IZwi LikaNkulunkulu Lenza “Izimangaliso”
NJENGOBA ILANDISWA NGUTHÉRÈSE HÉON
Ngolunye usuku ngo-1965, ngangena enkampanini yebhizinisi ethile ngahambisela abathengisi omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Lapho sengihamba, ngezwa ukuqhuma. Kwashaya inhlamvu phansi ngasezinyaweni zami. “Kufanele benziwe njalo oFakazi BakaJehova,” kukloloda omunye wabathengisi.
LOKHU okuhlangenwe nakho kwangithusa—kodwa hhayi ngokwanele ukuba kungenze ngiyiyeke inkonzo yesikhathi esigcwele. Amaqiniso eBhayibheli engangiwafundile ayeyigugu kakhulu ukuba ngingavumela noma yini ingiyekise inkonzo yami. Ake ngichaze ukuthi kungani ngisho kanjalo.
Ngemva kokuba ngizelwe ngo-July 1918, abazali bami bahlala eCap-de-la-Madeleine, idolobhana eliseQuebec, eCanada, elaziwa ngelithi The Place of Miracles (Indawo Yezimangaliso). Izivakashi zazithuthelekela lapha zizokhuleka endaweni engcwele yeNcasakazi uMariya. Nakuba izimangaliso okuthiwa uMariya wazenza zingenakufakazelwa, iZwi likaNkulunkulu liye lenza into efana nesimangaliso ekuphileni kwabantu abaningi njengoba leli dolobhana liye lakhula laba idolobha elinezakhamuzi ezingaphezu kuka-30 000.
Lapho ngineminyaka engaba ngu-20 ubudala, ubaba wabona ukuthi nginesithakazelo ezindabeni zenkolo wabe esengipha iBhayibheli lakhe. Lapho ngiqala ukulifunda, ngashaqeka ukuthola ku-Eksodusi isahluko 20 ukuthi ukukhulekela izithombe kulahlwe ngokucacile. Ngokushesha angibange ngisazethemba izimfundiso zeSonto LamaKatolika futhi ngayeka ukuya eMiseni. Ngangingafuni ukukhulekela izithombe. Ngikhumbula ubaba ethi, “Thérèse, awuyi esontweni?” “Cha,” ngiphendula, “Ngifunda iBhayibheli.”
Ukufunda iBhayibheli kwaqhubeka kuyingxenye yokuphila kwami ngisho nangemva kokuba sengishadile ngo-September 1938. Njengoba umyeni wami, uRosaire, ayevame ukusebenza ebusuku, ngakwenza umkhuba ukufunda iBhayibheli lapho esemsebenzini. Ngokushesha ngaphetha ngokuthi kumelwe ukuba uNkulunkulu unabantu, futhi ngaqala ukubafuna.
Ukufuna Kwami Abantu BakaNkulunkulu
Ngenxa yalokho engangikufunde esontweni, lapho ngisemncane ngangesaba ukulala, nginovalo lokuthi ngizovuka ngisesihogweni. Ukuze nginqobe ukwesaba okunjalo, ngangivame ukuzitshela ukuthi uNkulunkulu wothando wayengeke avumele into embi kanjalo ukuba yenzeke. Nginethemba, ngaqhubeka ngifunda iBhayibheli, ngifuna iqiniso. Ngangifana nomthenwa waseTopiya owayefunda kodwa engaqondi.—IzEnzo 8:26-39.
Umfowethu u-André nomkakhe, ababehlala endlini esesitezi esingaphansi kwesethu, baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova cishe ngo-1957. Ngatshela umkamfowethu ukuba angixwayise ngokushaya ophahleni lapho oFakazi bezoshumayela kulesi sakhiwo. Ngaleyo ndlela ngangizokwazi ukuthi akufanele ngivule. Ngolunye usuku wakhohlwa ukungixwayisa.
Ngalolo suku ngawuvula umnyango ngabe sengihlangana noKay Munday, iphayona, njengoba izikhonzi zesikhathi esigcwele zoFakazi BakaJehova zibizwa kanjalo. Wakhuluma nami ngegama likaNkulunkulu, echaza ukuthi uNkulunkulu unegama lakhe, elithi Jehova. Ngemva kokuba esehambile, ngahlola iBhayibheli lami ukuze ngiqiniseke ukuthi lokho ayekushilo yayikusekela ngempela imibhalo yeBhayibheli. Ukucwaninga kwami kwangijabulisa kakhulu.—Eksodusi 6:3, Douay Version, umbhalo waphansi; Mathewu 6:9, 10; Johane 17:6.
Lapho uKay ephinda engihambela, saxoxa ngemfundiso yamaKatolika kaZiqu-zintathu, ethi uNkulunkulu ungabantu abathathu kuNkulunkulu oyedwa. Kamuva ngahlola ngokucophelela iBhayibheli lami ukuze ngizanelise ngokuthi alimfundisi uZiqu-zintathu. (IzEnzo 17:11) Ukuhlola kwami kwaqinisekisa ukuthi uJesu akalingani noNkulunkulu. Wadalwa. Waba nesiqalo, kanti uJehova akazange abe naso. (IHubo 90:1, 2; Johane 14:28; Kolose 1:15-17; IsAmbulo 3:14) Nganelisekile ngalokho engangikufunda, ngakujabulela ukuqhubeka nezingxoxo zeBhayibheli.
Ngolunye usuku ngo-1958, likhithika ngo-November, uKay wangimema ukuba ngibe khona emhlanganweni wesifunda owawuzoqhutshwa ngabo lobo busuku ehholo elaliqashiwe. Ngasamukela lesi simemo futhi ngasijabulela isimiso. Ngemva kwalokho, ngixoxa noFakazi oweza kimi, ngabuza, “Kumelwe yini umKristu weqiniso ashumayele endlini ngendlu?”
“Yebo,” esho, “izindaba ezinhle kumelwe zimenyezelwe, futhi iBhayibheli lembula ukuthi ukuya kubantu emakhaya abo kuyindlela ebalulekile yokushumayela.”—IzEnzo 20:20.
Yeka indlela engayijabulela ngayo impendulo yakhe! Yangiqinisekisa ukuthi ngase ngibatholile abantu bakaNkulunkulu. Ukube wayethe, “Cha, akudingekile,” ngangiyongabaza ukuthi ngilitholile iqiniso, ngoba ngangikwazi lokho iBhayibheli elikushoyo ngokushumayela endlini ngendlu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke, ngathuthuka ngokushesha ngokomoya.
Ngemva kwalowo mhlangano wesifunda, ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova eyayiqhutshelwa edolobheni laseTrois-Rivières elingumakhelwane. UKay nomngane wakhe uFlorence Bowman, babewukuphela koFakazi ababehlala eCap-de-la-Madeleine ngaleso sikhathi. Ngolunye usuku ngathi, “Ngizohamba nani ngiyoshumayela kusasa.” Bakujabulela ukuba ngihambe nabo.
Ukushumayela Edolobheni Lakithi
Ngangicabanga ukuthi wonke umuntu uzosamukela isigijimi seBhayibheli, kodwa ngokushesha ngathola ukuthi akunjalo. Lapho uKay noFlorence babelwa kwenye indawo, kwakuyimina ngedwa kuleli dolobha owayeshumayela amaqiniso eBhayibheli endlini ngendlu. Ngesibindi, ngaqhubeka ngishumayela ngedwa cishe iminyaka emibili kwaze kwaba yilapho ngibhapathizwa ngo-June 8, 1963. Ngalo lolo suku ngabhalisela lokho ngaleso sikhathi okwakubizwa ngokuthi inkonzo yamaphayona yesikhathi sokuphumula.
Ngaqhubeka ngiyiphayona lesikhathi sokuphumula isikhathi esingangonyaka. Ngemva kwalokho, uDelvina Saint-Laurent wathembisa ukuthi uzoza eCap-de-la-Madeleine azosebenza nami kanye ngesonto uma ngiba iphayona elivamile. Ngakho ngagcwalisa ifomu lami lesicelo samaphayona. Nokho ngokudabukisayo, emasontweni amabili nje ngaphambi kokuba ngiqale inkonzo yesikhathi esigcwele, uDelvina washona. Ngangizokwenzenjani? Ngase ngiligcwalisile ifomu lesicelo futhi ngangingafuni ukuhlehlela emuva. Ngakho ngo-October 1964, ngaqala umsebenzi wami wenkonzo yesikhathi esigcwele. Iminyaka emine eyalandela, ngahamba indlu ngendlu ngedwa.
AmaKatolika aseCap-de-la-Madeleine azinikele ngokuvamile ayenobutha. Amanye ayebiza amaphoyisa ezama ukungivimbela ukuba ngishumayele. Njengoba ngishilo ekuqaleni, ngolunye usuku umthengisi wazama ukungesabisa ngokudubula ezinyaweni zami. Lokhu kwaba undab’ uzekwayo kuleli dolobha. Isiteshi sethelevishini salendawo sakubiza ngokuthi umkhankaso wokumelana noFakazi BakaJehova. Konke lokhu kwaphumela ekunikezweni kobufakazi obuhle. Ngemva kweminyaka eyishumi, kwenzeka ukuthi isihlobo somthengisi owayengidubulile sibe uFakazi sona ngokwaso.
“Izimangaliso” Ezenziwa IZwi LikaNkulunkulu
Kuyo yonke leminyaka, ngiye ngabona udonga lokuphikiswa kwamaqiniso eBhayibheli lubhidlika kancane kancane eCap-de-la-Madeleine. Cishe ngo-1968, abanye oFakazi bathuthela lapha, futhi izakhamuzi zakulendawo zaqala ukusabela emaqinisweni eBhayibheli. Ekuqaleni kwawo-1970, inani lezifundo zeBhayibheli empeleni lalichichima. Lafinyelela ezingeni lapho kwase kudingeka ngicele abanye oFakazi ukuba bathathe izifundo zeBhayibheli eziningana engangiziqhuba ukuze ngiqhubeke ngiba nengxenye ethile enkonzweni yendlu ngendlu.
Ngolunye usuku owesifazane othile osemusha wamukela kimi insiza-kufundisa yeBhayibheli ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Umngane wakhe ngaleso sikhathi kwakuyinsizwa okuthiwa u-André, isigebengu esasibonakala siyisidlova esahlanganyela engxoxweni. Ukuxoxa no-André kwavusa isithakazelo sakhe, futhi kwaqalwa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha ngemva kwalokho waqala ukukhuluma nabangane bakhe ngalokho ayekufunda.
Ngesinye isikhathi, ngangitadisha iBhayibheli nezigelekeqe ezine, esinye sazo esasingakhulumi kakhulu kodwa esasilalelisisa. Igama laso kwakunguPierre. Ngolunye usuku ekuseni cishe ngehora lesibili, mina nomyeni wami sezwa ukungqongqoza emnyango. Ake ucabange ngalokhu: Izigelekeqe ezine zazimi lapho zizongibuza imibuzo. Ngenhlanhla, uRosaire akakaze akhononde ngalokho kuvakashelwa ngesikhathi esingafanele.
Ekuqaleni womane lamadoda ayeba khona emihlanganweni. Nokho, u-André noPierre kuphela abaphikelela. Bavumelanisa ukuphila kwabo nezindinganiso zikaNkulunkulu base bebhapathizwa. Sekuyiminyaka engaphezu kuka-20 womabili lamadoda ekhonza uJehova ngokwethembeka. Lapho eqala ukufunda, ayaziwa kakhulu ngezenzo zawo zobugebengu futhi ayegadwe amaphoyisa. Ngezinye izikhathi amaphoyisa ayefika ezowafuna ngemva kwesinye sezifundo zethu zeBhayibheli noma phakathi nomhlangano webandla. Ngiyajabula ngokuthi ngashumayela kuzo “zonke izinhlobo zabantu,” ngaleyo ndlela ngazibonela ngawami indlela ithonya leZwi likaNkulunkulu elibangela ngayo izinguquko ezibonakala ziyisimangaliso ngempela.—1 Thimothewu 2:4.
Ukube lapho ngiqala inkonzo yami ngangitshelwe ukuthi kuzoba neHholo LoMbuso eCap-de-la-Madeleine nokuthi lizogcwala abantu bakaJehova, ngangingeke ngikholwe. Ngiyajabula ukuthi ibandla elilodwa elincane elisedolobheni laseTrois-Rivières elingumakhelwane liye lakhula laba amabandla ayisithupha achumayo ahlangana emaHholo OMbuso amathathu, kuhlanganise neliseCap-de-la-Madeleine.
Mina ngokwami ngiye ngajabulela ukusiza abantu abangaba ngu-30 ukuba bafinyelele eqophelweni lokuzinikezela nobhapathizo. Manje, njengoba sengineminyaka engu-78 ubudala, ngingasho kugcwale umlomo ukuthi ngiyajabula ngokuthi ngiye nganikezela ukuphila kwami kuJehova. Nokho, kumelwe ngivume ukuthi ngiye ngaba nezikhathi zokudumala. Ukuze ngibhekane nezikhathi ezinjalo ngempumelelo, ngaso sonke isikhathi ngivula iBhayibheli lami ngifunde izindima ezithile ezingiqabula kakhulu. Angikwazi nakancane ukuvumela usuku ludlule ngingalifundanga iZwi likaNkulunkulu. Umbhalo ongikhuthaza kakhulu uJohane 15:7, othi: “Uma nihlala nisebunyeni nami futhi amazwi ami ehlala kini, celani noma yini eniyifisayo futhi iyokwenzeka kini.”
Nginethemba lokubona uRosaire ezweni elisha eliseduze kakhulu. (2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4) Ngaphambi nje kokufa kwakhe ngo-1975, wayethuthukela obhapathizweni. Okwamanje, ngizimisele ukuphikelela enkonzweni yesikhathi esigcwele futhi ngiqhubeke ngijabula emsebenzini kaJehova.