Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 7/10 k. 22
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2010
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umsindo Wasemigwaqweni Emikhulu Uphazamisa Inkumbulo
  • Iziqhumane Zemibukiso Nezinkinga Zokuphefumula
  • Ophephela Babulala Amalulwane
  • Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula
    I-Phaphama!—2014
  • Ukusebenzisa Amandla Omoya
    I-Phaphama!—1995
  • Ukulala Ngokwanele
    I-Phaphama!—2004
  • Okwenza Umzimba Wakho Udinge Ukulala
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 7/10 k. 22

Ukubuka Okwezwe

“Kuyiqiniso elimangalisayo ukuthi unyaka nonyaka, iBhayibheli liyincwadi edayiswa kakhulu kunazo zonke eMelika—nakuba imikhaya engamaphesenti angu-90 isinayo kakade ikhophi. . . . Kudayiswa amakhophi angaba yizigidi ezingu-25 unyaka ngamunye.”—I-WALL STREET JOURNAL, E-UNITED STATES.

“Emhlabeni wonke, izinyoka ziluma abantu abangaba yizigidi ezingu-4,5 ngonyaka, futhi izibalo zilinganisela ukuthi okungenani abantu abangu-100 000 bayafa ngenxa yokulunywa yizinyoka, kanti abanye abangu-250 000 bakhubazeka unomphela.” —I-UNIVERSITY OF MELBOURNE, E-AUSTRALIA.

“Ngo-2008, abantu bathumelelana ama-email ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-210 usuku ngalunye.” —I-NEW SCIENTIST, EBRITHANI.

Umsindo Wasemigwaqweni Emikhulu Uphazamisa Inkumbulo

“Abantu abanekamelo lokulala eceleni komgwaqo omkhulu, ujantshi noma isikhumulo sezindiza cishe bakuthola kunzima ukukhumbula izinto ezindala nokufunda izinto ezintsha, ngisho noma belala yize kunomsindo,” kusho uYsbrand van der Werf we-Netherlands Institute for Neuroscience. Inkulumo nekhono lokufunda kuyathikamezeka uma umuntu engalali kahle, kodwa kuyisimo esifanayo nalapho umuntu “ephazamiseka kancane ebuthongweni . . . ngisho noma engaphaphami,” kusho iphephandaba lesiDashi i-Volkskrant. Ukuze isebenze kahle, i-hippocampus, ingxenye yobuchopho ebalulekile enkumbulweni, idinga ukuba umuntu alale azumeke zwi, engaphazanyiswa “yizinto ezingaphandle ezibangela ukucindezeleka, njengomsindo nokukhanya.”

Iziqhumane Zemibukiso Nezinkinga Zokuphefumula

Imibukiso yeziqhumane ingase ibe mihle, kodwa izinhlayiya zayo eziphumela emoyeni zingaba ingozi empilweni yakho. Ukuze ziveze imibala ehlukene, iziqhumane eziningi zemibukiso zinezinhlayiya zensimbi—ngokwesibonelo, i-strontium ekhipha umbala obomvu kanye ne-barium yombala oluhlaza okotshani. Abacwaningi base-Austria abahlola amasampula eqhwa elalikhithikile ngaphambi kwemibukiso yeziqhumane kaNcibijane nangemva kwayo bathola ukuthi i-barium eseqhweni yayande ngokuphindwe izikhathi ezingaba ngu-500. Njengoba ubuthi be-barium bubangela ukuvaleka kwemigudu yokuphefumula, abacwaningi bathi ukuhogela intuthu yeziqhumane zombukiso kungabhebhethekisa izinkinga zokuphefumula, njengesifuba somoya.

Ophephela Babulala Amalulwane

Umagazini i-Scientific American ubika ukuthi e-Alberta, eCanada, kutholakala amalulwane efile ngaphansi kophephela abaphehla ugesi. Lokhu kushiye abaphenyi bedidekile, uma kucatshangelwa ukuthi amalulwane anekhono elimangalisayo lokuthungatha amaza nelokundiza. Nokho, abacwaningi bathole ukuthi kunamalulwane angu-92 ayophele ngaphakathi lapho ehlolwa, okubenze bafinyelela isiphetho sokuthi isimiso esintekenteke sokuphefumula selulwane asikwazi ukumelana nokushintsha kwamandla omoya okungalindelekile okudalwa yilab’ ophephela. Amachopho ophephela aphenduphenduka ngesivinini esingamakhilomitha angu-200 ngehora. Amalulwane afudukayo adla izinambuzane yiwona athinteka kakhulu, futhi kunovalo lokuthi ophephela abaphehla ugesi bangase baphazamise isimiso sokusebenza kwemvelo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela