Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/10 k. 3
  • Abangakholelwa KuNkulunkulu Basemkhankasweni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Abangakholelwa KuNkulunkulu Basemkhankasweni
  • I-Phaphama!—2010
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yini Ongayisho Kumuntu Ongakholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1999
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2010
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2010
  • Ingabe Isayensi Ikufakazele Ukuthi Akekho UNkulunkulu?
    I-Phaphama!—2010
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2010
g 11/10 k. 3

Abangakholelwa KuNkulunkulu Basemkhankasweni

SEKUQUBUKE iqembu elisha labantu abangakholelwa kuNkulunkulu emphakathini. Kuthiwa leli qembu lisha, ngoba alaneliswa nje ukugcina imibono yalo kulo. Kunalokho lisemkhankasweni, “lizama ngolaka ukuguqula abantu bezinye izinkolo babe nombono ofana nowalo,” kwabhala umlobeli wephephandaba uRichard Bernstein. Bafuna ukuguqula ngisho nalabo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu akaziwa, ngoba leli qembu lizimisele ngempela. Kulona, akekho uNkulunkulu. Kuphelela lapho.

USteven Weinberg owathola umklomelo kaNobel, wathi: “Umhlaba kufanele uvuke ebuthongweni bokubambelela ezinkolelweni zawo ezingokwenkolo. Noma yini thina zazi zesayensi esingayenza ukuze sinciphise ithonya lenkolo kufanele siyenze futhi ekugcineni ingaba yinto enkulu kakhulu esake sayenzela umphakathi.” Ithuluzi elikhulu eliklanyelwe ukunciphisa leli thonya ukwaziswa okubhaliwe, okubonakala kuvusa isithakazelo esikhulu ezincwadini ezithengwa kakhulu zeqembu elisha labangakholelwa kuNkulunkulu.

Inkolo iye yaba usizo emkhankasweni weqembu elisha labangakholelwa kuNkulunkulu, njengoba abantu sebecikekile yizinkolelo zenkolo ezeqisayo, ubuphekula, nezingxabano ezigcwele kuwo wonke umhlaba. Esinye isishoshovu esingakholelwa kuNkulunkulu sithi, “Inkolo iwubuthi obona yonke into. Ngaphezu kwalokho, kuthiwa lobu ‘buthi’ buhlanganisa izinkolelo ezivamile ezingokwenkolo, hhayi nje imibono eyeqisayo. Iqembu elisha labangakholelwa kuNkulunkulu lithi izinkolelo eziyisisekelo, kufanele zidalulwe, zilahlwe futhi zithathelwe indawo amaqiniso nokuhluzeka. Abantu akufanele besabe ukukhuluma ngobuqotho ngezinto “eziwubuwula obuyingozi” ezitholakala eBhayibhelini nakuyiKoran, kubhala uSam Harris ongakholelwa kuNkulunkulu. ‘Ngeke sisalokhu sigodla imibono yethu ngoba sizama ukugwema ukucasula abantu benkolo.’

Nakuba iqembu elisha labangakholelwa kuNkulunkulu liyihlambalaza inkolo, liyayisekela isayensi, abanye kuleli qembu bathi isayensi iyakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu. Kodwa ingabe iyakuphika? Empeleni, ingabe ingakwazi ukukuphika ukuba khona kukaNkulunkulu? UHarris uthi, “Ngemva kwesikhathi, lukhona uhlangothi oluzophumelela kule mpikiswano futhi olunye luzohlulwa ngempela.”

Ucabanga ukuthi yiluphi uhlangothi oluzophumelela ngokuhamba kwesikhathi? Njengoba usacabanga ngalokhu, zibuze: ‘Ingabe ukukholelwa kuMdali kuyingozi ngempela?’ Ake sicabangele lokho okuye kwashiwo ososayensi nezazi zefilosofi ezaziwayo ngabantu abangakholelwa kuNkulunkulu, inkolo nesayensi.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela