Ukucindezeleka—Kuwusongo Olukhulu Empilweni
“Ngisebenza amahora amaningi angahlelekile imini nobusuku. Ngokuvamile ngihlinza umuntu esibhedlela esithile bese ngisala nemizuzu embalwa yokudlula esiminyaminyeni sezimoto njengoba ngilibangise kwesinye isibhedlela.”—UDkt. Peter Stuart, eNingizimu Afrika.
CISHE uyayiqonda indlela uDkt. Stuart azizwa ngayo, ngisho noma izimo ezikubangela ukucindezeleka zihluke ngokuphelele kwezakhe. Kungakhathaliseki ukuthi yini ekwenza ucindezeleke, kungaba ukushayela esiminyaminyeni sezimoto, ubuhlobo obungebuhle ekhaya, emsebenzini noma okunye, abantu abaqali ukucindezeleka.
Eminyakeni engaphezu kwamakhulu angu-30 edlule, isosha elalikhandlwe yimpi lasho ngokungananazi ukuthi: “Ukuthuthumela uqobo lwako kungena ngaphakathi kimi, nokuqhaqhazela kuyangisibekela.” (IHubo 55:5) Le ndoda yayicindezelekile. Lapho isengumfana ongumalusi, yalwa nebhubesi, ibhere nomdondoshiya wesosha owawuzimisele ukuyibulala.—1 Samuweli 17:4-10, 23, 24, 34-36, 41-51.
Yiqiniso, ukucindezeleka ngokwakho akukubi. Kungasisiza ukuba sibhekane nenselele. Ezimweni ezisongela ukuphila, ukucindezeleka kwenze abantu benza izinto abebecabanga ukuthi ngeke bakwazi ukuzenza. Lapho kwakufanele wenze umsebenzi othile obalulekile, kungenzeka ukucindezeleka kwabangela ukuba umzimba ukhiqize i-adrenaline eyakunika amandla okwenza lowo msebenzi ngesikhathi.a
Nokho, kuba nezinkinga uma ukucindezeleka kuphikelela futhi imizimba yethu ingasakwazi ukuphumula. Umcwaningi othile uthi: “Ukucindezeleka kuwusongo oluphambili empilweni nasenhlalakahleni yethu.” Uma uzwa sengathi usufike kwangqingetshe noma ufuna ukugwema ukuba kuleso simo, ungase ubuze, “Kukhona yini engingakwenza ukuze nginciphise ukucindezeleka?”
Ngokujabulisayo, kukhona ongakwenza. Wonke umuntu angayithola impumuzo esize abaningi ukuba babhekane nokucindezeleka. Ivela emthonjeni okungenzeka ubungawulindele—iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Nakuba lingeyona incwadi yezempilo, iBhayibheli linikeza ukuhlakanipha okungokoqobo okungasisiza. Liyachaza ukuthi kungani kunokucindezeleka okungaka manje futhi liveze izici ezikubangelayo noma ezinomthelela kukho. Liqukethe nokusikisela okuwusizo okungasisiza ukuba sikudambise futhi sikulawule ukucindezeleka.
[Umbhalo waphansi]
a I-adrenaline iyi-hormone ekhiqizwa yindlala okuthiwa i-adrenal ekusiza ukuba ubhekane nezimo eziphuthumayo.