Indlela Ukucindezeleka Okusithinta Ngayo
Kwenzekani uma ugijimela ibhasi noma isitimela? Akungabazeki ukuthi uye uzwe ukukhuphuka komfutho wegazi emzimbeni nokushaya ngamandla kwenhliziyo. Ngisho noma likushiyile ibhasi noma isitimela, ukushaya ngamandla kwenhliziyo nokuhefuzela ngokuvamile kuyaphela.
KODWA, kungase kube isimo esihlukile uma ubhekene nesimo esicindezelayo esithatha isikhathi eside. Ukukhathazeka, ukuqina kwemisipha, ukwenyuka komfutho wegazi nokungagayeki kahle kokudla kungephuza ukubuyela esimweni esivamile. Abantu abaningi ngokwengeziwe bathola ukuthi lokho kucindezeleka akupheli. Ngokwesibonelo, abaningi bazizwa bevaleleke emsebenzini abangawuthandi. Ukucindezeleka kuwuthinta kanjani umzimba nempilo yakho?
Indlela Umzimba Wakho Osabela Ngayo Ekucindezelekeni
UDkt. Arien van der Merwe, onguchwepheshe kulo mkhakha, uchaza indlela umzimba wakho osabela ngayo ekucindezelekeni. Usabela ngokushesha, bese kuba “nethala lamakhemikhali ezinzwa nama-hormone asabalala kuwo wonke umzimba, elungiselela zonke izitho zomzimba ukuba zibhekane nesimo esiphuthumayo.”
Ukulungela ngokushesha ukwenza isenzo esingaphezu kokuvamile. Zonke izinzwa zakho—ezihlanganisa ukubona, ukuzwa nokuthinta—ziyahileleka. Ubuchopho bakho busabela ngokushesha, bese izindlala okuthiwa ama-adrenal zikhiqiza ama-hormone anamandla, zishukumise imisipha yakho kanye nenhliziyo, amaphaphu nezinye izitho ukuze zisingathe noma yisiphi isimo esicindezelayo okungadingeka ubhekane naso.
Ngenxa yalokho, esimweni esiphuthumayo ukucindezeleka komzimba wakho kungasindisa ukuphila, njengalapho kukwenza ukuba ugxume ubalekele imoto. Kodwa sihluke ngokuphelele isimo uma ukucindezeleka kuphikelela.
Lapho Ukucindezeleka Kuba Isitha
Kuthiwani uma umzimba wakho uhlala njalo unomdlandla? Imisipha yakho ihlala iqinile, ukushaya kwenhliziyo nomfutho wegazi akwehli, kanti amafutha asegazini, ushukela, ama-hormone namanye amakhemikhali kuhlala kuphakeme. Ukuhlala kwamazinga ala makhemikhali ephakeme—okuhloselwe ukunika umuntu umdlandla okwesikhashana nje—ngokuhamba kwesikhathi kulimaza izitho zomzimba ezibalulekile. Lokhu kuba namuphi umphumela?
Ungaqala ukuba nenkinga yeqolo, ubuhlungu bekhanda, ukunyazima kwemisipha yentamo nemisipha eqinile. Odokotela bathi lezo zimpawu zivame ukuhambisana nokucindezeleka okungapheli. Ukucindezeleka okuphikelelayo kungathikameza ingqondo nendlela yokusebenza, kuqede nomdlandla futhi kulimaze ubudlelwane bomuntu nabanye. Kungabangela nobuhlungu besisu, uhudo nobuhlungu bomgudu wokudla. Imiphumela yokucindezeleka okungapheli ingase ibe mibi nakakhulu. Ukushaywa unhlangothi, ukuma kwenhliziyo, ukungasebenzi kwezinso, izinkinga zemithambo yenhliziyo nesifo sikashukela kungase kubangelwe noma kubhebhethekiswe ukucindezeleka okungapheli.
UVan der Merwe uyabhala: “Ngenxa yokukhishwa kwe-cortisol lapho umuntu ecindezeleke isikhathi eside, amafutha avame ukunqwabelana esiswini naseqolo.” Izifo zesikhumba ezinjengokhwekhwe, zihlobene nokucindezeleka noma ziyabhebhetheka ngenxa yakho. Ukucindezeleka ngokweqile kubuye kuhlobane nokucindezeleka okukhulu ngokomzwelo, ulaka olungapheli nokutubeka. Ukucindezeleka njalo kungabangela umonakalo ongalungiseki enkumbulweni nasekhonweni lokugxilisa ingqondo. Amasosha omzimba alinyazwe ukucindezeleka okungapheli angenza umuntu angenwe yinoma iziphi izifo kusukela emkhuhlaneni ovamile nomdlavuza kuya ekuzihlaseleni komzimba ngokwawo.
Ukucindezeleka kunomthelela omkhulu kuzo zonke izici zenhlalakahle yethu—ezingokwengqondo, ezingokomzimba, ezingokomzwelo nezingokomoya—ngakho kudingeka ukuba siyazi indlela yokukulawula. Kodwa, asifuni ukukuqeda nyá ukucindezeleka okuzwiwa umzimba. Ngani?
Singase sifanise ukucindezeleka nehhashi elitshakadulayo. Kungasijabulisa kakhulu ukuligibela. Nokho, uma lingalawuleki, lingafaka ukuphila kwethu engozini. Ngokufanayo, ukucindezeleka okulawulekayo kungenza ukuphila kujabulise kakhulu, kusishukumisele ukuba sisebenzise ingqondo, sikhuthale, sibe nomdlandla futhi sibe imiqemane.
Kodwa-ke, singakugcina kanjani ukucindezeleka kusezingeni elilawulekayo ukuze sithole okungcono kakhulu ekuphileni kwethu? Isihloko esilandelayo sichaza izindlela zokulawula ukucindezeleka nendlela esikusingatha ngayo.
[Ibhokisi ekhasini 5]
‘SENZIWE NGOKUMANGALISAYO’ UMDALI OHLAKANIPHILE NONOTHANDO
Ngokuphambene nombono ovamile, ukusabela komzimba wethu ekucindezelekeni akubangelwa yindlela abantu basendulo ababesabela ngayo osongweni lwezindlovu ezinkulukazi namahlosi anamazinyo abukhali. Kunalokho, izimiso eziyinkimbinkimbi zomzimba wethu zenziwe ngobuhlakani uMdali oyingcweti. Ngokwesibonelo, inqubo eyinkimbinkimbi yokujiya kwegazi libe ihlule, amandla alo amangalisayo okulwa nezifo nokupholisa izilonda, kanye nokusabela okumangalisayo komzimba lapho umuntu ecindezelekile kufakazela ukuba khona koMklami ohlakaniphile nonothando.
Zonke lezo zimiso zomzimba zifakazela ukuthi ‘senziwe ngokumangalisayo ngendlela eyesabekayo.’ (IHubo 139:13-16) Amalungiselelo kaNkulunkulu othando angokomoya nangokomzimba, kanye nendlela emangalisayo adale ngayo abantu ukuba bajabulele ukuphila, kuqinisekisa ukuthi akukho okuyobangela ubuhlungu, usizi, noma ukufa ePharadesi lasemhlabeni elizayo.—IsAmbulo 21:3-5.
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 5]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IMIPHUMELA EMIBI YOKUCINDEZELEKA ISIKHATHI ESIDE
Ubuhlungu bekhanda
Ubuhlungu bentamo
Ukuququda amazinyo
Ubuhlungu beqolo
Isifo senhliziyo
Izilonda esiswini
Ukunyazima kwemisipha