Luhlobo Luni Lwenkanyezi Olwaholela “Izazi” KuJesu?
Izindaba ezidumile zikaKhisimusi ziveza inkanyezi njengophawu oluhle oluvela ezulwini. Ingabe yayiyilokho ngempela?
◼ Ngokulandisa komlobi weBhayibheli uMathewu, inkanyezi engavamile yakhanga “izazi” zaseMpumalanga, ekugcineni yaziholela kuJesu omncane. (Mathewu 2:1-12, King James Version) Izindaba ezidumile zikaKhisimusi ziveza inkanyezi njengophawu oluhle oluvela ezulwini. Incwadi ethile ibhekisela enkanyezini njengengxenye “yelungiselelo elenziwa kusengaphambili . . . lokuba umntwana uJesu ahlonishwe futhi amukelwe uYise njengeNdodana yakhe ethandekayo.” Ngisho namaculo kaKhisimusi ayayidumisa leyo nkanyezi. Yayiyini le nkanyezi?
Abanye baye basikisela ukuthi kwakuyinkanyezi eyisimanga engokwemvelo. Izazi eziningi ziye zasikisela ukuthi kwakuwukuhlangana kwamaplanethi. Kodwa, njengoba i-New Bible Dictionary ibonisa, “into enjalo engokwemvelo akunakuthiwa ‘iyinkanyezi.’” Uma amaplanethi amaningi ephambana eduze, abengase abonakale eyizinto ezimbili ezikhanyayo ezingafani, hhayi inkanyezi eyodwa. Abanye baye basikisela ukuthi kwakungenye yezinkanyezi ezimangalisayo, njengenkanyezi enomsila noma inkanyezi enkulu eqhumayo. Kodwa, ayikho kulezi zinkanyezi eyayingakwazi ukuhamba esibhakabhakeni ngendlela yokuthi iholele la madoda emzini othile bese ima phezu kwalowo muzi.
Ingabe ukubonakala kwale nkanyezi kwakuyisenzakalo esingokwemvelo noma yabonakala ngenxa yesiqondiso sasezulwini? Ake ucabangele amaqiniso athile: “Izazi” zazingekhona lokho namuhla esingakubiza ngokuthi izihlakaniphi; futhi zingewona namakhosi. Zaziyilokho izinguqulo zanamuhla zesiNgisi ezikubiza ngokuthi, “ababhula ngezinkanyezi.” Zazenza into elahlwayo emiBhalweni Engcwele. (Duteronomi 18:10-12) Phawula ukuthi yilezi zazi kuphela okuthiwa “zabona” le nkanyezi. Ukube le nkanyezi yayiyinkanyezi yangempela, yayiyobonakala njengelangabi kubo bonke abantu. Kodwa ngisho neNkosi uHerode kwadingeka izibuze imininingwane yendlela ebukeka ngayo. Le nkanyezi yaqale yaqondisa lezi zazi eJerusalema kuHerode, isitha esifayo salowo owayezoba nguMesiya. Wayefuna ukubulala umntwana uJesu. Le nkanyezi yabe isishintsha umzila yaholela izazi eningizimu yeBhetlehema lapho uJesu ayekhona, ngaleyo ndlela ibeka ukuphila kwakhe engozini.
La maqiniso anikeza ubufakazi bokuthi inkanyezi yayivela emthonjeni omubi, ngokuqinisekile owawunguSathane uDeveli. IBhayibheli limchaza njengosebenzisa “izibonakaliso zamanga nezimangaliso.” (2 Thesalonika 2:9) Ngakho-ke akufanele kuwamangaze amaKristu eqiniso ukuthi uSathane wayengenza izazi zibone into efana nenkanyezi eyaziholela eNdodaneni kaNkulunkulu ayefuna ukuyibulala. Yiqiniso, akekho noyedwa ongahlela izinto ukudlula uJehova uNkulunkulu. Ngakho, akumangalisi ukuthi icebo likaDeveli lokubulala uJesu ngaphambi kwesikhathi labhuntsha.
Nokho, kuyaphawuleka ukuthi uNkulunkulu wamemezela ukuzalwa kukaJesu ngezindlela ezimangalisayo. Ngabo kanye ubusuku uJesu azalwa ngabo, ingelosi yabonakala eqenjini labelusi yabatshela ngokuzalwa “koMsindisi.” Ingelosi yaphinde yabanikeza neziqondiso zohambo ukuze abelusi bavakashele uJesu. Ngemva kwalokho kwavela uquqaba lwezingelosi zaqala ukudumisa uNkulunkulu. (Luka 2:8-14) UNkulunkulu wasebenzisa lezi zingelosi hhayi inkanyezi ekwaziseni abantu ngokuzalwa kukaJesu.