Ubungaphendula Kanjani?
Kwenzeka Kuphi?
1. Senzeka kumuphi umuzi lesi senzakalo?
UMKHONDO: Funda izEnzo 18:1-3.
Kokelezela impendulo yakho ebalazweni.
IRoma
IKorinte
I-Efesu
ITarsu
◼ Benzani laba bantu abathathu?
․․․․․
◼ Obani amagama alo mbhangqwana oshadile, futhi ubani igama lomngane wawo?
․․․․․
ENINGAXOXA NGAKHO:
Ubani igama lomunye umuntu owasizwa yilo mbhangqwana?
UMKHONDO: Funda izEnzo 18:24-26.
Ucabanga ukuthi hlobo luni lomsebenzi owawuluthanda kakhulu lo mbhangqwana, futhi kungani?
Izingane Zifuna Izithombe?
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Imibuzo Esekelwe Kulo Magazini
Phendula le mibuzo, bese ubhala ivesi noma amavesi eBhayibheli afunekayo.
IKHASI 3 Umuntu ongabondli abendlu yakhe mubi kunobani? 1 Thimothewu 5:________
IKHASI 5 Kungani ababili bengcono kunoyedwa? UmShumayeli 4:________
IKHASI 11 Ukuhlakanipha kungatholakala phakathi kobani? Jobe 12:________
IKHASI 29 Yini umuntu okufanele adede kuyo? 1 Thesalonika 4:________
Yini Oyaziyo NgoMahluleli UGideyoni?
Funda AbaHluleli 6:1-7:25, bese uphendula imibuzo elandelayo.
2. ․․․․․
Wayengowasiphi isizwe?
3. ․․․․․
Wakhulula ama-Israyeli kusiphi isizwe?
4. ․․․․․
Iqiniso noma amanga? Waphila ngaphambi kukaMose.
ENINGAXOXA NGAKHO:
Iyiphi imfanelo eyaboniswa uGideyoni lapho egcotshwa uJehova?
UMKHONDO: Funda AbaHluleli 6:14-16.
Ucabanga ukuthi yinhle le mfanelo? Chaza ukuthi kungani uphendula ngaleyo ndlela.
◼ Izimpendulo zisekhasini 27
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 31
1. EKorinte.
◼ Benza ithende.
◼ U-Akwila noPrisila, uPawulu.
2. UManase.—AbaHluleli 6:15.
3. UMidiyane.—AbaHluleli 6:6.
4. Amanga.