Intsha Iyabuza
Ngingakwenza Kanjani Ukufunda IBhayibheli Kujabulise?
Ulifunda kaningi kangakanani iBhayibheli? (Faka uqhwishi kokukodwa)
□ Nsuku Zonke
□ Masonto Onke
□ Okunye ․․․․․
Qedela imisho elandelayo.
Uma ngingakujabuleli ukufunda iBhayibheli, ngokuvamile kusuke kuwukuthi . . (Faka uqhwishi kukho konke okuyiqiniso)
□ Nginesizungu
□ Ngididekile
□ Kukhona okungiphazamisile
□ Okunye ․․․․․
INGABE awukujabuleli ukufunda iBhayibheli? Uma kunjalo, ungase uvumelane noWill oneminyaka engu-18, othi, “IBhayibheli lingase libonakale liyisicefe.” Kodwa uyanezela, “Kuba njalo kuphela uma ungakwazi ukulifunda.”
Kungani kufanele ufunde indlela yokufunda iBhayibheli? Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngendlela
◼ ongazenza ngayo izinqumo ezihlakaniphile?
◼ ongazenzela ngayo abangane beqiniso?
◼ ongabhekana ngayo nokucindezeleka?
IBhayibheli liqukethe amagugu okuhlakanipha ngalezo zindaba nezinye. Kuyavunywa, ukuthola la magugu kungase kudinge umzamo. Kodwa ukwenza lowo mzamo kunjengokufuna igugu: Uma kuyinselele ukulifuna, kujabulisa nakakhulu ukulithola!—IzAga 2:1-6.
Ungawathola kanjani amagugu eBhayibhelini? Ibhokisi elingakwesokudla lizokunika icebiso lokuthi ungalifunda kanjani—kanti ekhasini elingemuva—uzobona ukuthi ungakuhlela kanjani ukulifunda. Zama namacebiso asemakhasini alandelayo akuthakazelisayo wena.
Izihloko ezengeziwe zochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
Uma une-Internet, ungafunda iBhayibheli kuyi-computer engosini ethi www.watchtower.org/e/bible
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
Kuye kuthiwe umphumela owutholayo emsebenzini othile uxhomeke kakhulu emzamweni owenzayo.
◼ Lokho kuyiqiniso kangakanani uma kuziwa ekufundeni iBhayibheli?
◼ Ungasithola nini isikhathi sokufunda iBhayibheli?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 23]
Indlela Yokufunda Ibhayibheli
Ngaphambi kokuba ufunde . . .
◼ Qiniseka ukuthi indawo okuyo ithule ukuze ukwazi ukugxilisa ingqondo kahle.
◼ Thandazela ukuqonda.
Lapho ufunda . . .
◼ Sebenzisa amabalazwe nezithombe zokulandisa kweBhayibheli ukuze zikusize ubone izigcawu zeBhayibheli ngeso lengqondo.
◼ Cabangela umongo, uhlaziye imininingwane.
◼ Bheka imibhalo yaphansi nemiBhalo evumelana nalowo owufundayo.
◼ Zibuze imibuzo enjengokuthi:
AMAQINISO: Kwenzeka nini lokhu? Ubani owasho la mazwi? Wayewasho kubani?
INCAZELO: Bengingamchazela kanjani lokhu omunye umuntu?
UKUBALULEKA: UJehova uNkulunkulu wakufakelani lokhu kulandisa eZwini lakhe? Kwembulani ngobuntu bakhe noma indlela enza ngayo izinto? Iziphi izifundo engingazisebenzisa ekuphileni kwami?
Ngemva kokufunda . . .
◼ Yenza ucwaningo olwengeziwe. Sebenzisa amathuluzi oFakazi BakaJehova, njengencwadi ethi Insight on the Scriptures nethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” uma zikhona ngolimi lwakho.
◼ Thandaza futhi. Tshela uJehova ngalokho okufundile nendlela ohlela ukukusebenzisa ngayo. Mbonge ngeZwi lakhe, iBhayibheli.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 24]
Uzokuhlela Kanjani Ukufunda Kwakho Ibhayibheli?
Ongakhetha ukukwenza . . .
□ Lifunde lonke kusuka ekuqaleni uze uyoliqeda.
□ Lifunde ngokohlelo lwesikhathi, mhlawumbe ngokulandelana kwezincwadi noma ngokulandelana kwezenzakalo.
□ Usuku ngalunye, funda ingxenye ehlukile yemiBhalo.
NgoMsombuluko: Umlando oshukumisayo (Genesise kuya ku-Esteri)
NgoLwesibili: Ukuphila nokufundisa kukaJesu (Mathewu kuya kuJohane)
NgoLwesithathu: Isiqalo sobuKristu (IzEnzo)
NgoLwesine: Isiprofetho nesiqondiso sokuziphatha (Isaya kuya kuMalaki, IsAmbulo)
NgoLwesihlanu: Izinkondlo nezingoma ezishukumisayo (Jobe, amaHubo, isiHlabelelo SeziHlabelelo)
NgoMgqibelo: Ukuhlakanipha okusebenza ekuphileni (IzAga, umShumayeli)
NgeSonto: Izincwadi eziya emabandleni (AmaRoma kuya kuJude)
Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha luphi uhlelo, qiniseka ukuthi ugcina umbhalo walokho okufundayo! Faka u-✔ eceleni kwesahluko ngasinye lapho ususiqedile, noma ugcine umbhalo othile wezahluko osuzifundile.
Sika le ngxenye uyigcine eBhayibhelini lakho
[Ibhokisi/Umdwebo ekhasini 24]
YENZA IMIBHALO IPHILE!
Hileleka kulokho okufundayo. Ngokwesibonelo:
□ Yakha izinhlu zozalo ngamagama abantu.
□ Yenza imidwebo. Ngokwesibonelo, njengoba ufunda ngomuntu othile owayethembekile, hlobanisa izimfanelo nezenzo zalowo muntu nezibusiso azithola.—IzAga 28:20.
[Umdwebo]
Umngane KaNkulunkulu
↑ Walalela
↑ Wayethembekile
↑ ↑
U-Abrahama
□ Dweba imifanekiso ukuze ucacise ukulandisa.
□ Dweba izithombe ezilandisa indaba, ezichaza ukulandelana kwezenzakalo. Chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
□ Yakha amasampula ezinto ezakhiwa, njengomkhumbi kaNowa.—Ngokwesibonelo, bheka i-Phaphama! ka-January 2007, ikhasi 22.
□ Funda ngokuzwakalayo nabangane noma amalungu omkhaya. Nakhu ukusikisela: Yabela umuntu oyedwa ukuba afunde ukulandisa. Abanye bangaba abalingiswa endabeni.
□ Khetha ukulandisa, ukushintshe kube umbiko wezindaba. Bika isenzakalo ngezindlela ezihlukahlukene ngokuhlanganisa “izingxoxo” nabalingiswa abayinhloko nofakazi bokuzibonela.
□ Thatha ukulandisa okuphathelene nomuntu owenza isinqumo esingahlakaniphile bese ubona isiphetho esihlukile ngeso lengqondo! Ngokwesibonelo, cabangela ukuphika kukaPetru uJesu. (Marku 14:66-72) UPetru wayengasabela kanjani kangcono ngaphansi kwalokho kucindezelwa?
□ Bukela noma ulalele amadrama eBhayibheli aqoshiwe.
□ Zibhalele eyakho idrama. Hlanganisa nezifundo ezingafundwa kulokho kulandisa.—Roma 15:4.
NANTI ICEBISO: Dlalani le drama nedlanzana labangane bakho.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 25]
Ukuze Ube Nogqozi
◼ Beka umgomo! Bhala phansi usuku ongathanda ukuqala ngalo uhlelo lwakho lokufunda iBhayibheli.
․․․․․
◼ Khetha ingxenye yeBhayibheli ekuthakazelisayo. (Bheka ibhokisi elithi “Uzokuhlela Kanjani Ukufunda Kwakho IBhayibheli?”) Yibe usubhala ngezansi ukuthi iyiphi ingxenye yeBhayibheli ozoyifunda kuqala.
․․․․․
◼ Qala ngesikhathi esifushane. Ngisho nemizuzu engu-15 ufunda iBhayibheli ingcono kunokungalifundi nhlobo. Ngezansi bhala isikhathi ongasihlelela ukwenza lokhu.
․․․․․
Nakhu ukusikisela: Yiba neBhayibheli lokutadisha. Bhala amaphuzu kulo. Phawula amavesi owathanda ngokukhethekile.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 25]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Ngizama ukufunda ingxenyana ethile yeBhayibheli njalo ebusuku ngaphambi kokuba ngilale. Lokho kunginika okuthile engingacabanga ngakho njengoba ngiyolala.”—UMegan.
“Ngigxila evesini elilodwa imizuzu engu-15. Ngifunda yonke imibhalo yaphansi, ngibheke wonke amavesi avumelana nalo, bese ngenza ucwaningo olwengeziwe. Ngezinye izikhathi angilifundi lonke ivesi ngaleso sikhathi, kodwa kuningi engikutholayo ngokusebenzisa le ndlela lapho ngifunda.”—UCorey.
“Ngake ngafunda iBhayibheli ngezinyanga eziyishumi. Ngokwenza kanjalo ngakwazi ukubona ukuhlobana kwezingxenye ezithile zeBhayibheli engangingakaze ngikuqaphele ngaphambili.”—UJohn.
[Ibhokisi ekhasini 25]
UNGAZIKHETHELA!
□ Khetha isenzakalo. IBhayibheli linezindaba eziningi zabantu abaphila ngokoqobo. Khetha ukulandisa okukuthakazelisayo, bese ukufunda kusukela ekuqaleni uze uyokuqeda.
Nakhu ukusikisela: Ukuze uthole amacebiso okuthi ungazuza kanjani ngokugcwele ekulandiseni, bheka ikhasi 292 lencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
□ Khetha iVangeli. Funda uMathewu (iVangeli lokuqala elalotshwa), uMarku (owaziwa ngokulandisa ngendlela esheshayo neshukumisayo), uLuka (onaka kakhulu okuphathelene nomthandazo nabesifazane), noma uJohane (ohlanganisa okuncane kakhulu kwalokho okushiwo amanye amaVangeli).
Nakhu ukusikisela: Ngaphambi kokuba ufunde, hlola kafushane ukwaziswa ngaleyo ncwadi yeBhayibheli nomlobi wayo ukuze uqonde kangcono ukuthi yini eyenza lelo Vangeli lihluke.
□ Khetha ihubo. Ngokwesibonelo:
Uma unesizungu futhi ungenabangane, funda iHubo 142.
Uma udumele ngenxa yobuthakathaka onabo, funda iHubo 51.
Uma ungabaza ukubaluleka kwezindinganiso zikaNkulunkulu, funda iHubo 73.
Nakhu ukusikisela: Gcina uhlu lwamahubo owafundile owathole ekukhuthaza ngokukhethekile.
[Ibhokisi ekhasini 26]
JULA
◼ Cabangela umongo. Hlola isikhathi, indawo nezimo ezizungeze lelo vesi.
Isibonelo: Funda uHezekeli 14:14. Cishe wayeneminyaka emingaki uDaniyeli lapho uJehova embala njengesibonelo esihle kanye noNowa noJobe?
Umkhondo: Isahluko 14 sikaHezekeli salotshwa eminyakeni nje emihlanu ngemva kokudingiselwa kukaDaniyeli eBhabhiloni—cishe engakevi eminyakeni engu-20.
Igugu elifihlekile: Ingabe uDaniyeli wayesemncane kakhulu ukuba uJehova aphawule ukuthembeka kwakhe? Iziphi izinqumo ezinhle ezamlethela izibusiso? (Daniyeli 1:8-17) Isibonelo sikaDaniyeli singakusiza kanjani wena ukuba wenze izinqumo ezinhle?
◼ Hlaziya imininingwane. Ngezinye izikhathi kuba igama nje elilodwa noma amabili asemqoka.
Isibonelo: Qhathanisa uMathewu 28:7 noMarku 16:7. Kungani uMarku anezela umniningwane wokuthi maduzane uJesu wayezozibonakalisa kubafundi “noPetru”?
Umkhondo: UMarku wayengeyena ufakazi wokuzibonela walezi zenzakalo; kubonakala sengathi ukwaziswa kwakhe wakuthola kuPetru.
Igugu elifihlekile: Kungani kumelwe ukuba uPetru wazizwa ekhuthazeka uma ezwa ukuthi uJesu wayefuna ukumbona futhi? (Marku 14:66-72) UJesu wazibonakalisa kanjani engumngane weqiniso kuPetru? Ungamlingisa kanjani uJesu futhi ube umngane weqiniso kwabanye?
◼ Yenza ucwaningo olwengeziwe. Bheka izincwadi zeBhayibheli ukuze uthole izincazelo.
Isibonelo: Funda uMathewu 2:7-15. Ababhula ngezinkanyezi bamvakashela nini uJesu?
Umkhondo: Bheka INqabayokulinda ka-January 1, 2008, ikhasi 31, eyanyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Igugu elifihlekile: Kubonakala sengathi uJehova wawunakekela kanjani ngezinto ezibonakalayo umkhaya wakubo kaJesu lapho useGibhithe? Ukuthembela kuNkulunkulu kungakusiza kanjani ukuba ubhekane nezimo ezicindezelayo?—Mathewu 6:33, 34.