Okwangenza Ngashiya Umsebenzi Ophambili
Njengoba ilandiswa nguMartha Teresa Márquez
NGIYAKUTHANDA ukucula, kusukela ngisemncane ngangicula ngihambisane nomsakazo. Angizange ngiye esikoleni ngagcina enkulisa, kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngenza izifundo zokuqeqeshwa kwezwi eMexico City ngaphansi komqondisi weqembu lezwe lezinsimbi zomculo.
Ngo-1969, lapho sengineminyaka engu-24, umngane wami othile owayengumdansi wangimemela lapho kwakuhlungwa khona abaculi endaweni yokudlela ephambili eLa Rampa Azul. Ngacula ingoma yodumo enesihloko esithi Cucurrucucú Paloma, eyaqanjwa ngumbhali wezingoma waseMexico uTomás Méndez, nezilaleli zayijabulela. Ngaqala kanjalo-ke ukuba umculi okhokhelwayo. Ngangicula ngedwa ngaziwa ngegama elithi Romelia Romel.
Ngangisebenza noTomás Méndez, kanye nabanye ababhali bezingoma nabaculi abanekhono abahlanganisa uCuco Sánchez noJuan Gabriel. Kwakungijabulisa ukubona igama lami libhalwe ngezibani futhi lisemaphepheni nakomagazini. Ngangicula ezindaweni zemidanso ebusuku, emsakazweni nasemakhonsathini ahlukahlukene eMexico naseBelize. Ngangisebenza nanosomahlaya wesifazane odumile eMexico uLeonorilda Ochoa ngesikhathi uhlelo lwakhe lwethelevishini lusanda kuqala eMexico.
Ngokuhamba kwesikhathi, ngathola udumo nemali enhle, ngakwazi ukuthenga izinto eziphambili njengobucwebe, amajazi enziwe ngoboya obuyigugu kuhlanganise nefulethi elihle esiqongweni sebhilidi. Kwakubonakala nginakho konke, kodwa lutho injabulo. Ukuphila kwami kwakungenanjongo. Nakuba ngangikhuliswe enkolweni yobuRoma Katolika, nganginamahloni okuya esontweni. Ngangizizwa ngingcole kakhulu ngenxa yokuziphatha kwami okuxekethile.
Indlela Engamthanda Ngayo UJehova
Lapho silungiselela ukuqopha i-albhamu yami yokuqala, ngatshela umngane wami uLorena Wong, owayengumculi we-ranchera indlela engangizizwa ngayo. Ngamtshela ukuthi ngingathanda ukuba yindelakazi ngisize abasweleyo. Waphendula, “Indelakazi? Uyahlanya yini!”
Wabe esebuza: “Uyalazi igama likaNkulunkulu?”
Ngaphendula, “INkosi uJesu Kristu.”
Wathi, “Cha, igama lakhe uJehova. UJesu uyiNdodana yakhe.”
Ngambuza, “UJehova?” Ngangingalazi nakancane leli gama. ULorena wanginika iBhayibheli wabe esethembisa ukuthumela uthisha wakhe, owayengomunye woFakazi BakaJehova ukuba azongivakashela.a
Njalo uma ngimbona uLorena, ngangimbuza, “Uzomthumela nini uthisha wakho?” Ngangilambile ngokomoya.
Phakathi naleso sikhathi, ngaqala ukuzifundela iBhayibheli futhi ngabona ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova ngempela. (IHubo 83:18) Ngamangala. Ngaphinde ngathola neMiyalo Eyishumi futhi wangihlaba umxhwele othi: “Ungaphingi.” (Eksodusi 20:14) Ngaleso sikhathi, ngangikipite nendoda eshadile, eyayingubaba womfanyana wami onezinyanga ezingu-8. Lo mfana wayeyingane yami yesibili. Nganginendodana engangiyithole kwenye indoda, nayo engangingashadile nayo.
Ngelinye ilanga ngisaprakthiza ingoma entsha, kwangqongqoza othile. Kwakunguthisha kaLorena, uMauricio Linares nomkakhe. Bangibonisa ukuthi iyini injongo kaNkulunkulu ngesintu bangishiyela incwadi ethi IQiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade.b Ngayifunda ngayiqeda ngobusuku obubodwa, nakuba ngangingakwazi ukufunda amagama anzima. Ngaqala lapho-ke ukuthanda uJehova.
Ukushintsha Indlela Yami Yokuphila
Njengoba oFakazi babengisiza ukuba ngitadishe iBhayibheli futhi ngithuthukise nekhono lami lokufunda, ngabona ukuthi kwakudingeka ngenze ushintsho ekuphileni kwami ukuze ngijabulise uJehova. Ngaqala ukulahla izithombe zenkolo, izindondo, nezinto zenhlanhla, nakuba zazenziwe ngegolide.
Ngakuthola kunzima ukuyeka ukubhema nokuphuza kakhulu. Njalo lapho ngidlula ngasendaweni ethengisa utshwala, umlomo wawugcwala amathe. Kwadingeka ukuba nginqamule ubuhlobo nabo bonke abangane bami, ngoba babenginika utshwala futhi bengimemela ezindaweni eziphambili zophuzo nokudla. Ngangazi ukuthi lokhu kungangenza ngibuyele ekuphuzeni ngokweqile.
Kwakunzima kimi nokuyeka ukuya emicimbini yabantu abacebile nabadumile. Lapho ngimenywe edilini lokugubha usuku lokuzalwa lomshayi-sibhakela odumile waseCuba, ngathandaza: “Ngiyagcina Jehova. Ngeke ngiphinde ngiye emcimbini onjengalo noma ngiziphathe ngendlela ongayithandi.” Nempela, angiphindanga.
Ngahlukana nobaba wendodana yami yesibili. Ngakwenza lokhu nakuba ayecebile futhi engithembise nezinto eziningi uma nje ngingahlukani naye. Kwakunzima kakhulu kimi ukuba ngenze lokhu ngoba ngangimthanda kakhulu, futhi wayekwazi lokho. Washo ngokuziqhenya, wathi: “NginguNkulunkulu wakho! NginguKristu wakho!”
Ngaphendula, “Ubungunkulunkulu wami, kodwa manje sekunguJehova uNkulunkulu wami.” Wangisongela ngokuthatha indodana yami ngisho nokungilimaza.
Ngaleso sikhathi, abathile bangitshela ukuthi umculo wawungumsebenzi njengeminye nje—ngangingaba uFakazi ngiphinde ngicule. Kodwa, abanye bangikhumbuza: “Ngeke ube nothango olukubiyele ekubhemeni, ekuphuzeni nasekunxenxelweni ekuziphatheni okubi abalandeli bakho.” Ngakuqonda ukuhlakanipha kwala mazwi.
Lapho ngisengumculi odumile, abantu babezama ukunginika imali ngoba befuna ngibenzele okuthile. Ngase ngizimisele ukwenqaba ukuzifaka ezilingweni ezinjalo. Ngo-1975, nganqamula isivumelwano sokuyocula kwelaseChina, futhi ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngabhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova.
Injabulo Nezinselele
Ngangizozondla kanjani mina nomkhaya wami? Ngangingafundile neze futhi ingekho enye into engikwazi ukuyenza ngaphandle kokucula. Udadewethu omdala u-Irma, izingane zakhe ezintathu kanye namadodana ami amabili, babethembele kimi. Kwadingeka sithuthe efulethini elibizayo siyoqasha amagumbi amabili amancane. Kwakuyinselele ukushintsha empilweni yobukhazikhazi ngishintshele kweyobumpofu bangempela. Udadewethu nezingane baqale bangisola okwesikhathi esithile futhi bangicindezela ukuba ngiqhubeke nokuba ngumculi, kodwa ngangizimisele ukwenza okudingekayo ukuze ngikhonze uJehova.
Ngaqala ngokudayisa izinto zami eziyigugu—ubucwebe, amajazi ami oboya, nemoto futhi saphila ngaleyo mali. Ngokuhamba kwesikhathi, yaphela leyo mali. Ukuze ngibalekele ukuhlukunyezwa uyise wendodana yami yesibili, ngo-1981 sathuthela edolobheni elikwenye ingxenye yezwe, lapho ayengeke asithole khona.
Kule ndawo oFakazi bangifundisa ukupheka ama-tamale, ama-doughnut nezinye izinhlobo zokudla ukuze ngidayise. Kamuva ngathola umsebenzi efektri futhi ngasebenza ebusuku. Lo msebenzi wawenza ngingayi njalo emihlanganweni yobuKristu nasenkonzweni kaNkulunkulu. Ngakho ngokuhamba kwesikhathi ngawuyeka, ngaqala ukupheka ama-tamale ekhaya. Ngangiwafaka kubhasikidi bese ngiwadayisa emgwaqweni. Ngale ndlela ngiye ngakwazi ukuzisekela enkonzweni yami yesikhathi esigcwele.
Isinqumo Engingakaze Ngizisole Ngaso
Lapho abantu bengibuza ngendlela engizizwa ngayo ngokuyeka umsebenzi wami owawunekusasa elihle wokuba umculi, ngibatshela ukuthi ngeke ngilwenanise nganoma yini enye ulwazi lwami ngoJehova nokuqonda izinjongo zakhe ezinhle. Kungijabulisile ukubona amadodana ami ethuthuka olwazini lwawo lweBhayibheli, enikezela ukuphila kwawo kuJehova futhi eshada nabakhulekeli abakanye nawo. Womabili amadodana ami, esizwa omkawo, afundisa izingane zawo ukuba zikhonze uJehova uNkulunkulu wethu.
Sengikhonze njengephayona, njengoba oFakazi BakaJehova bebabiza kanjalo abantu abenza umsebenzi wokushumayela isikhathi esigcwele, cishe amashumi amathathu eminyaka. Ngosizo lukaNkulunkulu ngikwazile ukusiza abaningi, kuhlanganise u-Irma nendodakazi yakhe, ukuba bafunde amaqiniso eBhayibheli futhi banikezele ukuphila kwabo kuNkulunkulu. Kuyinjabulo enkulu ukuhlangana “nabantwana abangokomoya” abanjalo futhi ngibathole besahamba eqinisweni—iningi labo likhonza njengamaphayona. (3 Johane 4) Namuhla, ngineminyaka engu-64, futhi ngiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-18.
Isikhala esingokomoya enganginaso lapho ngisengumculi osemusha sesivalekile, futhi isifiso sokusiza abanye seseneliswe ukulalela umyalo kaJesu ‘wokuhamba ngiyokwenza abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Ngijabula kakhulu ngokuthi uJehova ungisekele yonke le minyaka futhi uyaqhubeka enza kanjalo! Ngempela ‘nginambithile ngabona ukuthi uJehova muhle.’—IHubo 34:8.
[Imibhalo yaphansi]
a Kamuva uLorena Wong waba ngomunye woFakazi BakaJehova.
b Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
[Isithombe ekhasini 25]
Nginamadodana ami nomkawo, nodadewethu omdala engisaphayona naye
[Isithombe ekhasini 26]
Ngisaqhubeka nokupheka ama-“tamale” bese ngiwadayisa emgwaqweni ukuze ngisekele inkonzo yami yesikhathi esigcwele