Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/09 kk. 11-13
  • Indlela Yokushayela Ngokuphepha

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indlela Yokushayela Ngokuphepha
  • I-Phaphama!—2009
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • ✔Zihlole
  • ✔Hlola Indlela Oshayela Ngayo
  • ✔Hlola Imoto Yakho
  • Sonke Kumelwe Sifake Isandla Ukuze Sigcine Ikhaya Lihlanzekile
    I-Phaphama!—2005
  • Hlakulela Imikhuba Yokushayela Ngokuphepha
    I-Phaphama!—1988
  • Ingabe Ngikulungele Ukushayela?
    I-Phaphama!—1989
  • Indlela Yokugwema Izingozi Zomgwaqo
    I-Phaphama!—2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2009
g 7/09 kk. 11-13

Indlela Yokushayela Ngokuphepha

NAKUBA izigidi zabantu namuhla zibheka ukushayela njengento eyisidingo kodwa kunezingozi. Kulinganiselwa ukuthi cishe abantu abayizigidi ezingu-1, 2 bafa ezingozini zezimoto emhlabeni wonke unyaka ngamunye! Ngakho, akunakusizuzisa yini ukufunda ukushayela ngokuphepha? Ake sibheke izinyathelo ezingokoqobo ongazithatha.

✔Zihlole

Umbiko we-Australian Journal of Social Issues waphawula ukuthi esinye sezinyathelo ezibalulekile umshayeli angasithatha ukuze anciphise izingozi ezibulalayo, ukuthuthukisa indlela aziphatha ngayo uma eshayela. Ngakho-ke ngaphambi kokungena indlela, umshayeli angathanda ukuzibuza umbuzo olandelayo, ‘Ingabe ngisesimweni esikahle sokushayela?’ Ukukhathala kungathuntubeza ingqondo futhi kuyenze yephuze ukusabela. IHhovisi Lezokuthutha lasePhilippines libala ukucasuka, ukukhathazeka, nokujabula njengemizwa engaba nomthelela emikhubeni ethile yokushayela futhi lokho kungaholela ekwenzeni izinqumo ezingahlakaniphile kuze kuholele nasebudloveni basemgwaqweni.

Okunye okufanele kucatshangelwe indlela azizwa ngayo emzimbeni, ngoba ukugula okuthile noma ukulimala kungenza ukuba umuntu angashayeli ngendlela ephephile. Umshayeli okuhloniphayo ukuphila kwabanye ngeke ashayele uma ephuzile. Ezinye izidakamizwa noma imithi yokwelapha ingathonya indlela umshayeli enza ngayo njengoba kunjalo nangendlela azizwa ngayo emzimbeni. Kwezinye izimo, kungase kube ukuhlakanipha ukuyeka uhambo noma ucele othile akushayelele.

✔Hlola Indlela Oshayela Ngayo

Njengoba isibalo sezimoto sikhula ikakhulukazi emazweni asathuthuka, kanjalo nesabashayeli abasafufusa siyakhula. Ngakho-ke kuhle ukucabangela izinto ezimbili ezibalulekile ezingase zenziwe yinoma imuphi umshayeli ukuze agweme ingozi.

Shayela ngokuqapha! Qapha, bheka izinto ezingase zibe ingozi phambili nangemuva ubone nokuthi omunye umshayeli angase aye ngakuphi—kuhlanganise nalabo abashayela kabi. Ngenxa yokuthi inani elikhulu lokushayisana kwezimoto libangelwa ukulandelana kwazo eduze kakhulu, umshayeli ohlakaniphile uyohlala evule igebe elifanele phakathi kwemoto yakhe nezinye.

Qaphela iziphazamiso nezindawo ezingabonakali ezibukweni. Qalaza ukuze ubone ukuthi kwenzekani eceleni kwakho, ungathembeli ngokuphelele ezibukweni. Gwema iziphazamiso uma ushayela. Ungenzi izinto eziningi ngesikhathi esisodwa—njengokukhuluma kumakhalekhukhwini noma ukuvula umsakazo nokunye.

Uma ushayela isithuthuthu: Ezinye iziphathimandla zithi aphindwe izikhathi ezingu-37 amathuba okuba umuntu ohamba ngesithuthuthu afe engozini ebangeni eliyikhilomitha kunohamba ngemoto. Iziphi izinyathelo zokuzivikela ongazithatha? Zombili izinyathelo ezingenhla zisebenza kwabahamba ngesithuthuthu. Ngaphezu kwalokho, i-Motorcycle Safety Foundation e-United States ithi: “Bonakala.” Qiniseka ukuthi abanye bayakubona. Khanyisa izibani. Ungabi sendaweni lapho abashayeli bezinye izimoto bengakwazi ukukubona khona esibukweni. “Gqoka izinto zokuzivikela.” Gqoka isigqoko sokuzivikela nezingubo ezikhanyayo neziqinile. “Shayela ngokukhulu ukuqapha.” Zitshele ukuthi abanye abakuboni bese ushayela ngendlela efanele.

✔Hlola Imoto Yakho

Umshayeli kufanele ashayele ngokuphepha, nemoto yakhe ibe sesimweni esihle. Amabhuleki kufanele abe sesimweni esihle kakhulu, kuhlanganise nazo zonke ezinye izingxenye zemoto. Amasondo akufanele abe yimpandla ukuze kuncishiswe amathuba okuba imoto ishelele. Umoya owanele emasondweni uyokwenza ukuba imoto ilawuleke futhi ibhuleke kangcono. Izimoto eziningi namuhla zinamabhande ezihlalweni. Awasizi ngalutho uma engaboshiwe.

Shayela imoto yakho ngokuvumelana nezimo. Imigwaqo emanzi, ikakhulukazi eneqhwa, yenza ukuba imoto ingasheshe ime futhi ingalawuleki kalula. Lapho ushayela ebusuku, izibani zemoto kufanele zibe sesimweni esihle futhi kufanele wehlise ijubane. Ngenxa yokuthi ukuphila kuyisipho esivela kuNkulunkulu, kubalulekile ngempela ukuba senze konke esingakwenza ukuze sivikele ukuphila kwethu, sifunde ukushayela ngendlela ephephile.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 13]

UKUNCIPHISA IZINDLEKO ZOKUSHAYELA

◼ Shayela kahle: Ukuhamba ngejubane nokuhlale unyathela amabhuleki, kudla uphethiloli.

◼ Gwema ukudumisa injini ngokungadingekile: Izimoto zesimanje azisakudingi ukufudunyezwa injini ngaphambi kokuba uyishayele. Uma imoto izoma isikhathi esingaphezu kwesigamu somzuzu, yicime.

◼ Gcina amasondo enomoya owanele: Amasondo anomoya owanele aphenduka kalula, lokho kukunciphisa ngokuphawulekayo ukudleka kukaphethiloli.

◼ Gcina ijubane lakho liphansi: Ukushayela ngesivinini esikhulu akuphephile futhi kudla uphethiloli omningi.

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 11]

❏ Hlala uqaphile

❏ Bopha ibhande

❏ Ungenzi izinto eziningi kanyekanye

❏ Gwema iziphazamiso

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 12]

❏ Bheka izindawo ezingabonakali ezibukweni

❏ Amabhuleki asesimweni esihle

❏ Umoya owanele emasondweni

❏ Amasondo angeyona neze impandla

❏ Vula igebe elifanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 13]

❏ “Gqoka izinto zokuzivikela”

❏ “Bonakala”

[Umdwebo/Isithombe ekhasini 13]

❏ Hlola izibani ezinkulu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela