Ngubani Ophendulayo Uma Ushaya Ucingo Ezimweni Eziphuthumayo?
Ngokuqhafaza inkinobho, kukhanya amalambu ezimo eziphuthumayo e-ambulense yethu, abonakale kwezinye izimoto nasemafasiteleni ezakhiwo. Inhlaba-mkhosi evala izindlebe ibangela ukuba izimoto nabantu kume nse, ukuze imoto yethu ikwazi ukuthubeleza iye lapho kunesimo esiphuthumayo khona.
SEKUYIMINYAKA engaphezu kwengu-20 ngisebenza emnyango wezimo eziphuthumayo, nginikeza usizo lwezokwelapha olusheshayo kubantu abagulayo nabalimele ngaphambi kokuba bayiswe esibhedlela.a Usuku ngalunye lunjengokugwedla emfuleni ongawazi ukuthi ugelezela ngakuphi. Izimo engibhekana nazo ziyahlukahluka kusuka kwezivamile kuya kwezingajwayelekile neze, futhi ngiye ngabona imiphumela esukela eziphethweni ezijabulisayo kuya ezinhlekeleleni ezingachazeki.
Umphumela Okunawo Emphakathini
Izisebenzi zosizo oluphuthumayo zinendima ebaluleke kakhulu emkhakheni wezempilo eCanada. Usizo lwezempilo olunikezwa izisebenzi ezifanelekayo ngaphambi kokuba isiguli siyiswe esibhedlela lungasindisa ukuphila noma lunciphise umonakalo omkhulu obangelwa izingozi nokugula.b
Ezindaweni eziningi izisebenzi zezimo eziphuthumayo zisebenza amahora angu-24 ngosuku, izinsuku ezingu-365 ngonyaka. Zingase ziqashwe umasipala, izinkampane ezizimele noma umnyango wezinkonzo eziphuthumayo ongaphansi kwesibhedlela esithile. Ezinye zisebenza emkhakheni wama-ambulense noma emnyango wezicisha-mlilo.
La madoda nabesifazane abaqeqeshwe ngokukhethekile basabela ngokushesha ngemva kokungena kocingo oluphuthumayo. Lokhu kungenzeka nganoma isiphi isikhathi, ngaphandle kwesixwayiso. Cabangela lokho isisebenzi sezimo eziphuthumayo esiqeqeshelwe ukukwenza.
Siqeqeshelwe Ukusindisa Ukuphila
Nakuba ukuqeqeshwa kwalezi zisebenzi namagama asetshenziswayo ekukuchazeni kuhlukahluka ezifundeni zaseCanada, ngokuvamile kuhlukaniswe ngezigaba ezine. Imikhakha ehlukene kahulumeni nezikhulu zezokwelapha zifuna izincwadi ezifakazela ukuthi umuntu uqeqeshiwe njengesisebenzi sezimo eziphuthumayo.
Esimweni sami njengoba ngilapha eCanada, ukuqeqeshwa okuyisisekelo kwakuhlanganisa amahora amaningi ezifundo zasekilasini, esibhedlela nakuyi-ambulense. Safunda indlela yokuhlola izimpawu ezisemqoka, ukusebenzisa imishini yokuphefumula nendlela yokuphefumulisa umuntu oqulekile (CPR), kanye nendlela yokubhandisha nokubopha izinhlaka zokusekela amathambo nomgogodla.
Kwabe sekulandela amanye amahora angu-300 okuqeqeshwa okukhethekile ngisebenza ngeziguli egumbini lezimo eziphuthumayo, kwelababangwa nezibi nakwelababelethayo ezibhedlela ezihlukahlukene. Mhla ngiqala ukusiza umuntu ebeletha lokho kwakuyisenzakalo engingasoze ngasikhohlwa—kwakunjengokuhlanganyela entweni eyisimangaliso! Lesi senzakalo nezinye sangisiza ukuba ngilungele isigaba esilandelayo sokuqeqeshwa kwami, okwakuhilela amahora angaphezu kwangu-300 okusebenza ngokoqobo kuyi-ambulense ngaphansi kwezisebenzi ezimbili ezingomakadebona ezazingiqondisa futhi zingisekela. Ngemva kokuphumelela ekuhlolweni okubhalwayo nokwenziwa ngokoqobo, ngathola isitifiketi sokuba umsizi ezimweni eziphuthumayo, manje obizwa ngokuthi i-primary care paramedic.
Ngasebenza ezindaweni zasemaphandleni nezasemadolobheni iminyaka ethile. Ngokushesha ngafunda ukuthi amakhono ami okusindisa ukuphila ayebalulekile lapho isisebenzi esithile sezokwakha sifika egumbini lezimo eziphuthumayo esibhedlela sikhala ngobuhlungu besifuba. Ngemva nje kokuba ifikile, le ndoda yamelwa inhliziyo. Ngasebenza nodokotela nabahlengikazi abenza inqubo ye-CPR neyokusiza inhliziyo ukuba ishaye futhi bamjova ngemithi ethile. Kungakapheli nemizuzu ethile, inhliziyo yesiguli yaqala ukushaya futhi sakwazi ukuphefumula. Sabe sesiyiswa egumbini lababangwa nezibi (i-CCU). Ngakusasa, ngathunyelwa e-CCU, lapho udokotela angethula khona kumlisa othile owayehleli embhedeni exoxa nomkakhe. Ngangingamboni kwaze kwaba ilapho ethi: “Usang’ khumbula? Usindise ukuphila kwami izolo!” Lokho kwangijabulisa kakhulu.
Isigaba sokugcina sokuqeqeshwa kwami sasihlanganisa ukusebenza nodokotela owayesebenza nami amahora angu-12 ebheka indlela engihlola ngayo iziguli. Ekugcineni, ngaphumelela kukho kokubili ukuhlolwa okubhalwayo nokwenziwa ngokoqobo futhi ngathola isitifiketi sokuba isisebenzi sezimo eziphuthumayo sezinga eliphezulu.
Izisebenzi zezimo eziphuthumayo zisebenza ngaphansi kwegunya lomqondisi wezokwelapha, ovame ukusebenza nekomiti eluleka abezokwelapha ukuze basungule izinhlelo ezibhalwe phansi zokwelapha. Usizo lokwelapha okuphuthumayo olunikezwa yilezi zisebenzi lusekelwe kulezi zinhlelo, noma zisebenza ngokuxhumana ngokuqondile ngo-ova noma ngocingo neqembu elikhethekile lodokotela. Ngenxa yalesi sizathu, izisebenzi zezimo eziphuthumayo zichazwa ngokuthi amehlo, izindlebe nezandla zikadokotela. Ukwelapha umuntu ekhaya, ezakhiweni zomphakathi, noma endaweni yengozi yemoto kungahlukahluka kusukela ekumnikeni umoya-mpilo, ukumjova ngemithi nokusiza inhliziyo ukuba ishaye kuya ekumfakeni ishubhu lokudonsa igazi nokuhlinza.—Bheka ibhokisi elithi “Amakhono Okwelapha Ezisebenzi Zezimo Eziphuthumayo,” ekhasini 15.
Izingozi Nezinselele
Izingozi nezinselele kuyingxenye yokuphila kwansuku zonke kwesisebenzi sezimo eziphuthumayo. Kusetshenzwa ngaphansi kwazo zonke izimo zezulu, kanti ngezinye izikhathi, ngisho nasezindaweni noma ezimweni ezingaphephile. Ngisho nokuya endaweni edinga usizo oluphuthumayo kungaba ingozi.
Kuhlale kunengozi yokuthinta igazi, uketshezi lomzimba nokuchayeka ezifweni ezithathelwanayo. Ukuze sizivikele, sigqoka izinto zokuphepha ezinjengamagilavu, izivikela-buso noma izibuko, kanye nezingubo ezikhethekile uma kudingeka.
Ukunakekela iziguli kuhlanganisa ukusebenzelana namalungu emikhaya yazo, abangane ngisho nabantu ongabazi, abangase basabele ngendlela eyeqisayo noma engalindelekile. Kubanga usizi uma indoda nomkayo asebechithe amashumi eminyaka ndawonye behlukaniswa ukufa. Akulula ukutshela lowo osaphila. Kwake kwadingeka ngazise owesifazane othile ukuthi umyeni wakhe ushonile. Wavele wangishaya ngesibhakela futhi waphuma endlini egijima, ebangalasa. Ngakwazi ukumfica, futhi waphenduka wangibamba, wabe esekhala kamunyu.
Ukusebenzelana nabantu abahlukumezekile ngokomzwelo noma abaphuze utshwala noma abadle izidakamizwa kudinga uzwela, isu lokungacunuli nesihawu. Ngeke wazi ukuthi abantu abakulesi simo bazoziphatha kanjani. Kulo msebenzi wami, iziguli ziye zangiluma, zangifela ngamathe futhi zangishaya ngenxa yokungakwazi ukuzibamba.
Lo msebenzi uyakhandla nangokomzimba, ngoba njalo uthwala izinto ezisindayo, ngezinye izikhathi ngaphansi kwezimo ezinzima. Sichitha isikhathi esiningi siguqile futhi sigobile lapho sisiza iziguli. Silimala njalo lapho sisebenza. Sivame ukulimala iqolo, amahlombe namadolo. Ezinye izingozi ziba zimbi kangangokuba zingenza umuntu angabe esakwazi ukusebenza. Kulindeleke nokuba umuntu asebenze amashifu, kanti ayakhathaza.
Ukunakekela abantu abanezifo noma izingozi ezisongela ukuphila kuyakhandla ngokwengqondo nangokomzwelo. Isisebenzi sezimo eziphuthumayo kumelwe sihlale sizolile, sihluzeke engqondweni futhi senze izinqumo ezihluzekile ngesikhathi sezinhlekelele. Lezi zisebenzi zikubona njalo ukuhlupheka nosizi lwabantu. Zibona futhi zinakekele abantu abalimele kabi. Ngisayikhumbula kahle insizwa ethile eyalimala engozini embonini ethile. Njengoba sonke esingezansi sayo sasilimele kusukela esifubeni kwehle, yasincenga mina nozakwethu ukuba singayiyeki ife. Ngokudabukisayo, nakuba senza umzamo oqotho sikanye nodokotela nabahlengikazi, yashona lingakapheli nehora.
Ezinye izinto esizibonayo zizwisa ubuhlungu ngempela. Sabizwa ngokuphuthumayo ekuseni kusha indlu ethile. Indoda yayisanda kufika ekhaya ivela emsebenzini njengoba umkayo nendodakazi yabo eneminyaka emithathu bebaleka endlini eyayisha. Ezinye izingane ezintathu, ezazinobudala obusukela ezinyangeni ezine kuya eminyakeni emihlanu, kanye nomkhulu wazo babevaleleke ngaphakathi kwaze kwafika abacishi bomlilo babakhipha endlini. Ngangiphakathi kwamaqembu ambalwa ezisebenzi zezimo eziphuthumayo ezahluleka ukusindisa ukuphila kwabo.
Mhlawumbe kuleli qophelo uyazibuza ukuthi kungani umuntu engafuna ukuba isisebenzi sezimo eziphuthumayo. Nami ngike ngizibuze lowo mbuzo. Ngiye ngikhumbule umfanekiso kaJesu womSamariya olungileyo owazidela ukuze asize indoda eyayilimele. (Luka 10:30-37) Ukuba isisebenzi sezimo eziphuthumayo kuhilela ukuzidela ngokomzimba nangokomzwelo ukuze usize othile. Kimina, ukuba isisebenzi sezimo eziphuthumayo kuye kwaba umsebenzi owanelisayo, kodwa ngibheke phambili ekuphelelweni umsebenzi. Ngani? Ngoba uNkulunkulu uthembisa ukuthi maduzane akekho oyothi: “Ngiyagula.” Ngaphezu kwalokho, ‘ukufa nobuhlungu ngeke kusaba khona.’ (Isaya 33:24; IsAmbulo 21:4)—Njengoba ilandiswa isisebenzi sezimo eziphuthumayo eCanada.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole ukwaziswa ngezimo okungenzeka ziphazamise unembeza womKristu osebenzela umnyango wezimo eziphuthumayo, bheka INqabayokulinda ka-April 15, 1999, ikhasi 29, neka-October 1, 1975, amakhasi 447-448.
b Kwamanye amazwe ama-ambulense awanazo izisebenzi zosizo oluphuthumayo. Kulezo zindawo, kuwumthwalo womshayeli we-ambulense ukuyisa isiguli esibhedlela ngokushesha ngangokunokwenzeka.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
Ngangingamboni kwaze kwaba ilapho ethi: “Usang’ khumbula? Usindise ukuphila kwami izolo!” Lokho kwangijabulisa kakhulu
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
Kulo msebenzi wami, iziguli ziye zangiluma, zangifela ngamathe futhi zangishaya ngenxa yokungakwazi ukuzibamba
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 15]
AMAKHONO OKWELAPHA EZISEBENZI ZEZIMO EZIPHUTHUMAYO
Isisebenzi sezimo eziphuthumayo siqeqeshelwe ukuqiniseka ukuthi umgudu wokuphefumula wesiguli uvulekile, ukuze kungene umoya emaphashini. Lokhu kungase kudinge ukuba kufakwe ishubhu emlonyeni lidlule egilweni lehle ngoqhoqhoqho, kusetshenziswa i-laryngoscope (ishubhu elinesibani esincane). Noma kungase kudingeke i-cricothyrotomy, kusetshenziswa inaliti, ipayipi elincane, ucingo kanye nommese ukuze kufakwe ipayipi elikhulu entanyeni yesiguli liye ngokuqondile kuqhoqhoqho. Kuye kufakwe inaliti nepayipi esifubeni ukuze kulungiswe inkinga yokuvaleka kwamaphaphu esongela ukuphila.
Elinye ikhono ukwelapha ngokumpompela uketshezi oluthile. Kusetshenziswa inaliti ukuze kufakwe ipayipi emthanjeni. Kanjalo, kungampontshelwa uketshezi olunjenge-saline evamile. Kokunye, kungase kusetshenziswe umshini ofaka uketshezi ngokuqondile emnkantsheni.
Isisebenzi sezimo eziphuthumayo singase sisebenzise umshini wenhliziyo ukuze sibheke ukushaya kwenhliziyo yesiguli. Ngaphezu kwalokho, lo mshini ungase usetshenziselwe ukusiza inhliziyo iphinde ishaye noma ukwehlisa amandla okushaya kwayo. Lo mshini wenhliziyo ungasetshenziswa okwesikhashana ukuze wenyuse amandla okushaya kwenhliziyo eshayela phansi.
[Umthombo]
All photos: Taken by courtesy of City of Toronto EMS
[Umthombo Wesithombe ekhasini 12]
Taken by courtesy of City of Toronto EMS