Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/14 kk. 12-13
  • Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula
  • I-Phaphama!—2014
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlwanyela Imbewu
  • Ukuphila Komndeni
  • Ilulwane Elincane Kunawo Wonke Emhlabeni
    I-Phaphama!—2010
  • Iphiko Lezilwane Ezindizayo
    I-Phaphama!—2009
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2010
  • Ihlathi Lemvula Ligutshuzelwe Ifu
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2014
g 10/14 kk. 12-13
Ilulwane lidlela isithelo esihlahleni

Abalimi Abandizayo Basehlathini Lemvula

NJENGOBA abalimi abaningi bazi, ukulima okuphumelelayo kuncike ekuhlwanyeleni imbewu endaweni efanele ngesikhathi esifanele. Nokho, nakuba lokhu kungase kubonakale kuxakile, omunye wemisebenzi yokuhlwanyela ehlathini lemvula wenziwa ebusuku​—futhi abahlwanyeli basuke bendiza. Laba balimi abandizayo abahambe betshala, bangamalulwane adla izithelo abizwa ngokuthi ama-Old World​—amanye awo kuthiwa ama-flying fox.a

Ukuhlwanyela Imbewu

Iningi lala malulwane lindiza ebusuku, lithungatha izihlahla ezisehlathini ezinezithelo ezimnandi noma izimbali ezinompe. Njengoba ezulazula emoyeni ethungatha, la malulwane agaya izithelo asuke ezidlile abese ekhipha ingxenye yesithelo ethambile esuke ingagayekanga kanye nezinhlamvu zaso. Ukuze aqedele umsebenzi wawo wokunakekela le nsimu eyihlathi, aphinde athathe impova eyisusa kwenye imbali ayiyise kwenye njengoba ephuza umpe aluthanda kakhulu.

Njengoba la malulwane adla izithelo ehamba amabanga amade phakathi nobusuku, angahlwanyela imbewu endaweni ebanzi. Kanti ngenxa yokuthi ayayigwinya imbewu ngaphambi kokuba ayikhiphe ngemuva, abuye enze “nomanyolo” osiza imbewu ukuba ikhule. Akumangalisi-ke ukuthi izitshalo eziningi ehlathini lemvula zincike emalulwaneni ukuze athuthe impova futhi asakaze nembewu yazo.

Ngenxa yokuthi ahlanganisa indawo ebanzi kakhulu, la malulwane kudingeka abe nekhono lokuthungatha indlela kanye neso elibukhali. Endaweni engakhanyi kahle, abona kangcono kunabantu. Akwazi ngisho nokuhlukanisa phakathi kwemibala ehlukahlukene. Kanti awakuxwayi neze ukundiza kokubili emini nasebusuku.

Ukuphila Komndeni

Ilulwane

INGABE BEWAZI? Ngokungefani namanye amalulwane, amalulwane adla izithelo awathungathi ukudla kwawo ngokwenza umsindo, kodwa asebenzisa amehlo nokuhogela. Amehlo awo amakhulu akulungele kahle ukubona ebusuku

Amalulwane aseSamoa ohlobo lwe-flying fox azala ukuphila kwawo konke. Njengoba kuye kwaphawuleka nakwezinye izinhlobo zamalulwane, ilulwane lensikazi limnakekela kahle umntanalo, lihamba naye limbelethile amasonto ambalwa futhi limncelisa cishe aze akhule ngokugcwele. Kwezinye izinhlobo ezimbili zala malulwane, elensikazi lingase ngisho lithole “umbelethisi” ozolisiza lapho lizala.

Ngokudabukisayo, iningi lala malulwane lisengozini yokuqothulwa, ngokwengxenye ngenxa yokucekelwa phansi kwendawo aphila kuyo. Eziqhingini eziseNingizimu yePacific, ukunyamalala kwamalulwane kuyodala umonakalo omkhulu ngoba ezinye izinhlobo zezitshalo zakulezi ziqhingi kubonakala zingenayo enye indlela yokuthutha impova ngaphandle kwamalulwane. Ngokusobala, umsebenzi walaba balimi abandizayo akufanele ubukelwe phansi.

a La malulwane atholakala e-Afrika, e-Asia, e-Australia nakwezinye iziqhingi zasePacific.

UKUSINDISA IHLATHI

Isihlahla esibizwa nge-baobab

Izimbali zesihlahla i-baobab zihlala amahora angu-24 kuphela. Kodwa leso sikhathi side ngokwanele ukuba amalulwane adla izithelo athole izimbali eziningi ezigcwele umpe futhi athathe impova eyisusa kwesinye isihlahla ayiyise kwesinye

Lapho ingxenye ethile yehlathi lemvula igawulwa, amalulwane adlala indima ebalulekile ekusizeni izihlahla ukuba ziphinde zihlume kuleyo ndawo. Angakwazi ukuhlwanyela imbewu egcina ikhule yaba yizihlahla ezintsha. “Izinga lokuphila kwabantu lihlobene ngokuqondile nesimo esihle semvelo emhlabeni wonke, futhi amalulwane yiwona agcina leyo mvelo isesimweni esihle,” kusho incwadi ethi Bats of the World, kaGary L. Graham.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela