Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g05 2/8 k. 4-k. 6 isig. 5
  • Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka
  • I-Phaphama!—2005
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukucindezeleka Kokuthola Okokuziphilisa
  • Izingcindezi Zabazali Abangabodwa
  • Izingane Zicindezelekile
  • Imiphumela Yokucindezeleka
  • Ukucindezeleka Okuzuzisayo Nokucindezeleka Okuyingozi
    I-Phaphama!—1998
  • Ngingabhekana Kanjani Nokucindezeleka Esikoleni?
    Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indlela Yokulawula Ukucindezeleka
    I-Phaphama!—2010
  • Indlela Ukucindezeleka Okusithinta Ngayo
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2005
g05 2/8 k. 4-k. 6 isig. 5

Izimbangela Nemiphumela Yokucindezeleka

KUYINI ukucindezeleka? Ngokwesazi esithile, ukucindezeleka kungase kuchazwe ngokuthi “yinoma yini ephathelene nomzimba namakhemikhali awo, noma engokomzwelo ebangela ingcindezi emzimbeni noma engqondweni.” Ingabe lokhu kusho ukuthi ukucindezeleka nje kuyingozi? Cha. Njengoba uDkt. Melissa C. Stöppler ephawula, “ukucindezeleka okusezingeni elikahle kanye nexhala ngezinye izikhathi kungaba okuzuzisayo. Ukuzizwa ucindezelekile ngezinga elithile lapho wenza umsebenzi noma isabelo esithile ngokuvamile kusishukumisela ekwenzeni umsebenzi omuhle futhi sisebenze ngenkuthalo.”

Pho-ke, kunini lapho ukucindezeleka kuba inkinga khona? UStöppler uthi: “Kulapho ukucindezeleka sekukugabha khona, noma kungasingathwa ngendlela efanele, lapho kuvela khona imiphumela yako emibi.” Cabangela ezinye zezimbangela ezivamile zokucindezeleka.

Ukucindezeleka Kokuthola Okokuziphilisa

INkosi uSolomoni yathi: “Akukho lutho olungcono kumuntu kunokuba adle futhi aphuze, abangele umphefumulo wakhe ubone okuhle ngenxa yomsebenzi wakhe onzima.” (UmShumayeli 2:24) Nokho, kubantu abaningi abasebenzayo, umsebenzi uyibhodwe lezingcindezi.

Umbiko ovela kuyi-European Agency for Safety and Health at Work wathi izisebenzi zivame ukucindezeleka emsebenzini ngoba, ukubala okumbalwa nje, ukukhulumisana akukuhle phakathi kwabaqondisi nezisebenzi, abaqondisi abaziniki izisebenzi ithuba lokuphefumula ezinqumweni ezizithintayo, kunezingxabano phakathi kwezisebenzi ngokwazo, noma zinovalo lokuphelelwa umsebenzi noma aziholelwa kahle. Kungakhathaliseki ukuthi ziyini izizathu, ukubekezelela izingcindezi zasemsebenzini kungashiya abazali abasebenzayo bengenamandla okubhekana nezidingo zemikhaya yabo. Kwazidingo lezo zingaba izintaba. Ngokwesibonelo, e-United States, phakathi nonyaka owodwa, abantu abangaba yizigidi ezingu-50 babenakekela ilungu lomkhaya eligulayo noma eselikhulile. Izinkinga zezimali nazo zingaba imbangela enkulu yokucindezeleka emkhayeni. URita, umama wezingane ezimbili, wabhekana nezingcindezi zezimali lapho umyeni wakhe uLeandro, ehileleka engozini yemoto, eyamshiya esehamba ngesihlalo sabakhubazekile. URita uyavuma: “Izinkinga zemali zidala ukushuba komoya. Uma ungenayo imali yokuhlangabezana nazo zonke izindleko zasekhaya, kuyawulimaza umoya wakho.”

Izingcindezi Zabazali Abangabodwa

Ukutabalasela ukunakekela izidingo zemikhaya yabo kushiya abazali abangabodwa becindezeleke kakhulu. Ukuvuka ekuseni ulungise ukudla, ukugqokisa izingane nokuziyisa esikoleni, ukujaha ukufika ngesikhathi emsebenzini, bese-ke ubhekana notwayi lwasemsebenzini kungase kushiye umzali ongayedwa ekhandlekile ngokomzimba nangokomzwelo. Lapho umama osebenzayo eshayisa emsebenzini, kuqala omunye umjikelezo wokucindezeleka njengoba ephuthuma ukuyolanda izingane esikoleni, elungisa ukudla kwakusihlwa, futhi enza imisebenzi yasendlini. UMaría, umzali ongayedwa onamadodakazi amane evile eminyakeni eyishumi nambili, uqhathanisa ukuphila kwakhe nokwebhodwe elipheka ngesisi, uthi: “Ingcindezi ingakhula ibe nkulu kangangokuthi ngizizwe sengathi ngizoqhuma.”

Izingane Zicindezelekile

URonald L. Pitzer, oyisazi sezokuhlalisana kwabantu, uthi: “Intsha eningi inokucindezeleka okusezingeni eliphakeme.” Kumelwe ibhekane nezinguquko ezingokomzimba nezingokomzwelo zokuthomba. Kukhona nezingcindezi zasesikoleni. Ngokwencwadi ethi Childstress!, usuku oluvamile esikoleni “lugcwele izinkinga nezingcindezi ezibangela ukucindezeleka—ezifundweni, kwezemidlalo, ebuhlotsheni bezingane nontanga nasekusebenzelaneni nothisha.”

Kwezinye izindawo usongo lobudlova basesikoleni luyanezela ekukhathazekeni—singasayiphathi eyovalo izingane eziningi ezinalo manje ngokuhlasela kwamaphekula nezinye izinhlekelele. Enye intombazane eyeve eshumini nambili iyabhala: “Uma abazali njalo nje bexoxa ngendlela izwe eselithusa ngayo manje, kuzosethusa.”

Abazali kufanele babe umthombo wamandla ezinganeni zabo. Kodwa, uPitzer uthi: “Ngeshwa, abazali bayaye bayithathe kancane, bayiphebeze, bayilulaze, noma nje bayishaye indiva imizamo yezingane ezisencane nesezevile eminyakeni eyishumi nambili yokuxoxa ngemizwa yazo ejulile.” Ngezinye izikhathi abazali basuke bexhakathiswe izinkinga zabo zasemshadweni. “Kubonakala sengathi abazali bami babehlalela ukulwa,” kusho uTito osemncane, obazali bakhe bagcina behlukanisile. Njengoba incwadi ethi Childstress! iphawula, “akukona kuphela ukulwa ngokubambana ngezandla noma ngokuqophisana ngamazwi okudala ukuhlukumezeka ngokomzwelo. Intukuthelo egqibelene ezibonakalisayo ngisho nalapho isifihlwa ngokusebenzisa amagama okuteketisana iyazikhathaza izingane.”

Imiphumela Yokucindezeleka

Kungakhathaliseki ukuthi umncane noma umdala noma ukuthi ukucindezeleka onako kubangelwa umsebenzi noma isikole, ukucindezeleka okungapheli kungayilimaza kakhulu impilo yakho. Umbhali othile wezokwelapha uyachaza: “Indlela umzimba osabela ngayo ekucindezelekeni ngezinye izikhathi ingase ifaniswe nendiza elungela ukusuka.” Yebo, lapho ucindezelekile, inhliziyo yakho ishaya ngamandla nomfutho wegazi wenyuke. Izinga likashukela egazini liyenyuka. Umzimba ukhipha ama-hormone athile. Yena lo mlobi uyaqhubeka: “Uma ukucindezeleka kuphikelela, zonke izitho zomzimba ezithintekayo lapho ucindezelekile (ubuchopho, inhliziyo, amaphaphu, imithambo yegazi, nemisipha) zishukunyiswa ngendlela engalungiseki ezenza zingasebenzi kahle noma zisebenze ngokweqile. Ngokuhamba kwesikhathi lokhu kungase kudale umonakalo emzimbeni noma engqondweni.” Uhlu lwezifo ukucindezeleka okungaba nomthelela kuzo lude ngendlela ethusayo: isifo senhliziyo, ukufa uhlangothi, izinkinga zesimiso sokuzivikela somzimba, umdlavuza, izinkinga zemisipha namathambo, nesifo sikashukela, uma sibala ezimbalwa nje.

Okukhathaza nakakhulu indlela engenampilo iningi—ikakhulukazi intsha—elizama ngayo ukubhekana nokucindezeleka. UDkt. Bettie B. Youngs uyabalisa: “Akuve kucindezela ukuthola ukuthi intsha, ngoba ifisa ukubalekela ubuhlungu, iphendukela ezintweni ezinjengokusebenzisa kabi uphuzo oludakayo nezidakamizwa, ukunyenya esikoleni singakaphumi, ubuhlongandlebe, ukuziphatha kabi ngokobulili, ukuba nolaka nobudlova, nokweqa ekhaya—izindlela eziyiholela ezinkingeni ezinkulu kakhulu kunalezo esuke izama ukuzibalekela.”

Ukucindezeleka engqondweni kuyingxenye yokuphila kwanamuhla; asikwazi ukukubalekela ngokuphelele. Kodwa njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa, kuningi esingakwenza ukuze silawule ukucindezeleka!

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 6]

“Ingcindezi ingakhula ibe nkulu kangangokuthi ngizizwe sengathi ngizoqhuma”

[Isithombe ekhasini 5]

Ukuphila kwabazali abangabodwa ngokuvamile kugcwele izingcindezi

[Isithombe ekhasini 6]

Isikole singathwesa izingane ingcindezi engadingekile

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela