Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w94 6/1 kk. 5-7
  • Ukufuna Kwabo Inkolo Yeqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukufuna Kwabo Inkolo Yeqiniso
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Abanye Babe Nokungabaza Okungathi Sína
  • Wafunda Iqiniso Mayelana Nabafileyo
  • Bathola Ukuphila Okunenjongo
  • Iphayona Elingesabi
    INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2016
  • “[Uyajabula] Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Sekuyiminyaka Engaphezu Kwengu-70 Ngithembekile KuNkulunkulu
    I-Phaphama!—2009
  • Indlela Abanye Abazithole Ngayo Izimpendulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
w94 6/1 kk. 5-7

Ukufuna Kwabo Inkolo Yeqiniso

KUSUKELA ebuntwaneni abanye baye bafuna izimpendulo ezanelisayo emibuzweni yabo emayelana nokuphila. Lapho besebancane, kungenzeka babeya ezinkonzweni zenkolo. Kodwa abaningi babo bathola ukuthi izimpendulo abazinikezwayo noma isonto akubasizanga ngempela ukuba babhekane nezinkinga zabo zokuphila.

Bangase bathi basengamalungu enkolo yabazali babo, nakuba beqabukela beyile ezinkonzweni zakhona zenkolo. Ngokusho kombhishobhi wesonto laseSheshi, ukhodlwana abasenalo sekungolokuziba nje. Inkolo abasayigqize qakala. Abanye, bedinwe ubuzenzisi ababubona ezinkolweni, sebeyilahle ngokuphelele inkolo. Nokho, imibuzo yabo ngokuphila ayipheli.

Okwenza Abanye Babe Nokungabaza Okungathi Sína

Iningi labantu liyazi ukuthi amasonto amaningi anezikhungo zokusiza abangenamakhaya, ukunika abahluphekayo ukudla, nokuxhasa izenzakalo zomphakathi. Kodwa cishe nsuku zonke bezwa nezindaba zodlame nokuchitheka kwegazi inkolo ethintekayo kukho hhayi phakathi kwalabo abangewona amaKristu kuphela kodwa naphakathi kwalabo abathi bangamaKristu. Ingabe kufanele kusimangaze ukungabaza kwabo ukuthi amaqembu ahileleke odlameni olunjalo aqhuba inkolo yeqiniso?

Abaningi abakhuliswa ngokwenkolo babecabanga ukuthi amakhaya ezintandane axhaswa amasonto ayinto enhle. Nokho, eminyakeni yamuva baye bashaqeka lapho abapristi ezindaweni ezihlukahlukene bemangalelwa ngokuxhaphaza abantwana abaphathiswe bona ngokobulili. Ekuqaleni abantu babecabanga ukuthi kwakungabapristi abambalwa kuphela abanecala. Manje abanye babo sebeyazibuza ukuthi kungenzeke yini ukuthi kunokuthile okungalungile ngokuphelele ngesonto ngokwalo.

Abambalwa, njengo-Eugenia, bake bahileleka ngokujulile enkolweni yabo. Njengomuntu osemusha e-Argentina, wayephakathi kwalabo ababehamba nesonto ukuyokhulekela iNcasakazi yase-Itatí. Wahlala emzini wezindelakazi iminyaka engu-14 njengendelakazi. Wabe eseshiya lapho ukuze ayoba ilungu leqembu lezizwe zonke elihlanganisa inkolo nezombangazwe elalihambisana nezinguquko ezisheshayo zemikhakha yomphakathi engokwenhlalo nengokwezomnotho ngezindlela zokuvukela uhulumeni. Ngenxa yalokho akubona nabhekana nakho, waphelelwa ukholo nokumethemba uNkulunkulu. Empeleni wayengasayifuni inkolo angakholelwa kuyo. Ayesekufuna kwakuyindlela yokuletha ubulungisa kulabo abampofu—yebo, efuna nomngane angamethemba.

Abanye baqaphela lokho okwenzeka emasontweni bese bemela kude. Omunye umuntu ophika ubukhona bukaNkulunkulu omibono yakhe yakhishwa kumagazini i-Sputnik ka-1991 washo ngokungafihli: “Angiwuboni umehluko ongako phakathi kwezici zezinganekwane zamaqaba nezamaKristu.” Njengesibonelo, wachaza ihele labapristi abambethe izingubo ezihlotshiswe ngegolide elalihamba kancane lithwele ibhokisi elenziwe ngetshe linesidumbu esomisiwe phakathi lihamba naso emigwaqweni yaseMoscow. Kwakuyisidumbu “sikasanta ongumKristu wobu-Orthodox” esasisuswa emnyuziyamu siyiswa esontweni, futhi sakhumbuza lomlobi ngabapristi nezidumbu ezomisiwe zaseGibithe lasendulo. Wakhumbula nokuthi njengoba labo ababeseheleni lase-Moscow babekholelwa “kuZiqu-zintathu wobuKristu,” abaseGibithe nabo babekade bekhulekela onkulunkulu abangabathath’ emunye—u-Osiris, Isis, noHorus.

Yena lombhali wathi inkolelo yamaKristu yothando—ukuthi “uNkulunkulu uluthando,” nokuthi “wothanda umakhelwane wakho”—yayingekho eGibithe lobuqaba. Kodwa waphawula: “Uthando lobuzalwane lwehlulekile ukunqoba ezweni, ngisho nakuleyongxenye ezibiza ngokuthi amazwe obuKristu.” Wabe eselandelisa ngamazwi aphathelene nezithelo ezimbi zokuphikelela kwesonto ekuhilelekeni ezindabeni zoMbuso. Lokho akubona akumshukumiselanga ukuba abe nomuzwa wokuthi amasonto eLobukholwa anakho lokho akufunayo.

Ngokuphambene nalokho, abanye bazitholile izimpendulo ezanelisayo kodwa hhayi emasontweni eLobukholwa.

Wafunda Iqiniso Mayelana Nabafileyo

UMagdalena, manje oneminyaka engu-37 ubudala, uhlala eBulgaria. Ngemva kokushona kukayisezala ngo-1991, wadangala kakhulu. Wayehlala ezibuza: ‘Abafileyo baya kuphi? Ukuphi ubabezala wami?’ Waya esontweni, wathandaza naphambi kwesithombe ekhaya, kodwa akatholanga mpendulo.

Kwathi ngolunye usuku umakhelwane wamshayela ucingo emmemela kwakhe. Kwakunensizwa efundelwa oFakazi BakaJehova eyayivakashele lapha kwamakhelwane. Walalela njengoba yayikhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu nenjongo yaKhe yokwenza umhlaba ube ipharadesi lapho abantu bengahlala khona phakade ngenjabulo. Etafuleni kwakunencwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni. Isebenzisa lencwadi, lensizwa yaqondisa ukunakekela kwakhe embhalweni weBhayibheli okumShumayeli 9:5, othi: “Kepha abafileyo abazi-lutho.” Ngalokho kuhlwa wafunda okwengeziwe. Wathola ukuthi abafileyo abayanga kokunye ukuphila ezulwini noma esihogweni; abazi lutho, banjengabasebuthongweni obunzulu. Wasamukela ngenjabulo isimemo sokuya emhlanganweni webandla loFakazi BakaJehova elisendaweni yakubo. Ngemva komhlangano wavuma ukuqhutshelwa isifundo seBhayibheli sasikhathi sonke. Njengoba ayephawulile kulemihlangano indlela imithandazo eya kuJehova eyayenziwa ngayo, naye waqala ukukhuleka kuJehova ecela usizo lokunqoba ubuthaka obuthile obabugxile ngokujulile kuye. Lapho umkhuleko wakhe uphendulwa, wabona ukuthi uyitholile inkolo yeqiniso.

Bathola Ukuphila Okunenjongo

U-André wayekhulele ekhaya lamaKatolika aqinile eBelgium futhi wayekhonze njengomsizi wompristi wakuleyondawo. Nokho, phakathi nalesosikhathi, wabona izinto ezayehlisa inhlonipho yakhe ngesonto. Ngenxa yalokho, wayesengumKatolika ngegama kuphela.

Wayedlale ibhola likanobhutshuzwayo elikhokhelwayo iminyaka engu-15. Kwesinye isenzakalo ngesikhathi iqembu lakhe lidlala e-Italy, lamenywa ukuba liyobungazwa upapa. Kwakungekho lutho olwakhayo ngokomoya kulokho kuvakasha, futhi ingcebo yezwe eyayizungeze upapa yamcasula u-André. Ukulingabaza kwakhe isonto kwajula. Ukuphila kwakhe kwangasese kwakungasemnandi ngenxa yokuthi wayesechithekelwe umshado kabili. Isimo sezwe sasimkhungathekisa. Ngo-1989 wabhala encwadini yakhe yezenzakalo zansuku zonke: ‘Iyini injongo yazo zonke lezizinto zobuwula eziqhubekayo?’ Enkolweni yakhe akazitholanga izimpendulo.

Ngo-1990, lapho u-André esebenza njengomqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo e-Iceland, u-Iiris, isithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova, wathintana naye. Wazithatha izincwadi futhi wamema lesithunywa sevangeli ukuba siphinde sibuye. Sabuya nomyeni waso, uKjell. Lapho ekugcineni sebekwazi ukuhlala phansi bakhulume no-André, kwaba sobala ukuthi wayenesithakazelo esijulile sokuqonda iBhayibheli. Umkakhe, u-Ásta, wayenesithakazelo esinjengesakhe. Phakathi nosuku, wayeba namahora amathathu ayengafundisi ngawo, futhi banquma ukusebenzisa lesosikhathi esifundweni seBhayibheli. “Ngizizwa ngiqabuleke kakhudlwana ngokufunda iBhayibheli kunalapho ngiziphumulele nje,” esho. Kancane kancane iBhayibheli layiphendula imibuzo yabo. Kancane kancane ukholo lwabo kuJehova naseMbusweni wakhe lwakhula. Izithembiso zeBhayibheli ezikhazimulayo zezwe elisha elinokuthula, izwe elingenazo ‘izinto zobuwula eziqhubekayo,’ zaba ngokoqobo kubo. Bobabili u-André no-Ásta manje bahlanganyela ukholo lwabo olusha nabanye.

UMagdalena, u-André, no-Ásta bazizwa beqinisekile ngokuthi ekugcineni bayitholile inkolo yeqiniso. U-Eugenia ngokufanayo, ngemva kokuzama ukuxazulula izinkinga zezwe ngezindlela zombangazwe, wagcina eyitholile koFakazi BakaJehova inkolo eyayibonakala kuye ingeyeqiniso. Kodwa empeleni yini enquma ukuthi inkolo ingeyeqiniso noma cha? Siza ubheke lokhu kwaziswa okulandelayo.

[Isithombe ekhasini 7]

Isifundo sasikhathi sonke seBhayibheli noFakazi BakaJehova sisiza abantu abangaphezu kwezigidi ezinhlanu ekufuneni kwabo izimpendulo ezanelisayo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela