Isahluko 10
Kungani Kufanele Nginakekele Impilo Yami?
Faka u-✔ eceleni komgomo ngamunye ongathanda ukuwufinyelela.
□ Ukunciphisa ukukhathazeka
□ Ukulawula intukuthelo
□ Ukuzethemba kakhudlwana
□ Ukuba ophapheme
□ Ukuba namandla engeziwe
□ Ukuthuthukisa ukubukeka kwami
□ Ukunciphisa umzimba
KUNEZINTO ekuphileni wena njengosemusha ongenakuzikhethela zona—abazali bakho, izingane zakini nalapho uhlala khona, uma sibala nje ezimbalwa. Kodwa kuhlukile endabeni yempilo yakho. Nakuba ufuzo luyithinta impilo yakho, kodwa ngokuvamile inqunywa indlela yokuphila oyikhethayo.a
Ungase uthi, ‘Kodwa ngisemncane ukuba ngingakhathazeka ngempilo yami!’ Ingabe ucabanga kanjalo ngempela? Bheka imigomo esekhasini 71. Mingaki oyifake uqhwishi? Kungakhathaliseki ukuthi ucabangani, impilo enhle iyona eyokwenza ufinyelele leyo migomo.
Ungase uzizwe njengo-Amber oneminyaka engu-17, othi, “Ngeke ngilunge ukulokhu ngidla isinkwa sikakolweni nokudla okungenamafutha nokungenashukela!” Uma uzizwa kanjalo, ungakhathazeki—akudingeki uyeke uswidi futhi ugijime amabanga amade masonto onke. Luncane ushintsho okungase kudingeke ulwenze ukuze ubukeke kahle, uzizwe kangcono futhi ube namandla engeziwe. Ake sizwe ukuthi abanye bontanga yakho bakwenze kanjani.
Yidla Ngendlela Efanele Ukuze Ubukeke Kahle!
IBhayibheli lisikhuthaza ukuba silinganisele kwesikwenzayo. ‘Ungazigxishi ngokudla,’ kusho izAga 23:20. (Contemporary English Version) Akulula ngaso sonke isikhathi ukulandela leso seluleko.
“Njengezinye izingane, ngaso sonke isikhathi ngihlale ngifuna ukudla. Abazali bami bathi isisu sami siwumgodi ongagcwali!”—U-Andrew, oneminyaka engu-15.
“Ngenxa yokuthi angiboni ukuthi okunye ukudla kungilimaza kanjani, akubonakali kukubi kangako.”—UDanielle, oneminyaka engu-19.
Ingabe kudingeka uzithibe ngokwengeziwe endabeni yokudla? Nakhu abanye bontanga yakho abathi kuyabasebenzela.
Lalela isisu sakho. UJulia oneminyaka engu-19 uthi, “Ngangivame ukukukala ukudla engikudlayo, kodwa manje sengiyayeka ukudla uma sengisuthi.”
Gwema ukudla okungenamsoco. UPeter oneminyaka engu-21 uthi, “Ngokuyeka iziphuzo ezinoshukela, ngancipha ngamakhilogremu amahlanu ngenyanga eyodwa!”
Yeka imikhuba emibi yokudla. U-Erin oneminyaka engu-19 uthi, “Ngizama ukungakuphindi ukudla.”
Imfihlo Yokuphumelela: Ungeqiwa izikhathi zokudla! Ngaphandle kwalokho, uzolamba bese udla kakhulu.
Zivocavoce Ngokwengeziwe Ukuze Uzizwe Kahle!
IBhayibheli lithi: ‘Ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’ (1 Thimothewu 4:8) Kodwa intsha eningi ayikuthandi ukuzivocavoca.
“Ngeke ukholwe ukuthi ziningi kangakanani izingane ezazifeyila ikilasi lokuvocavoca umzimba ngesikhathi ngisesikoleni sebanga eliphakeme. Kwakuyilona kilasi elilula kunawo wonke!”—URichard, oneminyaka engu-21.
“Abanye bathi, ‘Kungani kufanele ugijime elangeni elishisayo uze ujuluke futhi ukhathale kuyilapho ungadlala umdlalo we-video owenza kube sengathi uyagijima?’”—URuth, oneminyaka engu-22.
Ingabe lona kanye igama elithi “ukuzivocavoca umzimba” likwenza uphelelwe amandla? Uma kunjalo, nazi izinzuzo ezintathu zokuba nesimiso esihle sokuzivocavoca.
Inzuzo Yokuqala. Ukuzivocavoca kuqinisa amasosha omzimba. “Ubaba wayehlale ethi, ‘Uma ungasitholi isikhathi sokuvivinya umzimba, kufanele ube naso esokugula,’” kusho uRachel oneminyaka engu-19.
Inzuzo Yesibili. Ukuzivocavoca kukhipha amakhemikhali asebuchosheni akwenza uzole. U-Emily oneminyaka engu-16 uthi, “Ukugijima kukhulula ingqondo yami lapho ngikhathazekile. Kungenza ngiqabuleke futhi ngithokoze emoyeni.”
Inzuzo Yesithathu. Ukuzivocavoca kwandisa injabulo. “Ngiyakuthanda ukuba ngaphandle, ngakho ngivivinya umzimba ngokuqombola izintaba, ukubhukuda nokushova ibhayisikili,” kusho uRuth oneminyaka engu-22.
Imfihlo Yokuphumelela: Zivocavoce okungenani imizuzu engu-20 kathathu ngesonto wenza into oyithandayo.
Lala Ngokwanele Ukuze Ube Namandla!
IBhayibheli lithi: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Uma ungalali ngokwanele akusebenzeki kahle!
“Uma ngingalalanga ngokwanele, akuhambi kahle. Angikwazi kwenza lutho!”—URachel, oneminyaka engu-19.
“Ngawo-2:00 ntambama ngikhathala ngize ngozele ngisaxoxa nabantu!”—UKristine, oneminyaka engu-19.
Ingabe udinga isikhathi esithé xaxa sokulala? Nakhu okwenziwe abanye bontanga yakho.
Gwema ukwephuza ukulala. “Ngizama ukusheshe ngilale,” kusho uCatherine oneminyaka engu-18.
Nqamula ingxoxo. URichard oneminyaka engu-21 uthi, “Ngezinye izikhathi abangane bami bangishayela ucingo noma bangithumelele imiyalezo ebusuku kakhulu, kodwa sengifundile ukunqamula ingxoxo bese ngiyolala.”
Ungasishintshashintshi isikhathi sokulala nesokuvuka. UJennifer oneminyaka engu-20 uthi, “Ngizama ukulala futhi ngivuke ngesikhathi esifanayo nsuku zonke.”
Imfihlo Yokuphumelela: Zama ukulala okungenani amahora angu-8 nsuku zonke.
Kuningi oyokuzuza ngokuthatha izinyathelo ezimbalwa ezilula zokuzinakekela. Khumbula, ukuba nempilo enhle kuyokusiza ukuba ubukeke kahle, uzizwe kahle futhi ube nomdlandla. Ngokungafani nezinye izinto ekuphileni, ungakwazi ukuyilawula ngezinga elithile impilo yakho. U-Erin oneminyaka engu-19 uthi, “Impilo yakho ixhomeke kumuntu oyedwa—okunguwena.”
Ingabe awuboni ngaso linye nabazali bakho endabeni yezingubo zokugqoka? Thola ukuthi yini ongayenza ukuze nivumelane!
[Umbhalo waphansi]
a Siyavuma ukuthi abantu abaningi banezinkinga zempilo noma ukukhubazeka abangenakwenza lutho ngakho. Lesi sahluko singabasiza babe nempilo engcono ngangokusemandleni abo.
UMBHALO OYINHLOKO
‘Ukuqeqesha umzimba kuyazuzisa.’—1 Thimothewu 4:8.
ICEBISO
Thola umuntu ozovivinya naye umzimba. Kuzokwenza ukhuthale ngoba ngeke ufune ukumdumaza.
UBUWAZI . . . ?
Ukuvivinya umzimba kwenza ubuchopho bukhiqize amakhemikhali angadambisa izinhlungu, akwenze uzizwe kahle.
ENGIZOKWENZA!
Umgomo okahle engingazibekela wona ngokuqondene nokudla nendlela yokudla ․․․․․
Umgomo okahle engingazibekela wona ngokuqondene nokuvivinya umzimba ․․․․․
Ngizozama ukulala okungenani amahora angu- ․․․․․ nsuku zonke ngenyanga ezayo.
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Ukunakekela impilo yakho kungakuthinta kanjani ukuzethemba kwakho?
● Yini ebaluleke ngaphezu kokunakekela impilo yakho?—1 Thimothewu 4:8.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 74]
“Ngiyayithanda indlela engizizwa ngayo uma ngivivinya umzimba. Futhi lapho sengibukeka kahle ngenxa yakho, ngivele ngibe nokuzethemba!’’—U-Emily
[Ibhokisi ekhasini 73]
“Ngashintsha Indlela Yami Yokwenza Izinto”
“Ngesikhathi ngisemncane ngangikhuluphele, okuyinto engangingayithandi neze. Ngangingayithandi indlela engangibukeka ngayo nengangizizwa ngayo! Ngangiye ngizame ukunciphisa umzimba ngezindlela ezisheshayo, kodwa ngibuye ngikhuluphale. Ngakho lapho ngineminyaka engu-15, nganquma ukwenza ushintsho. Ngangifuna ukunciphisa umzimba ngendlela efanele—indlela engangiyonamathela kuyo ukuphila kwami konke. Ngathenga incwadi ekhuluma ngokudla okunempilo nokuvivinya umzimba, ngase ngiyakusebenzisa lokho engangikufunda. Ngangizimisele ukuthi ngisho noma ngingaphazamiseka noma ngidikibale ngeke ngiyeke. Uyazi ukuthini? Kwasebenza! Ngonyaka nje ngancipha ngamakhilogremu angu-25. Sekuphele iminyaka emibili ngingakhuluphali. Ungathi ngiyaphupha! Ngicabanga ukuthi into eyangenza ngaphumelela ukuthi angizange nje ngilandele indlela ethile yokudla—kodwa ngashintsha indlela yami yokwenza izinto.”—UCatherine, oneminyaka engu-18.
[Isithombe ekhasini 74]
Impilo yakho injengemoto—uma ungayinakekeli kahle izowohloka