Yini Ongayisho Kumuntu Ongakholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona?
1 “Angikholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona,” kwasho uprofesa ovela ePoland etshela isithunywa sevangeli e-Afrika. Nokho, udade wakwazi ukuxoxa nalona wesifazane futhi wamnika incwadi ethi Life—How Did It Get Here? By Evolution or by Creation? Lapho isithunywa sevangeli siphindela ngesonto elilandelayo, uprofesa wathi: “Sengiyakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona!” Wayeyifunde yonke incwadi ethi Creation futhi manje esefuna isifundo seBhayibheli. Yini ongayenza ukuze uphumelele ukufakaza kulabo abathi abakholelwa kuNkulunkulu? Okokuqala, cabangela izizathu ezihlukahlukene zokuthi kungani abantu besho lokhu.
2 Izici Ezibangela Ukungakholwa: Akubona bonke abantu abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona abakhula benale nkolelo. Abanye babehlanganyela nohlobo oluthile lwenkolo futhi bake bakholelwa kuNkulunkulu. Nokho, izinkinga ezingathi sína zempilo noma zomkhaya noma ukuphathwa kabi okuthile ababhekana nakho kwenza ukholo lwabo lwaba buthakathaka. Kwabanye, izifundo ezifundiswa ezikoleni zemfundo ephakeme ziye zaba nomphumela omubi embonweni wabo ngoNkulunkulu. Phawula izibonelo ezilandelayo zababengakholelwa kuNkulunkulu abagcina sebenokholo oluqinile kuJehova uNkulunkulu futhi baba oFakazi bakhe.
3 Owesifazane othile waseParis wayezalwe enesifo samathambo esiwohlozayo. Nakuba ayebhapathizwe njengomKatolika, wayezichaza ngokuthi akakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Lapho ebuza izindelakazi ukuthi kungani uNkulunkulu ayevumele ukuba azalwe enalokhu kukhubazeka, impendulo yazo yayiwukuthi: “Kungenxa yokuthi uyakuthanda.” Wayekwenqaba ukwamukela lowo mqondo ongenangqondo. Cabanga futhi ngomuntu osemusha eFinland okwatholakala ukuthi unesifo sezicubu esingalapheki futhi wahlala esihlalweni sabakhubazekile. Unina wamyisa kumuntu owayethi uyaphulukisa weSonto Likamoya. Kodwa akakwazanga ukumphulukisa ngokuyisimangaliso. Ngenxa yalokho le nsizwa yaphelelwa isithakazelo kuNkulunkulu futhi yangabe isakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.
4 Indoda ethile eHonduras yakhuliswa njengomKatolika kodwa yafunda ifilosofi yobuKhomanisi ephika ubukhona bukaNkulunkulu. Iqinisekiswe imfundiso yaseyunivesithi yokuthi umuntu uwumkhiqizo wokuziphendukela kwemvelo, yayeka ukukholelwa kuNkulunkulu. Ngokufanayo, owesifazane e-United States wakhuliswa njengomWeseli. Ekholiji wafunda izifundo zesayensi yokusebenza kwengqondo. Yathinteka kanjani inkolelo yakhe? Uthi: “Ngehlobo elilodwa balubulala baluqeda nyá ukholo enganginalo enkolweni.”
5 Ukufinyelela Izinhliziyo Zabaqotho: Abantu abaningi abathi abakholelwa kuNkulunkulu bayokujabulela ukwazi ukuthi likhona ikhambi lezinkinga zempilo, ukungezwani komkhaya, ukungabi nabulungisa nokunye. Banesithakazelo esiqotho sokuthola izimpendulo emibuzweni enjengokuthi: ‘Kungani kunobubi?’ ‘Kungani izinto ezimbi zenzeka kubantu abalungileyo?’ nokuthi ‘Iyini injongo yokuphila?’
6 Indoda nomkayo abahlala eSwitzerland bobabili babekhuliswe ngenkolelo ephikayo ukuthi uNkulunkulu ukhona. Lapho beqala ukuthola iqiniso, ukusabela kwabo akubanga kuhle. Kodwa babenezinkinga ezingathi sína zomkhaya futhi base becabangela isehlukaniso. Lapho uFakazi ephinda evakasha, wabonisa lo mbhangqwana eBhayibhelini ukuthi izinkinga zawo wawungazixazulula kanjani. Lo mbhangqwana wamangala ngeseluleko esiwusizo esisemiBhalweni, futhi wavuma ukufunda iBhayibheli. Umshado wawo waqina, wathuthuka ngokomoya futhi wabhapathizwa.
7 Lokho Ongakusho Kongakholelwa Ukuthi UNkulunkulu Ukhona: Lapho umuntu ekutshela ukuthi akakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, zama ukuthola ukuthi kungani esho kanjalo. Ingabe kungenxa yemfundo ayitholile, izinkinga aye wabhekana nazo noma ubuzenzisi benkolo nezimfundiso zamanga aye wazibona? Ungase umbuze: “Ingabe ubulokhu uzizwa ngale ndlela sonke isikhathi?” noma “Kungani ufinyelele lesi sinqumo?” Impendulo yakhe iyokusiza ukuba ubone ukuthi yini ongayisho. Uma kudingeka amaphuzu anamandla, incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? ingase ibe yilokho kanye okudingekayo.
8 Ungaqhuba ingxoxo nomuntu ongakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona ngokubuza:
◼ “Wake wazibuza yini ukuthi, ‘Uma ekhona uNkulunkulu, kungani kunokuhlupheka okungaka nokungabi nabulungisa emhlabeni?’ [Lindela impendulo.] Ngingakubonisa yini umbono weBhayibheli ngale ndaba?” Funda uJeremiya 10:23. Ngemva kokuwufunda, cela umbono wakhe ngalo mbhalo. Yibe usumbonisa ikhasi 23, izigaba 11-13 encwajaneni engangomagazini ethi Iyini Injongo Yokuphila? Noma, esikhundleni salokho, ungasebenzisa isahluko 10 sencwadi ethi Creator. Mcele ukuba athathe le ncwadi futhi afunde lokhu kwaziswa.—Ukuze uthole okunye ukusikisela, bheka incwadi ethi Ukubonisana, amakhasi 399-400.
9 Kuyavunywa ukuthi akubona bonke abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona abayolamukela iqiniso. Kodwa baningi abazimisele ukucabangela omunye umbono. Sebenzisa ubuhlakani, ukukholisa futhi ngaphezu kwakho konke, amandla eZwi likaNkulunkulu ukuze ubasize babone iqiniso.—IzE. 28:23, 24; Heb. 4:12.