Ubungaphendula Kanjani?
Yini Engalungile Ngalesi Sithombe?
Funda IzEnzo 3:1-10. Bheka isithombe. Yiziphi izinto ezinganembile kuso? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Kungani abaphostoli babekwazi ukwenza izimangaliso? Kusinika liphi ithemba lokhu ngekusasa?
UMKHONDO: Funda IsAmbulo 21:3, 4; 22:2.
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo
IKHASI 5 Yini eyokwenzeka uma umfana noma intombazane ihamba ngendlela efanele kusukela ebuntwaneni? IzAga 22:․․․
IKHASI 5 Yini uNkulunkulu ayenza ngomuntu oyedwa? IzEnzo 17:․․․
IKHASI 11 Yini eyofezwa amazwi omusa? IzAga 12:․․․
IKHASI 23 Ubani omkhulu phakathi kwamaKristu? Luka 9:․․․
Yini Oyaziyo Ngomahluleli U-Ehudi?
Funda AbAhluleli 3:12-30. Phendula imibuzo elandelayo.
4. ․․․․․
Wayengowasiphi isizwe?
5. ․․․․․
Wakhulula ama-Israyeli kumuphi umbusi?
6. ․․․․․
Iqiniso noma amanga? Waphila ngaphambi kweNkosi uDavide.
ENINGAXOXA NGAKHO:
Funda AbAhluleli 3:15, 28. Kungani uJehova agcoba u-Ehudi? Wabonga bani u-Ehudi ngokunqoba kwakhe? Uma ubhekana nenselele, yini okufanele uyenze futhi ngani?
◼ Izimpendulo zemibuzo zisekhasini 29
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. Kwakukhona uPetru noJohane.
2. Le ndoda yayilunyonga, hhayi impumputhe.
3. Indoda elunyonga yayiseduze nesango lethempeli hhayi emaphandleni.
4. UBenjamini.—AbAhluleli 3:15.
5. U-Egiloni.—AbAhluleli 3:14.
6. Iqiniso.