Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/10 k. 25
  • Iphiko Likajekamanzi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iphiko Likajekamanzi
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amagugu Osebe Lomfula
    I-Phaphama!—1997
  • Izinambuzane Ezimangalisayo Zenza Izindiza-mshini Zabantu Zingabi Yilutho
    I-Phaphama!—1992
  • Imfumbe Yokundiza Kwesinambuzane Iyaxazululeka
    I-Phaphama!—1997
  • Izimpiko Zovemvane
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 8/10 k. 25

Ingabe Laklanywa?

Iphiko Likajekamanzi

● Abanye ojekamanzi bangantweza emoyeni imizuzwana engu-30 ngaphandle kokuwa. Iyini imfihlo yabo? Yiphiko elilawula umoya elingafani nanoma yiliphi iphiko lendiza elake lenziwa!

Cabanga ngalokhu: Iphiko likajekamanzi elincane linemifingcizo elenza lingagobi. Ososayensi bathole ukuthi le mifingcizo yenza ujekamanzi akwazi ukukhuphukela phezulu lapho endiza. Umagazini i-New Scientist uthi: “Lokhu kungenxa yokuthi umoya ungena ezikhaleni eziphakathi kwemifingcizo, okunciphisa umoya ovimba lesi silokazane usize ekwenzeni iphiko libe namandla okusiphakamisela phezulu.”

Ngemva kokuhlola iphiko likajekamanzi, unjiniyela wemikhumbi-mkhathi u-Abel Vargas nozakwabo baphetha ngokuthi “amaphiko angokwemvelo awusizo kakhulu ekuklanyweni kwezindiza ezincane.” Uma efakwe ikhamera noma amanye amathuluzi, la marobhothi amancane angaba usizo kakhulu, kusukela ekutholeni ukwaziswa ezindaweni ezinezinhlekelele kuya ekuqapheni izinga lokungcoliswa kwemvelo.

Ucabangani? Ingabe iphiko elincane likajekamanzi elinemifingcizo, laba khona ngengozi? Noma ingabe laklanywa?

[Isithombe ekhasini 25]

I-“dragonfly microdrone” (indiza encane) inesisindo esingamamiligremu angu-120, ingamasentimitha ayisithupha ububanzi futhi inamaphiko amancane enziwe nge-“silicon” abhakuzayo lapho ifakwa amandla kagesi

[Umthombo]

© Philippe Psaila/Photo Researchers, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela