Imitholampilo Ehambayo
● Owesifazane okhulelwe wayehleli ehholo elikhulu elalelisise inkulumo yeBhayibheli. Ngokushesha wezwa imihelo. Kodwa washesha ukuthola usizo. Kwafika i-ambulense, futhi ngemizuzwana nje, lona wesifazane nomyeni wakhe base besesibhedlela. Wabeletha umntwana omuhle wentombazane.
Namuhla, ama-ambulense ezimo eziphuthumayo afeza indima ebalulekile kwezempilo emazweni amaningi. Lezi zinqola zinabantu abaqeqeshiwe—odokotela, abahlengikazi nabashayeli abaqeqeshiwe.a Bakuhlonyiselwe ngokuphelele ukusingatha izimo eziphuthumayo njengezingozi zasemgwaqweni, ukuhlaselwa isifo senhliziyo, ukushaywa unhlangothi noma ukubeletha. Minyaka yonke lolu sizo lwemitholampilo ehambayo lusindisa izinkulungwane zabantu.
Lapho kuhlaselwa izitimela ezine ezithwala abantu ngo-2004, eMadrid, eSpain, amaqembu ezokwelapha ahamba ngama-ambulense, asindisa ukuphila kwabantu abangaba ngu-400 ngokushesha nangokuphumelelayo.b UDkt. Ervigio Corral Torres, umqondisi weqembu lezimo eziphuthumayo eMadrid, uyasikhumbula leso sehlakalo esihlasimulisayo. Uyachaza, “Yilezi zehlakalo eziheha iningi labezindaba, kodwa sisebenza kanzima usuku nosuku lapho sisiza abantu emgwaqweni. Lokho kuyisici esizedlula zonke kulo msebenzi, ukusiza abantu abase belengela egodini ukuba baphile.”
Lapho ebuzwa ukuthi yini angayisikisela ukuze kuthuthukiswe umsebenzi wabo, uDkt. Corral Torres waphendula wathi: “Kufanele senze abantu bazi ukuthi kufanele basithinte ngocingo uma kunesidingo sokwenza kanjalo.” Wanezela: “Umgomo wethu uwukwelapha abantu ngendlela ekhethekile noma kuphi noma nini uma nje bekudinga futhi sikwenze ngokushesha ngangokunokwenzeka ngemva kokusishayela ucingo.” Emadolobheni amakhulu, usizo luvame ukutholakala ingakapheli imizuzu eyishumi.
Emadolobheni aminyene njengeSão Paulo, eseBrazil, ukuminyana kwezimoto kubangela izinkinga ezinkulu kubashayeli bama-ambulense, ngakho abezokwelapha abahamba ngezithuthuthu yibona abenza lo msebenzi. Bayakwazi ukufika kuqala endaweni yesehlakalo kune-ambulense ukuze bahlole futhi basingathe izimo. Amanye amadolobha aseqale ukusebenzisa le ndlela ephuthumayo iLondon, eNgilandi; iKuala Lumpur, eMalaysia; neMiami, e-United States.
[Imibhalo yaphansi]
a Abashayeli kufanele bakwazi ukusebenzisa izinto zokwelapha ezikule ambulense nokuyishayela ngokuvumelana nezimo zesiguli.
b Bheka i-Phaphama! ka-November 8, 2004, ikhasi 14.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 11]
INDLELA ONGASIZA NGAYO
Ezinye zezinyathelo eziyinhloko ongazithatha ukuze usize amaqembu ezokwelapha lapho kunesimo esiphuthumayo ukuba afeze umsebenzi wawo wokusindisa ukuphila zihlanganisa lezi:
1. Ukushayela inombolo yezimo eziphuthumayo ngokushesha. E-European Union ngu-112, e-United States ngu-911 kanti eNingizimu Afrika ngu-10177.
2. Ukuchaza kahle indawo yesehlakalo.
3. Ukusho izimpawu ezisobala. Ngokwesibonelo, ingabe umuntu usaphefumula? Ingabe uqulekile? Ingabe uyopha?
4. Ukungamnyakazisi umuntu uma elimele kakhulu, ukuze umonakalo ungabi mubi kakhulu.
5. Ukulalisa umuntu ngohlangothi uma ehlanza, ukuze angakhwingcwa.