Intsha Iyabuza
Kungani Kufanele Ngiyikhathalele Impilo Yami?
Bhala uqhwi ✔ eceleni komgomo ongathanda ukuwufinyelela.
◯ Ukunciphisa umzimba
◯ Ukuthuthukisa ukubukeka kwesikhumba
◯ Ukuba namandla engeziwe
◯ Ukuqapha ngokwengeziwe
◯ Ukunciphisa ukukhathazeka
◯ Ukuzethemba kakhudlwana
KUNEZINTO ezithile ekuphileni ongenakuzikhethela zona njengomuntu osemusha—abazali bakho, izingane zakini nendawo ohlala kuyo, uma sibala nje ezimbalwa. Kodwa isimo sihlukile uma kuziwa empilweni yakho. Ukuthi ungumqemane yini noma cha kuxhomeke ofuzweni nasendleleni okhetha ukuphila ngayo.a
Ungase uthi, ‘Kodwa ngisemncane kakhulu ukuba ngingakhathazeka ngempilo yami!’ Ucabanga kanjalo ngempela? Ake ubheke uhlu lwemigomo olungenhla. Mingaki ofake uqhwi kuyo? Empeleni, ukuba umqemane kuyisihluthulelo esibalulekile sokufinyelela ngamunye waleyo migomo.
Kuyavunywa ukuthi ungase uzizwe njengo-Amberb oneminyaka engu-17, othi: “Ngeke ngihlale ngidla isinkwa esenziwe ngofulawa omahhadla nokudla okungenamafutha nokungenashukela njalo!” Uma uzizwa ngaleyo ndlela, ungakhathazeki—akudingeki ukuba ube umshisekeli wempilo, uyeke uswidi, noma uzivocavoce ngokugijima ibanga elide masonto onke. Empeleni, kungase kudingeke ushintsho oluncane nje ukuze uqale ukubukeka kangcono, uzizwe ungumqemane futhi ube sesimweni esihle kakhulu. Ake sibone ukuthi abanye ontanga yakho bakwenze kanjani.
Yidla Ngendlela Efanele Ukuze Ubukeke Kangcono!
IBhayibheli litusa ukuba silinganisele emikhubeni yethu. ‘Ungazigxishi ngokudla,’ kusho izAga 23:20. (Contemporary English Version) Akulula ukulandela leso seluleko ngaso sonke isikhathi.
● “Njengentsha eningi, ngihlale ngilambile. Abazali bami bathi isisu sami siwumgodi ongagcwali.”—U-Andrew, oneminyaka engu-15.
● “Ngenxa yokuthi angiboni ukuthi okunye ukudla kungilimaza kanjani njengamanje, akubonakali kuyinto embi kangako.”—UDanielle, oneminyaka engu-19.
Ingabe udinga ukuzithiba kakhudlwana ekudleni? Nakhu abanye ontanga yakho abathi kuyabasebenzela.
Lalela isisu sakho. “Ngangivame ukubala ama-kilojoule,” kusho uJulia oneminyaka engu-19, “kodwa manje sengivele ngikuyeke ukudla uma sengisuthi.”
Gwema ukudla okungenamsoco. UPeter oneminyaka engu-21, uthi: “Ngokuyeka iziphuzo ezinoshukela, ngancipha ngamakhilogremu amahlanu ngenyanga nje eyodwa!”
Shintsha imikhuba emibi yokudla. “Ngiye ngizame ukungakuphindi ukudla,” kusho u-Erin oneminyaka engu-19.
Imfihlo Yokuphumelela: Ungeqiwa yizikhathi zokudla! Uma wenza kanjalo, uyozizwa usulambe kakhulu bese uthambekela ekudleni ngokweqile.
Zivocavoce Kakhudlwana Ukuze Uzizwe Ungumqemane!
IBhayibheli lithi: “Ukuqeqesha umzimba [kuyazuzisa].” (1 Thimothewu 4:8) Kodwa intsha eningi kubonakala ingakuthandisisi kahle ukuvocavoca umzimba.
● “Uzomangala ukuthi ziningi kangakanani izingane ezazingawuvocavoci umzimba ngesikhathi ngisafunda esikoleni esiphakeme. Kwakuyilona kilasi elilula, ngaphandle kokudla!”—URichard, oneminyaka engu-21.
● “Abanye baye bacabange ukuthi, ‘Kungani kufanele ugijime elangeni elishisayo uze ujuluke futhi ukhathale kuyilapho ungadlala umdlalo we-video okuvumela ukuba ushaye sengathi ungumuntu ohlukile?’”—URuth, oneminyaka engu-22.
Ingabe igama elithi “ukuzivocavoca” ngokwalo likwenza ukhathale? Uma kunjalo, nazi izinzuzo ezintathu ozithola ngokuzivocavoca njalo.
Inzuzo #1. Ukuvocavoca umzimba kuthuthukisa isimiso somzimba sokulwa nezifo. “Ubaba wayehlale ethi, ‘Uma ungasitholi isikhathi sokuvocavoca umzimba, kufanele uthole esokugula,’” kusho uRachel oneminyaka engu-19.
Inzuzo #2. Ukuvocavoca umzimba kukhipha amakhemikhali ebuchosheni akwenza uzole. “Ukugijima kuyangisiza ngizole lapho nginezinto eziningi engqondweni,” kusho u-Emily oneminyaka engu-16. “Ngizizwa ngiqabulekile futhi ngikhululeke kakhulu ngokomzwelo.”
Inzuzo #3. Ukuvocavoca umzimba kungathuthukisa injabulo yakho. URuth oneminyaka engu-22, uthi, “Ngiyathanda ukuba ngaphandle, ngakho ukuzivocavoca kwami kuhlanganisa ukuqombola izintaba, ukubhukuda, ukushibilika eqhweni nokugibela ibhayisikili.”
Imfihlo Yokuphumelela: Beka eceleni okungenani imizuzu engu-20 kathathu ngesonto uzivocavoca ngento oyithanda ngempela.
Phumula Ngokwanele Ukuze Ube Nomdlandla!
IBhayibheli lithi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Uma ungalali ngokwanele, ngeke ube nomdlandla!
● “Uma ngingalalanga ngokwanele, ngivele ngibe yinkinga. Ngiyahluleka ukugxilisa ingqondo kunoma yini!—URachel, oneminyaka engu-19.
● “Ngawo-2:00 ntambama, ngikhathala kangangokuba ngingacishe ngizumeke umuntu esakhuluma nami!”—UKristine, oneminyaka engu-19.
Ingabe udinga ukulala kakhudlwana? Nakhu ontanga yakho abaye bakwenza.
Gwema ukulala ebusuku kakhulu. “Bengilokhu ngizama ukusheshe ngilale,” kusho uCatherine oneminyaka engu-18.
Nqamula ingxoxo. URichard, oneminyaka engu-21, uthi: “Ngezinye izikhathi abangane bangithinta ngocingo noma bangibhalele imiyalezo sekusebusuku impela, kodwa muva nje sengifunde ukunqamula ingxoxo ngivele ngiyolala.”
Lwela ukungaguquguquki. UJennifer oneminyaka engu-20 uthi: “Muva nje, ngizama ukulala futhi ngivuke ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.”
Isihluthulelo Sokuphumelela: Lwela ukulala amahora aphakathi kwangu-8 nayishumi njalo ebusuku.
Yiziphi izinto ezintathu okukhulunywe ngazo kulesi sihloko okudingeka uzinake ekuphileni kwakho?
◯ ukudla ◯ ukuzivocavoca ◯ ukulala
Ngezansi, bhala umgomo ongazibekela wona ongakusiza uthuthuke kule ndaba.
․․․․․
Uzozuza kakhulu ngokuthatha nje izinyathelo ezimbalwa ezilula ukuze uzinakekele. Khumbula ukuthi ukuba nempilo enhle kuyokusiza ukuba ubukeke kangcono, uzizwe ungumqemane futhi wenze izinto ngomdlandla. Ngokungafani nezinye izinto ekuphileni, impilo yakho engokomzimba ingokuthile onamandla okukulawula. U-Erin oneminyaka engu-19 uthi: “Ekugcineni, impilo yakho ixhomeke kumuntu oyedwa vó—onguwe.”
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge oluthi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ye-Internet ethi www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Siyavuma ukuthi abantu abaningi banezinkinga zempilo noma ukukhubazeka abangenakwenza lutho ngakho. Lesi sihloko singabasiza abanjalo babe nempilo engcono nakuba belinganiselwe.
b Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
● Ukunakekela impilo yakho kungakuthonya kanjani ukuzethemba kwakho?
● Ungakubonisa kanjani ukulinganisela uma kuziwa empilweni yakho? —Filipi 4:5.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 13]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Umzimba womuntu ufana nemoto—ngumniniyo okufanele ayinakekele. Lesi esinye isizathu esingenza ngithande ukuvocavoca umzimba.”
“Ukuba nothile ozozivocavoca naye kuyakukhuthaza ngoba awufuni ukumdumaza.”
“Ngiyayithanda indlela engizizwa ngayo lapho ngizivocavoca. Lapho sengibukeka kangcono ngenxa yakho, lokho kungenza ngizethembe ngokwengeziwe!”
[Izithombe]
U-Ethan
UBriana
U-Emily
[Ibhokisi ekhasini 14]
“NGASHINTSHA INDLELA YAMI YOKUPHILA”
“Ngathi ngiba neminyaka eyisithupha, ngase ngizimukile. Ngakho kancane kancane, ukuhlafuna okuthile okudliwayo ngezikhathi ezithile kwaphenduka umkhuba wokudla njalo! Ngangingenzi lutho olunyakazisa umzimba—ngangingakuthandi. Ngathi ngiphaphama, ngase ngikhuluphele kakhulu, okuyinto engangingayifisi neze. Ngangingayithandi neze indlela engangibukeka futhi ngizizwa ngayo! Ngangizama ukunciphisa umzimba ngezikhathi ezithile ngokuhlela indlela yami yokudla, kodwa ngangibuye ngikhuluphale. Ngakho, lapho sengineminyaka engu-15, nganquma ukuthi kufanele ngenze ushintsho. Ngangifuna ukunciphisa umzimba ngendlela efanele eyayizongisebenzela ukuphila kwami konke. Ngathenga incwadi eyayikhuluma ngokudla okunempilo nendlela yokuzivocavoca, futhi ngakusebenzisa engangikufunda. Ngangizimisele ukuqhubeka ngisho nalapho kukhona okungidumazayo. Uyazi kwenzekani? Kwasebenza lokho! Ngesikhathi esingangonyaka ngase nginciphe ngamakhilogremu angu-25. Sekuphele iminyaka emibili nginalo mzimba. Ngangingacabangi ukuthi lokhu kungenzeka! Ngicabanga ukuthi into eyangenza ngaphumelela ukuthi angigcinanga nje endabeni yokudla—ngashintsha nendlela yokuphila. Lapho sengikwamukele ukuthi lokhu kwakuzothinta zonke izici zokuphila kwami, ngazimisela futhi ngakulungela ukwenza ushintsho oludingekayo.”—UCatherine, oneminyaka engu-18.
[Isithombe ekhasini 14]
Impilo yakho injengemoto—uma ungayinakekeli kahle, izophuka