Ukubuka Okwezwe
◼ Enkathini eyiminyaka engu-35 phakathi kuka-1970 no-2005, ingxenye eyodwa kwezine yezilwane ezinomgogodla—izinhlanzi, izilwane eziphila emanzini nasezweni, ezihuquzelayo, izinyoni nezilwane ezincelisayo—yaqothulwa.—I-SÜDDEUTSCHE ZEITUNG, EJALIMANE.
◼ Ngomzamo wokubhekana nokwehla kwamandla emali ngamaphesenti ayizigidi ezingu-2,2, elaseZimbabwe lasusa amaguncu ayishumi emalini yalo eyiphepha ngo-August 2008. Ngenxa yalokho imali eyiphepha engama-dollar ayizigidi eziyizinkulungwane eziyishumi yehliswa yaba i-“zimdollar” elilodwa.—I-AGENCE FRANCE PRESSE, EZIMBABWE.
◼ “Kuthiwa kwafa abantu abangaphezu kuka-12 000 ngokudutshulwa ngesibhamu e-United States ngo-2005. Nokho inani labantu abalimalayo kodwa basinde ngemva kokudutshulwa laliphezulu kakhulu kunalokho—ngoba bangaba ngu-53 000 abaphuthunyiswa esibhedlela ngo-2006.”—I-SEATTLE TIMES, E-U.S.A.
“Injabulo” KaKhisimusi?
I-Sunday Telegraph yaseSydney ithi cishe amaphesenti angu-20 amacala ezehlukaniso e-Australia aqala ngemva nje kwenkathi kaKhisimusi noNcibijane. Ummeli wamacala ezehlukaniso uBarry Frakes uthi: “Kunabantu abaningi abalwayo noma abaxabanayo abeza emahhovisi ethu uma nje sivula onyakeni omusha. Abantu balindele ukuba uKhisimusi uhambe kahle ngendlela ovezwa ngayo ezinhlelweni ze-TV nasezikhangisweni.” Unezela ukuthi uma ukuphila kwabo kungahambisani nalo “mbono,” bafuna isehlukaniso. Kodwa ngokuka-Angela Conway, ongumkhulumeli we-Australian Family Association, “isehlukaniso asivamile ukuzixazulula izinkinga zesikhathi eside noma silethe ukuthula nenjabulo abantu abacabanga ukuthi sizoyiletha.” Nakhu akutusayo: “Kufanele unamathele emshadweni wakho uzame ukuwenza uphumelele.”
“Izindlu Zokubeletha” Zisindisa Ukuphila
ElasePeru selenze umzamo omkhulu wokunciphisa ukushona kwabesifazane lapho bebeletha. Ukuze kukhuthazwe abesifazane base-Andes ukuba bafune usizo lochwepheshe bezokwelapha emitholampilo kunokuba babelethele ekhaya, kuye kwavulwa “izindlu zokubeletha” ezingu-390 ePeru kule minyaka eyishumi edlule. Owesifazane okhulelwe nomkhaya wakhe bangahlala kwenye yalezi zindlu—ngayinye eseduze nomtholampilo—kuze kube ilapho ebeletha. Umbiko waseCuzco wezindaba ze-Reuters uthi okunye okwenza le mitholampilo ithandwe kangaka ukuthi ihlanganisa “inqubo yokwelapha yesimanje nemikhuba yabomdabu,” ‘enjengokubeletha umuntu emile, okuvame ukunciphisa isikhathi semihelo nesokubeletha futhi okusiza umama ukuba akwazi ukubona umntwana uma ezalwa kangcono kunalapho elele phansi.’
Zishiywa Isikhathi Njalo
Ngokombiko ka-2008 woMnyango Wezokuthutha wase-United States, izindiza ezingamaphesenti angaba ngu-30 ezisuke zihlelelwe uhambo e-United States zifika sekudlule imizuzu engaphezu kwengu-15 lapho ziya khona. Phakathi kwezindiza ezashiywa isikhathi kakhulu kunazo zonke kwakuyindiza eyayisuka eTexas iya eCalifornia, eyathatha isikhathi esiphindwe kabili kwesivamile.