Sekuyiminyaka Engaphezu Kwengu-70 Ngithembekile KuNkulunkulu
Njengoba ilandiswa nguJosephine Elias
Evalelwe ngale kwezinsimbi zejele umyeni wami wahlebeza ethi “Ungakhathazeki. Kungathaliseki ukuthi bayangibulala noma bayangidedela, ngiyohlala ngithembekile kuJehova.” Nami ngangizimisele ukuhlala ngithembekile. Nanamuhla ngisazizwa ngendlela efanayo.
NGAZALWA ngo-1916 eSukabumi, idolobhana elincane elisezindaweni eziphakeme zaseNtshonalanga yeJava, e-Indonesia. Abazali bami babengamaShayina ame kahle ayehlala endlini enkulu benezisebenzi. Nganginabafowethu abahlanu, bebathathu abadala bese kuba ababili abancane. Kwakuyimina kuphela intombazane futhi ngenxa yalokho ngangiziphatha njengomfana. Ngangigibela phezu kophahla futhi ngiyithanda imidlalo. Kodwa kunento eyayihlala ingikhathaza kakhulu.
Ngangiwesaba umbono wokushiswa esihogweni. Othisha bami babethi amantombazane angezwa ayokuya esihogweni. Manje ngenxa yokuthi ngangigangile, nganginomuzwa wokuthi ngiyophelela lapho. Kamuva, lapho sengisesikoleni esiphakeme eJakarta (eyayibizwa ngokuthi iBatavia), ngagula. Udokotela wayecabanga ukuthi ngizokufa, ngakho umnikazi wendawo esasihlala kuyo wazama ukungiduduza ethi ngokushesha ngangizokuya ezulwini. Kodwa ngangesaba ukuthi nganginqunyelwe ukuya esihogweni.
Umama, uKang Nio nomfowethu omdala uDodo baphuthuma bazongilanda eJakarta. Endleleni, lapho siya ekhaya, uDodo wabuza, “Bewazi ukuthi iBhayibheli alifundisi ukuthi kunesihogo somlilo?”
Ngambuza. “Wazi kanjani?” Umama wafunda umBhalo eBhayibhelini obonisa ukuthi abafileyo abazi lutho nokuthi balindele uvuko. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 5:28, 29) Bachaza: “Lezi zinto sizifundiswe oFakazi BakaJehova.” Banginika incwajana eyayinesihloko esithi Bakuphi Abafileyo? engaqala ukuyifunda ngaso leso sikhathi.a Singakafiki nasekhaya, ngamemeza, “Leli yiqiniso!”
Ukukhuluma Ngokholo Lwami
Ngaleso sikhathi umkhaya wakithi wawusuthuthele eBandung, idolobha elikhulu eliseNtshonalanga yeJava. Kule ndawo ngalulama kancane kancane ekuguleni. Ngo-March 1937, savakashelwa uClem Deschamp, uFakazi wase-Australia owayekhonza eJakarta. Phakathi naleso sikhathi, umama, abafowethu abadala—uFelix, uDodo noPeng nami, sabhapathizwa sibonakalisa ukuzinikezela kwethu kuNkulunkulu. Kamuva, abafowethu abancane uHartanto noJusak kanye nobaba, uTan Gim Hok, nabo baba oFakazi.b
Ngemva kokuba sibhapathiziwe, sahlanganyela noClem emkhankasweni okhethekile wokushumayela owathatha izinsuku ezingu-9. Wasibonisa indlela yokushumayela sisebenzisa ikhadi lobufakazi elalinesigijimi seBhayibheli esilula ngezilimi ezintathu. Safakaza nangokwethukela ezihlotsheni nakubangane. Ngokushesha iqembu lethu elincane eBandung laba yibandla lesibili e-Indonesia.
Kamuva ngalowo nyaka, umkhaya wakithi wathuthela eJakarta ukuze ushumayele emphakathini wamaShayina owawungabantu abangu-80- 000. Umama, uFelix kanye nami sangenela inkonzo yobuKristu yesikhathi esigcwele njengamaphayona. Ngashumayela naseBandung, eSurabaya nakwezinye izindawo. Ngokuvamile, ngangishumayela ngingedwa. Ngangisemusha, nginamandla futhi ngijabula ngokukhonza uNkulunkulu. Nokho, impi yayifufusa, futhi ukholo lwami lwaluzovivinywa ngokushesha.
Impi Iletha Uvivinyo
Ngo-December 1941, i-Asia yangena ezingxabanweni zeMpi Yezwe II. IButho Lezempi loMbuso waseJapane laphatha i-Indonesia ngesandla esiqinile. Izincwadi zethu zeBhayibheli zavalwa, futhi sasingasakwazi ukushumayela obala. Ngangiphatha ibhodi lokudlala i-chess uma ngiya emakhaya abantu abathakazelayo ukuze abanye bacabange ukuthi ngangizidlalela i-chess.
Ngo-1943, ngashada no-André Tan, iphayona elinesibindi elalinezwi elishukumisayo elalenza abantu banake. Sobabili sashushumbisela oFakazi izincwadi zeBhayibheli kulo lonke elaseJava. Ukubanjwa kwakuyosho ukuhlushwa nokufa. Sasinda ngokulambisa izikhathi eziningi.
Ngelinye ilanga siyogibela isitimela eSukabumi, mina no-André samiswa i-Kempeitai esatshwayo, iphoyisa lezempi laseJapane. Ngangifake izincwadi ezazivinjelwe ngaphansi esikhwameni sami. Iphoyisa labuza: “Kukhonani kulesi sikhwama sakho?”
U-André waphendula, “Izingubo zokugqoka.”
Labuza, “Kukhonani ngaphansi kwalezo zingubo?”
U-André wathi, “Ezinye izingubo.”
Leli phoyisa labuzisisa, “Kodwa yini engaphansi kulesi sikhwama?” Ngadonsa umoya ngathandaza buthule kuJehova. U-André waphendula, “Kungcono uzibhekele.”
Umsizi waleli phoyisa wafaka isandla ngaphansi esikhwameni. Ngokungazelelwe, wamemeza ezwa ubuhlungu, wasikhipha ngokushesha isandla esikhwameni. Wayehlatshwe ukhanjana. Linamahloni iphoyisa lathi sivale isikhwama sigibele esitimeleni.
Kolunye uhambo siya eSukabumi, i-Kempeitai yaphawula ukuthi nginguFakazi futhi yathi ngiye esikhungweni sayo esikhulu kuleyo ndawo. U-André nomfowethu uFelix bahamba nami. Lapho, u-André nguyena owaphenywa kuqala ngemibuzo. Wahlonywa ngethala lemibuzo. “Bangobani oFakazi BakaJehova? Ingabe nimelene nohulumeni waseJapane? Ingabe niyizinhloli?”
U-André waphendula, “Siyizinceku zikaNkulunkulu uMninimandla onke futhi asenzanga lutho olungafanele.” Umphathi wamaphoyisa wathatha inkemba yama-samurai odongeni wayiphakamisa.
Ethukuthele wathi: “Ungathini uma ngikubulala manje?” U-André wabeka ikhanda edeskini lalo mphathi wayesethandaza buthule. Ngemva kokuthula isikhashana, kwaqhuma uhleko. Lo mphathi wathi, “Unesibindi!” Wabe esemkhipha u-André wabiza uFelix kanye nami. Lapho ubufakazi bethu buvumelana nobuka-André, wathi: “Anizona izinhloli. Hambani!”
Sobathathu saya ekhaya, sidumisa uJehova ngenjabulo. Sasingazi ukuthi kwakuseza olunye uvivinyo olunzima ngokushesha.
Olunye Uvivinyo Lokholo
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, u-André wamangalelwa “abazalwane mbumbulu” futhi waboshwa i-Kempeitai. (2 Korinte 11:26) Ngamvakashela ejele. Wayezacile futhi ebuthaka. Wayephila ngokudla izinsalela zokudla ayezithola epayipini lokuchitha amanzi. Abaqaphi bejele abakwazanga ukumenza aphule ubuqotho bakhe. Njengoba ngiphawulile ekuqaleni, wahlebeza ngemva kwezinsimbi zejele: “Ungakhathazeki. Kungakhathaliseki ukuthi bayangibulala noma bayangidedela, ngiyohlala ngithembekile kuJehova. Bangangithwala njengesidumbu kodwa hhayi njengembuka.”
Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ejele, u-André wavela phambi kweNkantolo Ephakeme yaseJakarta. Enkantolo kwakugcwele umkhaya wakithi nabangane. Isimo sasishubile.
Ijaji lafuna ukwazi: “Kungani ungeke ujoyine ibutho lempi laseJapane?”
U-André waphendula: “Ngiyisosha loMbuso kaNkulunkulu, futhi isosha alikwazi ukukhonza emabuthweni amabili ngesikhathi esisodwa.”
Ijaji labuza: “Ingabe ungabakhuthaza abanye ukuba bangayi empini?”
U-André wathi: “Cha, yibona okufanele bazinqumele.”
U-André waqhubeka ezivikela, ecaphuna kakhulu eBhayibhelini. Ijaji, elaliyiSulumane elizinikele, lahlabeka umxhwele. Lathi: “Singase sibe nezinkolelo ezingefani, kodwa ngeke ngimphoqe umuntu ukuba angawulaleli unembeza wakhe. Ngiyakukhulula.”
Bonke ababekhona kule nkantolo bakhululeka futhi ngajabula kakhulu. U-André weza kimi wangibamba ngesandla. Sangungwa abomkhaya nabangane besihalalisela ngenjabulo.
Ukushumayela Ngenkululeko Yeqiniso
Ngemva kokuphela kweMpi Yezwe II, kwaqubuka impi yokuvukela umbuso eyathatha iminyaka emine, i-Indonesia ifuna ukuphuma ngaphansi kombuso wamaDashi. Izinkulungwane zabantu zabulawa kanti zonke izakhamuzi zakule ndawo zabaleka zashiya imizi yazo. Izishoshovu ezishisekela izwe zazama ukusiphoqa ukuba sisho isiqubulo sempi kanye nazo sithi, “Merdeka,” okusho ukuthi “Inkululeko.” Kodwa sazitshela ukuthi sasingathathi hlangothi ezindabeni zezombangazwe.
Naphezu kodlame, saqala ukushumayela endlini ngendlu. Sasebenzisa amakhadi ethu obufakazi amadala nezincwadi esasizilondoloze ngaphambi kokuqala kwempi. Ngo-May 1948, lapho udlame seluthé gozololo, mina no-André saphinde saqala ukuphayona, saba ukuphela kwamaphayona e-Indonesia. Ngemva kweminyaka emithathu sajabulela ukufika koFakazi abangu-14 eJakarta, bonke ababethweswe iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead engxenyeni esenyakatho yeNew York, e-United States. Ukuqeqeshwa esakuthola kubo kwasihlomisela imithwalo yemfanelo eyengeziwe.
Ngo-June 1952, mina no-André sathola isabelo sokuba amaphayona akhethekile eSemarang, enkabeni yeJava. Ngonyaka olandelayo nathi saya ekilasini lama-22 eGileyadi. Ngemva kokuphothula sabuyela e-Indonesia futhi sabelwa eKupang, eTimor. Kamuva isabelo sasiyisa eNingizimu yeSulawesi naseNyakatho yeSulawesi. Kule ndawo saphinde sabhekana nolunye uvivinyo lokholo.
OFakazi Bayavinjelwa Futhi
Ngo-1965 umzamo wokuketula umbuso waholela ekufeni kwamakhulu ezinkulungwane zabantu. Abanye abefundisi benkolo bathatha uhlangothi kule ndaba base bethi oFakazi babengamaKhomanisi. Ngenhlanhla, iziphathimandla zazingakhohliseki kalula. Nokho, abefundisi abazange bayeke ukuhlasela oFakazi ngezinkulumo ezingamanga. Ekugcineni, ngo-December 25, 1976, oFakazi BakaJehova bavinjelwa.
Ngokushesha ngemva kokuphuma kwalesi simemezelo, ummeli wendawo eManado wathi u-André afike ehhovisi lakhe. Wabuza: “Uyazi ukuthi oFakazi BakaJehova bavinjelwe?”
U-André wamphendula: “Yebo.”
Isiphathimandla sabuza: “Ingabe manje ukulungele ukushintsha inkolo yakho?”
U-André wathi ukugoba, wayeseshaya isifuba sakhe ngendlela ephawulekayo. Ngezwi elikhulu wathi: “Ungayikhipha inhliziyo yami emzimbeni wami, kodwa awusoze wangenza ngishintshe inkolo yami.”
Emangele, ummeli wabuza: “Ngibhaleni embikweni wami?”
U-André wathi: “Bhala ukuthi ngisengomunye woFakazi BakaJehova nokuthi angenzanga lutho olungafanele.”
Ummeli wathi: “Kufanele ngizithathe zonke izincwadi zenu.”
Ngalobo busuku intsha engoFakazi yathatha zonke izincwadi emzini wethu, yashiya amabhokisi angenalutho. Saqhubeka sishumayela, sisebenzisa iBhayibheli. Ummeli wendawo akazange aphinde asihluphe.
Impilo Ejabulisayo!
Sino-André kamuva saphayona eSurabaya, esiqhingini saseJava naseBangka, isiqhingi esingaseningizimu-mpumalanga yeSumatra. Nokho, ngo-1982, impilo ebuthaka yasiphoqa ukuba sibuyele eJakarta. U-André washonela lapha ngo-2000, eneminyaka engu-85 ubudala, eyiphayona elishisekayo kwaze kwaba sekupheleni. Ngemva konyaka eshonile, ukuvinjelwa kwaqedwa.
Yeka ukuthi ngiye ngaba nokuphila okujabulisa kanjani! Sengineminyaka engu-93, futhi sengichithe iminyaka engaphezu kuka-70 enkonzweni yokuphayona. Lapho ngibhapathizwa ngo-1937, kwakunoFakazi BakaJehova abangu-25 kuphela e-Indonesia. Namuhla, bathi ababe ngu-22 000. Yeka injabulo enginayo ngokuba nengxenye kulokho kwanda! Kodwa kuseyisiqalo nje sohambo lwami. Ngifuna ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka phakade.
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova, kodwa manje ayisanyatheliswa.
b Wonke umkhaya wahlala uthembekile kuJehova. UJosephine noJusak, okuwukuphela kwamalungu omkhaya asaphila, basakhonza uJehova ngentshiseko eJakarta.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
“Ngiyisosha loMbuso kaNkulunkulu, futhi isosha alikwazi ukukhonza emabuthweni amabili ngesikhathi esisodwa”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 14]
“Ungayikhipha inhliziyo yami emzimbeni wami, kodwa awusoze wangenza ngishintshe inkolo yami”
[Ibalazwe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izindawo esahlala futhi sashumayela kuzo
INDONESIA
Sulawesi
Manado
Sumatra
Bangka
Java
JAKARTA
Sukabumi
Bandung
Semarang
Surabaya
Timor
Kupang
[Isithombe ekhasini 15]
Ngino-André ngawo-1970
[Izithombe ekhasini 15]
Lapho ngineminyaka engu-15 incwajana ethi “Bakuphi Abafileyo?” yangenza ngaqiniseka ngeqiniso leBhayibheli