu lwempilo yezixhobo zamakhorali lubonisa ukuthi amaphesenti angu-32,8 alezo ezaziwayo “asengozini enkulu yokushabalala” ngenxa yokushintsha kwesimo sezulu noma ngenxa yabantu.—I-SCIENCE, E-U.S.A.

◼ Ezinganeni ezingaphezu kuka-2 000 ezinezinkinga eziphathelene nokuphefumula ezisesibhedlela sezingane e-Athens, eGreece, “kwatholaka ukuthi amaphesenti angaba ngu-65 azo ahogela intuthu kagwayi komunye noma kubo bobabili abazali bazo.”—I-KATHIMERINI—ENGLISH EDITION, EGREECE.

◼ “Ukunyuka kwentengo kawoyela, nokuphakama kwezindleko zokuphila, . . . nokusongela kokuwa komnotho . . . , nensakavukela yezinhlekelele zemvelo ezibonisa ukuthi asikwazi ukuzivikela: kuyacaca ukuthi asinaso futhi ngeke sibe naso isixazululo salezi zinkinga.”—ULLUÍS MARIA DE PUIG, UMONGAMELI WOMKHANDLU WESIGUNGU SEPHALAMENDE LASEYUROPHU.

◼ EPoland, amaphesenti angu-17 abafana nangu-18 amantombazane asuke esekuzamile ukusebenzisa izidakamizwa lapho efinyelela iminyaka engu-15 ubudala.—I-ŻYCIE WARSZAWY, EPOLAND.

Ingxabano Phakathi Kwamabhubesi Nabantu

Njengoba inani labantu landa e-Afrika, indawo yokuhlala yezilwane iyancipha, okubangela ‘ukuvama kwezingxabano ezinobudlova,’ ngokusho kukamagazini waseKapa i-Africa Geographic. Amabhubesi ngokuyinhloko, “abonakala ebheka abantu njengezisulu zawo.” Ngokwesibonelo, eTanzania, amabhubesi asebulale okungenani abantu abangu-70 unyaka ngamunye kusukela ngo-1990. Ngokusho kwalo magazini kwezinye izimo, imihlambi yamabhubesi ize “izingele abantu, ibahlasele kovulandi bezindlu zabo zotshani futhi ifohle ophahleni lotshani idilize nezindonga ezingaqinile zodaka.”

Ukuvunjululwa Kwezinqolobane ZaseGibhithe Lasendulo

Abavubukuli base-University of Chicago abasebenza eningizimu yeGibhithe bavumbulule izinqolobane eyisikhombisa ezinokusanhlamvu zasendulo, ezinkulu kunazo zonke ezaziwayo kulelo zwe. Izinto zobuciko ezitholakale eduze nalapho zisize abavubukuli ukuba bathole ukuthi lezi zinqolobane zakhiwa phakathi kuka-1630 no-1520 B.C.E. Uma le nkathi inembile, lezi zinqolobane zazikhona ngosuku lukaMose. Lezi zinqolobane ezakhiwe ngezitini zodaka, ezibanzi ngamamitha angu-5,5 kuya ku-6,5 futhi okungenzeka zingamamitha angu-7,5 ukuphakama, zaziyingxenye yesikhungo sendawo sokwabiwa kokudla. Umbiko wale nyuvesi ngokutholile uthi lezo zikhungo “zazisebenza njengezindawo lapho isivuno sesigodi saseNayile sasigcinwa khona ukuze sisetshenziswe umbuso. Okusanhlamvu njengoba kunjalo ngemali kwakubanikeza amandla ofaro.” Lo mbiko wanezela ukuthi “ngenxa yokuthi okusanhlamvu kwakufana nemali izinqolobane zazisebenza njengamabhange nanjengomthombo wokudla.”

Iphepha Eliqine Njengensimbi

Abacwaningi baseSwedish Royal Institute of Technology baye basungula indlela yokukhiqiza iphepha ngemicu yokhuni elondoloza ukuqina kwayo okungokwemvelo. Indlela evamile yenqubo yokugaya ukhuni lapho kwenziwa iphepha ilimaza le micu emincane yokhuni bese iyithambisa kakhulu le micu. Kodwa iqembu laseSweden liye laphumelela ekuhlukaniseni imvuthu yokhuni ngama-enzyme lase ngesineke liyikhipha ngamanzi le micu lisebenzisa umshini. Lapho le micu engalimele ikhishwa emanzini iyabumbana, yakhe iphepha eliqine ukudlula insimbi ebunjiwe futhi eliqine ngezinga elithi alifane nelezinsimbi zokwakha.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela