Okuthile Okungcono Kunezidakamizwa
LAPHO uLena, okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala, eseneminyaka engu-32 ubudala, “wahlushwa umuzwa wecala nokuzilahla, futhi wayecabanga ngokufa,” ngokuyinhloko ngenxa yenkinga yakhe yezidakamizwa. Wabhala: “Njengenkosikazi nomama, ngangifuna ukwenza okuhle, kodwa yonke into ekuphileni kwami nasemhlabeni yayiyimbi futhi ilusizi kangangokuba sasibonakala singekho isizathu sokwenza okuhle. Lezo zikhathi ezimbalwa ngizama ukwenza okuhle, ngehluleka.”
ULena wabe eseqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngokushesha, iqiniso leBhayibheli lamnika ukuthula kwengqondo nempumuzo, akuchaza ngokuthi “umuzwa omangalisa kakhulu engake ngaba nawo.” Ukuqonda izimiso zeBhayibheli kanye nethemba elimangalisayo lekusasa kwamshukumisela ukuba ahlanze ukuphila kwakhe futhi anqobe inkinga yokulutheka.
Izimiso Zokuphila
Imithetho nezimiso ezitholakala eBhayibhelini zenzelwa thina ngokukhethekile uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu. IHubo 19:7, 8 lithi: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa [uvuselela] umphefumulo. . . . Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo.”
Ngokwesibonelo, eyesi-2 Korinte 7:1 isiyala ukuba ‘sizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya.’ ULena walisebenzisa lelo vesi leBhayibheli, futhi lokhu kwamsiza ukuba agqashule emkhubeni wakhe ongcolisayo. Kwenzeka okufanayo nakuMyra, naye okukhulunywe ngaye esihlokweni sokuqala salolu chungechunge. Cishe uyakhumbula ukuthi waba umlutha wemithi udokotela ayemnike yona ngenxa yokuphathwa ikhanda. UMyra wayixazulula kanjani inkinga yakhe? Waxoxa ngokukhululekile nodokotela wakhe, owabe esemsiza ukuba athole enye indlela yokwelashwa.a Ngaphezu kwalokho, wanamathela esikhuthazweni ayesithola ebandleni lobuKristu.
ULena noMyra bacela usizo ngomthandazo. EyabaseFilipi 4:6, 7 ithi: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.” Inceku kaNkulunkulu yasendulo eyathola lokho kuthula kwangaphakathi yabhala ukuthi lapho ‘imicabango yayo eyincisha ukuthula iba miningi,’ amazwi kaNkulunkulu aduduzayo ayenza yazola, yaduduzeka futhi yaba nenjabulo. (IHubo 94:19) Amazwi anjalo aduduzayo angatholakala eBhayibhelini nasesikhuthazweni nokusekelwa abangane abahle abangamaKristu, kuhlanganise nabadala abangamaKristu.
Kodwa ngezinye izikhathi, ngenxa yenkinga yezidakamizwa, umuntu angase azizwe engafaneleki nhlobo. UJanice, umKristu owayengumlutha wemithi kadokotela iminyaka eminingi, wabhala: “Imilutha ingase ibe buthaka ngokomoya futhi izizonde kangangokuba ikuthole kunzima, noma kungenzeki nhlobo, ukucela usizo kuJehova.” Ngaphansi kwalezo zimo, kubaluleke kakhulu ukuba ifune usizo lwamaKristu avuthiwe. Isikhuthazo sawo sothando nesineke kanye nemithandazo yawo yokholo ‘ingenza ongaphilile kahle aphile.’ (Jakobe 5:15) Yiqiniso, uma kuyingane ewumlutha, abazali kufanele babe nesithakazelo esiqotho ekululameni kwayo ngokomoya nangokomzimba, ukuze ingabuyeli emkhubeni omubi.
UJanice waya esikhungweni sokwelashwa, wawunqoba umkhuba wakhe futhi akabange esazithinta izidakamizwa kusukela ngaleso sikhathi. Wabhala: “Ngithembele kuJehova ukuba angisize kulezi zikhathi ezinzima. Manje nginokuthula kwengqondo, futhi injabulo enganginayo kudala isiyabuya.”
Lapho Izinkinga Zethu Ziyobe Zingasekho
Siyeza isikhathi lapho izidakamizwa zanoma iluphi uhlobo ziyoba izinto zesikhathi esidlule. Kanjani? IsAmbulo 21:3, 4 siyaphendula: “Itende likaNkulunkulu likanye nabantu . . . Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili [ezihlanganisa izinkinga zanamuhla] zidlulile.”
IBhayibheli lifanisa ithemba lamaKristu ‘nehange lomphefumulo, eliqinisekile neliqinile.’ (Hebheru 6:18, 19) Lapho ehlaselwa isiphepho, amatilosi asendulo ayehlisa ihange lomkhumbi. Uma ihange lalingangena phansi ekujuleni kolwandle, lokho kwakuyokwenza umkhumbi uphephe emadwaleni noma osebeni oluyingozi. Ngokufanayo, ithemba ‘eliqinisekile neliqinile’ elichazwa eBhayibhelini lingasisiza ukuba silinganisele ngokomzwelo, ngokwengqondo nangokomoya lapho sibhekana nezinkinga ezinjengesiphepho—eziyofika ngokuqinisekile!
Kungani ungahloli iBhayibheli ubone indlela iseluleko nezimfundiso zalo ezisebenza nezikhuthaza ngayo? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukusiza, futhi ngeke udumazeke.
[Umbhalo waphansi]
a Akuzona zonke izimo ezinjengezikaMyra. Ngokwesibonelo, abanye abantu kungenzeka banezifo ezibuhlungu ezidanjiswa imithi enamandla kuphela, abayisebenzisa ngokwesiqondiso sikadokotela, engase imluthe umuntu. Umuntu onjalo akafuni ukudakwa, futhi akawona umlutha.—Bheka izAga 31:6.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa . . . ; ukuthula kukaNkulunkulu . . . kuyolinda izinhliziyo zenu namandla enu engqondo.”—Filipi 4:6, 7
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 10]
IZINDLELA EZIWUSIZO ZOKUTHUTHUKISA IMPILO
Ukuvivinya umzimba “kungasithuthukisa isimo sakho okwesikhashana futhi kunciphise ukucindezeleka,” kusho incwadi ethi Managing Your Mind—The Mental Fitness Guide. Ukushintsha indlela odla ngayo, ocabanga ngayo nowenza ngayo izinto nakho kungasiza. Cabangela isibonelo sikaValerie, owanukubezwa lapho eseyingane. Waba umlutha wemithi kadokotela ehlukahlukene okungenani engu-12. Noma kunjalo, wakwazi ukunqoba umkhuba wakhe futhi waphila ukuphila okuvamile. Wakwenza kanjani?
Esikhundleni sokubukela i-TV nokufunda amanoveli angabazisayo, uValerie waqala uhlelo oluhle lokufunda iBhayibheli futhi wazinika isikhathi sokufunda izincwadi zeBhayibheli ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova, kuhlanganise nalo magazini. Wathandaza engaphezi nakuNkulunkulu ecela amandla, wasebenzisa nokusekela kwebandla lobuKristu, futhi wasebenzisa isikhathi sakhe emisebenzini emihle njengokuhlanganyela isigijimi seBhayibheli esiduduzayo nabanye. Ngaphandle kwalokho, wenza ushintsho olukhulu endleleni adla ngayo, okwakuhlanganisa inqwaba yokudla okungenamsoco. Umphumela waba ukululama kwakhe okwamangaza ngisho nodokotela. Manje sekuyiminyaka eminingi engazithinti izidakamizwa.b
[Umbhalo waphansi]
b Uma uphuza imithi kadokotela ngenxa yokucindezeleka, ukuguquguquka kwemizwelo, noma enye inkinga ephathelene nengqondo, cishe isimo sakho asifani nesikaValerie. Ngakho ungalwenzi ushintsho ungamthintanga udokotela wakho.