Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 8/10 kk. 6-7
  • Imibuzo Ephakama Njalo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Ephakama Njalo
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • AmaKristu Nomphakathi Wesintu Namuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Ukuqashelwa Ngokuziphatha Kwethu
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • OFakazi BakaJehova
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 8/10 kk. 6-7

Imibuzo Ephakama Njalo

Kungani abanye abantu bekhuluma kabi ngoFakazi BakaJehova?

Abantu abaningi abalazi ngempela iqiniso. Abanye bangase bangawuthandisisi umsebenzi woFakazi wokushumayela. Kodwa iqiniso liwukuthi oFakazi benza lo msebenzi ngoba bethanda umakhelwane, bazi ukuthi “wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”—Roma 10:13.

Ingabe oFakazi BakaJehova bangamaProthestani, ama-Fundamentalist noma ihlelo?

OFakazi BakaJehova bangamaKristu, kodwa abawona amaProthestani njengoba nje bengewona amaKatolika, ngenxa yesizathu esifanayo—bayaqaphela ukuthi izimfundiso ezithile zalezo zinkolo azisekelwe emiBhalweni. Ngokwesibonelo, iBhayibheli alifundisi ukuthi uNkulunkulu—owukwenziwa samuntu kothando—uhlukumeza abantu phakade esihogweni somlilo. Futhi alifundisi ukuthi abantu banomphefumulo ongafi noma ukuthi amaKristu kufanele agxambukele kwezombangazwe.—Hezekeli 18:4; Johane 15:19; 17:14; Roma 6:23.a

I-World Book Encyclopedia ithi: “Ama-Fundamentalist ayinhlangano enkulu yamaProthestani e-United States.” Ezinye izinhlangano zama-Fundamentalist “ziye zamukela izikhundla emphakathini nakwezombangazwe ngenxa yokusebenzisa imibhalo yeBhayibheli njengoba injalo.” Leyo ncazelo ayibafaneli oFakazi BakaJehova. Njengoba sekushiwo, bayazigwema ezombangazwe futhi ababacindezeli abanye ngemibono yabo besebenzisa ezombangazwe noma ezinye izindlela. Kunalokho, baxoxa nabantu, ngokuvamile ubuso nobuso bebeka izizathu nobufakazi obugculisayo, belingisa amaKristu okuqala.—IzEnzo 19:8.

Ihlelo liyiqembu eliqembuka enkolweni ethile noma elizehlukanisayo lakhe inkolo entsha. OFakazi BakaJehova abaqembukanga kwelinye isonto. Abalona ihlelo.

Kwenziwani emihlanganweni yoFakazi?

Umhlangano woFakazi bakaJehova

Imihlangano yabo evulekele wonke umphakathi, empeleni iyizifundo zeBhayibheli ezivumela ukuba izilaleli zihlanganyele ezingxenyeni ezithile. Omunye wemihlangano yabo yamasonto onke, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, usiza amalungu ebandla ukuba athuthukise amakhono okufundisa, ukufunda nokucwaninga. Omunye uyinkulumo yeBhayibheli yemizuzu engu-30 ngesihloko esingase sibathakazelise ngokukhethekile abangebona oFakazi. Ngokuvamile ulandelwa isifundo seBhayibheli kusetshenziswa umagazini INqabayokulinda. Imihlangano iqalwa futhi iphethwe ngengoma nomthandazo, kanti akucelwa mali noma kudluliswe ipuleti lenkongozelo.—2 Korinte 8:12.

OFakazi BakaJehova bayitholaphi imali?

Umuntu ofaka umnikelo ebhokisini

Umsebenzi wabo usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. OFakazi ababakhokhisi abantu ngokubabhapathiza, ngokubashadisa, ngokubangcwabela noma ngokubenzela ezinye izinkonzo zenkolo. Futhi abakukhiphi okweshumi. Noma ubani ofuna ukwenza umnikelo angenza kanjalo ngokuwufaka ngesizotha ebhokisini lomnikelo eliseHholo LoMbuso. OFakazi BakaJehova bashicilela izincwadi zeBhayibheli abazisebenzisayo, okunciphisa izindleko, futhi amaHholo OMbuso abo amaningi anesizotha kanye nezakhiwo zamagatsha kwakhiwa amavolontiya.

Ingabe oFakazi BakaJehova bayakuvuma ukwelashwa?

Umbhanqwana ukhuluma nodokotela wawo

Yebo. Empeleni, bazifunela bona nabathandekayo babo ukunakekelwa okungcono kakhulu abangakuthola. Ngaphezu kwalokho, oFakazi abaningi basebenza emkhakheni wezokwelapha njengabahlengikazi, izisebenzi zosizo oluphuthumayo, odokotela abelaphayo nabahlinzayo. Kodwa, oFakazi BakaJehova bayakwenqaba ukumpontshelwa igazi. IBhayibheli lithi, ‘Dedani egazini.’ (IzEnzo 15:28, 29) Ngokuthakazelisayo, liyanda inani lodokotela elibheka ukwelapha ngaphandle kwegazi “njengendlela engcono kakhulu,” ngoba ngokwenza kanjalo izingozi eziningi zempilo ezihlobene nokusetshenziswa kwemikhiqizo yegazi ziyagwenywa.

a Umbono weBhayibheli ngalezi zindaba nezinye ezibalulekile ungatholakala encwadini ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

LAPHO KUBUSA KHONA UKUBEKEZELELANA

Idolobhana laseBejucal de Ocampo eningizimu yeMexico liyindawo engavamile. “Iningi lezakhamuzi lingoFakazi BakaJehova,” kusho umbiko wephephandaba i-Excélsior, unezela: “Kubusa ukubekezelelana enkolweni nasezindabeni zikahulumeni. . . . Izakhamuzi ziyeké imincintiswano yokuphuza nokubhema zahlabelela izingoma futhi zafunda iBhayibheli. Ziyazihlonipha neziphathimandla.”

Nakuba kunezinkolo ezihlukahlukene kuleli dolobhana, lo mbiko uthi “akukaze kugqashuke izimpi zenkolo noma izimpikiswano.” Ubuye uthi: “Abukho ubutha, futhi ukungafani kwezinkolo akubenzi omakhelwane bangabingelelani . . . Umkhaya ngamunye unenkululeko yokulandela inkolo yawo, futhi lokhu akubenzi bangasebenzelani njengomphakathi. Akubonakali kuyinqaba kunoma ubani ukuthi kunoFakazi BakaJehova abaningi kangaka eBejucal.” Ngaphezu kwalokho, izingane zabo ‘zigqoka ngesizotha, ziqhuba kahle esikoleni, futhi ziziphatha kahle emakilasini,’ kusho uthisha wasesikoleni esiphakeme kuleyo ndawo, ongeyena uFakazi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela