Izibhedlela—Lapho Uyisiguli
“Lapho ngilaliswa esibhedlela okokuqala, ngokungazelele ngezwa sengathi ngangingasakulawuli ukuphila kwami, njengokungathi ngangingesinye nje isibalo.”—Marie G.
“Ngikhumbula ukuya kwami kokuqala njengesiguli. Ngazizwa ngisengozini futhi ngingalondekile neze.”—Paula L.
WAKE waba isiguli esibhedlela futhi waba nokusabela okungenhla? Kungakhathaliseki ukuthi wake waba yiso noma cha, kufanele uvume ukuthi abantu abaningi banesikhathi esincane abasichitha becabanga ngokuba isiguli. Nokho, lokho kungase kwenzeke kuwe ngolunye usuku. Ngokwesibonelo, ngo-1987 imibiko ibonisa ukuthi esibhedlela eUnited States kwakulaliswa umuntu oyedwa kwabangu-7. Lawomanani awafani kuwo wonke umhlaba. Nokho, njengomuntu ohlakaniphile, yimaphi amalungiselelo okumelwe uwenzele lokho okungase kukwehlele?
“Indlela eyodwa ebaluleke kakhulu yokuvikela impilo yakho iwukuqiniseka ukuthi ukulaliswa esibhedlela kuyadingeka,” kuphawula uDkt. Sidney Wolfe, umqondisi weQembu Elicwaninga Ngempilo Yezakhamuzi Zomphakathi. Kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi, uma ugula, unelungelo kanye nesibopho sokutshelwa ngamaqiniso enkinga yakho yempilo. Ngokuvamile udokotela wakho angase akwazi ukukunikeza izimpendulo ezanelisayo.
Kodwa uma kukhona noma imuphi umbuzo, kutuswa ukuba kutholwe omunye umbono wangaphandle ongathonyiwe. Kwamanye amazwe, izinkampane zomshuwalense zize ngisho zidinge imibono yesibili ngaphambi kokuba zikhokhele izinhlobo ezithile zokuhlinzwa okukhulu. Futhi akukhona okungaziwa ukufuna umbono wesithathu ukuze kuxazululwe ukungavumelani kwemibono ngokupopola kanye nokwelashwa. Iphuzu elibalulekile liwukuthi: Kungakhathaliseki ukuthi kunombono owodwa noma emibili noma engaphezulu, isiguli esihlakaniphile sithatha isikhathi sizinqumela ukuthi kunesidingo yini noma kuhlakaniphile yini ukwelashwa ngendlela ehlongozwayo.
Ukulaliswa Ngenxa Yesimo Esiphuthumayo
Njengoba kungase kulindelwe, esimweni esiphuthumayo, singase singabikhona isikhathi sokuthola ukutusa okuhlukahlukene kwezokwelapha. Kungenzeka nokuthi isiguli sesiyinto nje siqulekile, asikwazi ukukhuluma noma ukubhala lapho silethwa esibhedlela. Ngezinye izikhathi odokotela kufanele benze ngokushesha, ngisho nangaphambi kokuba kutholwe izihlobo ukuze kwaziwe izifiso noma okuthandwa isiguli. Izimo ezinjalo zigcizelela izizathu ezenza ukucabanga kusengaphambili kanye nokuhlela kube okubaluleke ngokukhethekile.a
Ngesiguli esingomunye woFakazi BakaJehova, lokhu kuhlanganisa ukuphatha ngazo zonke izikhathi iMedical Directive/Release Document esanda kusayinwa. Kulelikhadi isiguli sizwakalisa kusengaphambili izifiso zaso ngokunakekelwa okungokwezokwelapha futhi sinikeze ukwaziswa okubalulekile ukuze izisebenzi zezokwelapha zikwazi ukuxhumana nezihlobo noma abanye abazaziyo izifiso zaso. Nakuba lingenakuhlanganisa zonke izimo okungenzeka ziphakame, lelikhadi elibalulekile lisebenza njengencwadi engokomthetho ekhulumayo lapho wena ungasakwazi ukukhuluma.
Kuwusizo kakhulu futhi uma, esimweni esiphuthumayo, umngane oseduze noma isihlobo esijwayelene nalokho othanda kwenziwe lapho welashwa kanye nezinkolelo zakho singeza esibhedlela ukuze sikusekele. Kungakhathaliseki ukuthi lokho kungenzeka ngokushesha noma cha, iMedical Directive/Release Document egcwaliswe kahle ngolunye usuku ingase ibe isihluthulelo ekuvikeleni amalungelo akho.
Ngisho noma umuntu engesona isikhonzi esibhapathiziwe soFakazi BakaJehova futhi engenalo lelikhadi, angalungiselela inkulumo efanayo elotshiwe (kutuswa ukuba ibhalwe ngomshini). Lenkulumo kufanele ichaze izifiso zakhe ngokuphathelene nokwelashwa, isho noma imiphi imingcele, futhi ibonise ukuthi ubani okufanele athintwe esimweni esiphuthumayo.
Ukugcwalisa Amafomu Nezinkulumo Ezilotshiwe
Amalungelo esiguli ahlukahluka kakhulu kuwo wonke umhlaba. (Bheka ibhokisi, ikhasi 7.) Kwamanye amazwe lamalungelo aye anda ngokuphawulekayo eminyakeni yamuva; udokotela akavunyelwe ukuba anikeze noma ikuphi ukwelashwa ngaphandle kwemvume yesiguli, ngokuvamile eboniswa ngokulotshwa phansi. Lesi singesinye sezizathu ezenza izibhedlela zibe namafomu azo siqu ezifuna ukuba uwasayine. Uma kunjalo endaweni yakini, okulandelayo kufanele kusize.
Kufanele uwafunde ngokucophelela okukhulu wonke amafomu ngaphambi kokuba uwasayine ngenxa yokuthi ukusayina kwakho kusho ukuthi uyavuma, unikeza imvume, kunoma ikuphi ifomu elikushoyo. Ungavumeli muntu ukuba akuphoqelele ukuba usayine ifomu lokulaliswa esibhedlela, noma ifomu lokuvuma ukwelashwa, ngaphandle kokulifunda ngokucophelela. Uma ungavumelani nengxenye yefomu elisetshenziswayo, cisha leyongxenye ngokudweba umudwa ngaphezu kwayo. Ngisho nakuba othile ephikelela ngokuthi liyifomu lesibhedlela futhi alinakushintshwa, kodwa liyisivumelwano esingokomthetho, futhi awunakusayiniswa noma yini ongavumelani nayo. Nakuba ungafuni ukuba njengomuntu ongenangqondo, kubalulekile ukuba ungavumi ukuyekelela kulendaba—unelungelo lokwenqaba nelokuvuma noma iyiphi ingxenye yefomu.
Ikakhulukazi ngokuphathelene nokuvuma ukuhlinzwa noma yinoma ikuphi ukusetshenziswa kwegazi, hlolisisa isigaba ngasinye ngokucophelela. Abanye boFakazi BakaJehova baye bashaqeka ngalokho abaye bakuthola efomini lasesibhedlela lelo okwakuthiwa lilungiselelwe bona kuphela. Nakuba ekuqaleni lalithi izifiso zesiguli ngokuphathelene negazi ziyohlonishwa, isigaba esilandelayo sasisho okuthile okunjengalokhu, ‘Esimweni esiphuthumayo noma uma udokotela enomuzwa wokuthi kudingekile, unelungelo lokumpompela igazi.’ Ngaphezu kwalokho, njengoba iZwi likaNkulunkulu leluleka amaKristu ukuba ayeke igazi, kuwumkhuba omuhle ukubhala ukuthi “Angikufuni Ukumphontshelwa Igazi” kuwo wonke amaphepha alethwa kuwe. (IzE. 15:28, 29) Lokho kuyokwenza ukuma kwakho kucace kuzo zonke izisebenzi. Iqiniso liwukuthi, inani elandayo leziguli liyalenqaba igazi ngenxa yokuthi lifuna ukugwema ingozi yokungenwa isifo sokusha kwesibindi, ingculaza, noma ezinye izifo ezibulalayo.b
Kwamanye amazwe iziguli zinamalungelo amancane kunalawo achazwe ngenhla. Kunezindawo lapho udokotela ewumthetho ngokwakhe, futhi iziguli ngandlela thize zibhekwa njengezisemseni wakhe. Omunye udokotela wasezweni elisentshonalanga wavakashela izwe laseAfrika futhi waphawula: “Nami ngokwami ngangingayilungele indlela odokotela neziguli abasabela ngayo . . . Iziguli ngokwazo zazingakhulumi ngaphandle kokuba kukhulunywe nazo. Zazingababuzi lutho odokotela bazo.” Nakuba lelosiko lalingakwenza kube nzima kakhulu ngesiguli, umKristu ohlakaniphile nalapho—ngenhlonipho kodwa ngendlela eqinile—ubeyophikelela ngokuthi ilungelo lakhe njengomuntu eliyisisekelo lokwethembeka emzimbeni wakhe kanye nelokuhlanganyela ezingxoxweni ezithinta impilo yakhe kufanele lihlonishwe.
Ukukhuluma Nezisebenzi Zezokwelapha
Udokotela wakho kufanele abe ummeli wakho oyinhloko kanye nomthombo wokwaziswa; khona-ke, okuningi kungase kuxhomeke endleleni okhethe ngayo udokotela ngokucophelela. Omunye umlobi uyaphawula: “Yazi ukuthi odokotela bafana nawo wonke umuntu. Bakwenza ngokugcwele okuhle nokubi [lokho] thina sonke esikwenzayo. Odokotela abaningi bazama ukuzenzela okungcono kakhulu iziguli zabo, kodwa abanye benziwe ukuba bakholelwe ukuthi banegunya lokukwenzela izinqumo. Uma izinkolelo zikadokotela noma ubuntu bungqubuzana nobakho, thola omunye udokotela.”
Zama ukuba imibuzo yakho iphendulwe ngokugcwele futhi nangendlela ekwenelisayo ngaphambi kokuba uvumele noma ikuphi ukwelashwa. (Bheka ibhokisi, ikhasi 8.) Uma kukhona okuthile ongakuqondi, ungabi namahloni okusho. Cela ukuba incazelo icaciswe, hhayi ngolimi olungokwezokwelapha. Kungaba ukuhlakanipha futhi uma phakathi nengxoxo nodokotela, uzwakalisa ukwazisa okuqotho ngokuqonda kwakhe ukuma kwakho okusekelwe ezinkolelweni zakho ezingokwenkolo.
Zama ukwakha ubuhlobo obunobungane nezisebenzi zasesibhedlela ezisebenzelana nawe, njengabahlengikazi, ngoba bangaba usizo olukhulu futhi kufanele babenjalo ekukunakekeleni nasekululameni kwakho. Lapho beletha imithi noma imijovo, qikelela ukuthi eyakho ngempela. Lesi isinyathelo sokuhlakanipha okusebenzayo, ngoba naphezu kwezinhloso ezingcono kakhulu, amaphutha ayenzeka.
Ngokunokwenzeka izisebenzi zasesibhedlela ziyobonakala zimatasa kakhulu, kodwa khumbula ukuthi eziningi zazo zakhetha loluhlobo lomsebenzi ngenxa yokuthi ziyabakhathalela abantu futhi ngobuqotho zifuna ukusiza. Ungabambisana nazo uma uzama ukuveza ngokucacile izidingo noma izifiso zakho. Akukho mhlengikazi (noma ubani omunye ezisebenzini) onelungelo lokukukhaca, njengokuthi: “Uzofa uma ungakwamukeli lokwelashwa.” Bika noma ikuphi ukukhacwa okunjalo kubaphathi besibhedlela, kanye nasezihlotsheni noma isikhonzi okanye naso; bangase babe sesimweni sokukukhulumela.
Kuthiwani Uma Kuphakama Inkinga?
Kuye kwaba khona izikhathi lapho, naphezu kokusebenzisa wonke lamaphuzu, iziguli zizithola zisempini enkulu nabezokwelapha. Nakuba isimo esinjalo singavamile, yini okufanele uyenze uma ngokungazelele uzithola usesimweni esinjalo?
Okokuqala, zama ukwehlisa umoya. Ngokuvamile lesi kusuke kuyisikhathi esinzima ngabo bonke abahilelekile, lapho imizwelo iphakeme khona. Ngakho ukwehlisa kwakho umoya, ukuba nomqondo ohluzekile, kanye nenhlonipho kungaba inzuzo enkulu. Okwesibili, cabangela futhi usebenzise yonke imithombo ongase ukwazi ukuyisebenzisa. Kungenzeka isibhedlela sibe nommeleli wesiguli ongase umthinte futhi ucele kuye usizo.
OFakazi BakaJehova bayaqikelela ukuba bathintane nabadala bebandla lakubo. Labeluleki abahlakaniphile nabangomakad’ebona bangase ngisho basize ekutholeni isibhedlela esizimisele ukubambisana uma isimo singesingathi sína kangangokuba kudingeke ukuba uyiswe kwesinye.c AmaKristu eqiniso akhumbula futhi ukuthembela emandleni kaJehova uNkulunkulu. Ezimweni ezinzima ngokuvamile alikho ikhambi elilodwa, elihlanganisa konke, futhi ngamandla ethu siqu, singase singazi ngempela ukuthi kumelwe siphendukele kuphi. Abantu abaningi baye bathola ukuthi lapho sekwenziwe konke okungenziwa ngamandla omuntu, ukuphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo akuzange kuphumele nje kuphela ekududuzekeni kodwa futhi nasemakhambini angabonakalanga ngaphambili.—1 Korinte 10:13; Filipi 4:6, 7.
Sethemba ukuthi ngeke ube nanoma iyiphi yalezinkinga, kodwa kuhle ukuhlela kusengaphambili. Futhi khumbula ukuthi kunezinto ezithile ezilindelekile kuwe lapho ulaliswe esibhedlela. Isibhedlela siyindawo enhle kakhulu yokubonisa izimfanelo zobuKristu ezinjengokubekezela, ukubonga ngenxa yomusa obonisiwe, futhi ikakhulukazi ukwazisa kulabo abakusizayo. Incwadi emfushane ethunyelwa kamuva eya ezisebenzini zasesibhedlela, noma ngisho nje nesipho esincane sokubonisa ukwazisa, kuhlala kukhumbuleka. Ukuhlala kwakho esibhedlela kungakunikeza ithuba lokunikeza ubufakazi ngokuziphatha kwakho siqu okuyisibonelo, ngaleyondlela unikele edumeleni elihle amaKristu eqiniso analo njengeziguli.—1 Petru 2:12.
[Imibhalo yaphansi]
a Kudala umlobi weBhayibheli waloba isaga esiphefumulelwe esiqokomisa ukubaluleka kokucabanga kusengaphambili okunjalo: “Oqondileyo uyabona ububi, acashe, kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.”—IzAga 22:3.
b Bheka ethi How Can Blood Save Your Life? (1990), eyakhishwa iWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
c Njengoba kuchazwe esihlokweni esisekhasini 12, oFakazi BakaJehova banemithombo ebalulekile yosizo ekubhekaneni nezinkinga ezingokwezokwelapha kanye nezisebenzi zasesibhedlela.
[Ibhokisi ekhasini 5]
Uma Kungenzeka Kudingeke Ube Isiguli Sasesibhedlela
Nantu Uhlu Lwezinto Ozidingayo Uma Uzolala Esibhedlela:
□ 1. Phatha iMedical Directive/Release Document noma inkulumo yezifiso zakho elotshiwe, yayisisayinwa.
□ 2. Khetha udokotela wakho ngokucophelela.
□ 3. Qiniseka ukuthi ukulaliswa esibhedlela kuyadingeka yini.
□ 4. Funda futhi ugcwalise amafomu okulaliswa esibhedlela ngokucophe-lela. Uma ungomunye woFakazi BakaJehova, shesha usho ukuthi unguye.
□ 5. Yiza nesilinganiso esilingene sezinto ezidingekayo zomuntu siqu, njengengubo efakwa uma uyogeza, izinto zokugeza nokugcoba, kanye nezincwadi zokufunda.
□ 6. Shiya ekhaya noma iziphi izinto zokuhloba, izinto eziningi ezisebenza ngogesi, kanye nemali ongeke uyisebenzise.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Uhlu Lwamalungelo Esiguli
Lapho isiguli singena esibhedlela, akufanele sikhungathekiswe kakhulu isimo sakhona bese sicabanga ukuthi asiyinto yalutho. Sinamalungelo izibhedlela eziningi kanye nezisebenzi ezikujabulelayo ukuwahlonipha. Lamalungelo alandelayo afushanisiwe futhi asekelwe ohlwini lwamaphuzu ayishumi asencwadini ethi How to Stay Out Of the Hospital, kaLila L. Anastas, R.N.d
Isiguli sinelungelo:
1. Lokuthola ukunakekela kokucabangela nenhlonipho ezisebenzini ezifanelekayo.
2. Lokuthola kudokotela waso ukwaziswa okugcwele nokusebenza ngalesosikhathi ngokuphathelene nesifo saso, ukwelashwa kwaso, kanye nokubikezela ngendlela isifo esizohamba ngayo ngolimi isiguli esizoluqonda kahle.
3. Lokwamukela kudokotela waso ukwaziswa okudingekile ukuze sinikeze imvume esekelwe olwazini ngaphambi kokuba kuqalwe noma iyiphi inqubo yokwelapha. Lapho kunezinye izindlela ezibalulekile zezokwelapha, isiguli sinelungelo lokwazi ngalokho kwaziswa.
4. Lokwenqaba ukwelashwa ngokwezinga elivunyelwa umthetho.
5. Lokucatshangelwa kokusigcina siyimfihlo isimiso sokwelashwa kwaso.
6. Lokulindela ukuthi zonke izingxoxo kanye namarekhodi okuphathelene nokunakekelwa kwaso kuphathwe njengokuyimfihlo.
7. Lokulindela ukuba ngangokusemandleni aso isibhedlela kufanele sikwazi ukusabela ngokufanele esicelweni sesiguli sokuthola izinkonzo noma ukuyiswa kwesinye isibhedlela lapho lokho kuvumelekile ngokwezokwelapha.
8. Lokuthola ukwaziswa ngokuphathelene nanoma ikuphi ukuhlobana isibhedlela esinakho nezinye izinhlangano zezempilo nezemfundo mayelana nokunakekelwa kwaso.
9. Lokwaziswa uma isibhedlela sihlongoza ukuba nengxenye noma ukwenza ukuhlola ngomzimba womuntu ngokuhathelene nokunakekelwa kwaso noma ukwelashwa.
10. Lokulindela ukunakekelwa okusesilinganisweni esinengqondo okuqhubekayo kanye nokwazi kusengaphambili ukuthi yibaphi odokotela abatholakalayo kanye nezikhathi ababonwa ngazo nokuthi babonwaphi.
[Umbhalo waphansi]
d Incwadi ethi Rights of Patients—The Basic ACLU Guide to Patient Rights (incwadi eningilizayo yeNhlangano Yamalungelo Omphakathi YaseMelika) ibala amalungelo angu-25 esihlokweni sayo esithi “Uhlu Lwamalungelo Esiguli Esiyisibonelo.”
[Ibhokisi ekhasini 8]
Ukuvikeleka Nokuba Nengxenye Kwesiguli
“Njengoba nje kungekho mmangalelwa okufanele aye enkantolo ngaphandle kommeli, ngokufanayo asikho isiguli okufanele siye esibhedlela sasedolobheni elikhulu ngaphandle kwelungu lomkhaya noma umngane oseduze ozimisele ukunakekela izithakazelo zesiguli kanye nokukhuluma lapho kudingekile.”—UJune Bingham, The Washington Post, August 12, 1990.
“Kuyo yonke iminyaka umqondo wokuba isiguli sibe nengxenye ezinqumweni zezokwelapha ubungangeni ekucabangeni nasekwelapheni kodokotela. Futhi iziguli ziye zafunda kokuhlangenwe nakho okubuhlungu ukuthi ukubuza imibuzo eminingi yokuphenya kungazizondanisa nathi, njengoba ngokuvamile singayithandi imibuzo enjalo.
“Nokho, umqondo wokuthi siyakwazi okuyizithakazelo ezingcono kakhulu zeziguli zethu futhi ngalesosizathu singazenzela noma yini ngaphandle kokubuza, ungamanga asobala kangangokuba umuntu angavele nje amangazwe intshiseko lomqondo ovikelwa ngayo. . . .
“Singase singavumelani neziguli, size ngisho sidazisane nazo, size ngisho siziyenge ngamazwi athophayo, kodwa konke lokhu kufanele sikwenze ngomoya wokuzikhathalela. Ekugcineni kufanele sihloniphe lokho iziguli ezikufunayo noma lokho ezingakufuni kithi.”—UDkt. Jay Katz, isazi sezifo zengqondo, esinguprofesa eYale University, iMedical Post, eCanada.
“Iziguli azizona izinsana futhi odokotela ababona abazali. . . . Ngempela, kubonakala kuxaka ukuba kudingeke kukhunjuzwe abafundi bezokwelapha, kanye nodokotela, ukuthi lapho zihlangana nodokotela iziguli ziza zinamathemba . . . okwethenjwa nokuzethemba zona, okuba zivunyelwe ukuba zizimele futhi ukuzimela kwazo kungaxhashazwa, okuba kukhulunywe nazo nawokuba zilalelwe, ziphathwe njengezilingana nabo futhi zingabuswa, ukuba indlela yazo yokuphila iphathwe ngenhlonipho, futhi zivunyelwe ukuba ziphile ukuphila kwazo ngendlela eziyithandayo.”—The Silent World of Doctor and Patient, nguDkt. Jay Katz.
“Inkonzo iqala lapho sixhumana nesiguli sethu. Izigidi ezine zokusebenzelana nesiguli usuku ngalunye zinikeza odokotela baseMelika ithuba lokubonisa hhayi nje kuphela ikhono lethu, kodwa futhi uzwela lwethu oluqotho, ukunakekela kwethu, kanye nokuzinikela kwethu esigulini ngasinye esisikhonzayo.”—UJames E. Davis, M.D., umongameli weNhlangano Yezokwelapha YaseMelika.