Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 2/11 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bambalwa Abangane Beqiniso
  • Imikhumbi-ngwenya Emincane Yokushushumbisa Izidakamizwa
  • Izinzuzo Zokudla Njengomkhaya
  • Ingabe Izikhathi Zokudla Zingabuqinisa Ubunye Bomkhaya Wakho?
    I-Phaphama!—2010
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2012
  • Isikhafuthini Sinikeza Ubufakazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Indlela Izidakamizwa Ezingemthetho Ezikuthinta Ngayo Ukuphila Kwakho
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 2/11 k. 29

Ukubuka Okwezwe

Bangaphansi kwengxenye yesine abaseJalimane abaneminyaka engaphansi kwengu-40 abakutusayo ukuthandaza nsukuzonke nezingane, futhi kulabo abangamalungu esonto, bane kuphela kwabayishumi abakubheka njengokubalulekile.—I-APOTHEKEN UMSCHAU, EJALIMANE.

Owanikela ngesidoda onenkinga yofuzo engazange ibonakale ehlobene nesifo senhliziyo wadlulisela inkinga efanayo ezinganeni ezingu-9 kwezingu-24 okwaziwayo ukuthi ziyinzalo yakhe. Kulezi, eyodwa yabulawa isifo senhliziyo ineminyaka emibili.—I-JAMA, E-U.S.A.

“Abantu baseRussia abangamaphesenti angu-50 bakholelwa ukuthi inkohlakalo ayinakugwenywa futhi iyingxenye yokuphila engayi ndawo.”—I-RIA NOVOSTI, ERUSSIA.

Bambalwa Abangane Beqiniso

“Umuntu ovamile waseBrithani unabangane beqiniso abathathu kuphela angabethemba,” kusho i-Daily Telegraph yaseLondon. Ngokocwaningo oluthile, esinye sezizathu esenza ukuba umuntu ovamile angakwazi ukulondoloza ubuhlobo “nabangane abangaba ngu-36 ngokwesilinganiso njengoba iminyaka iqhubeka, ukuba matasa kakhulu,” ‘ukungaxhumani’ kanti amaphesenti angaba ngu-43 alabo okwenziwa ngabo ucwaningo, “kuba ukungaboni ngaso linye . . . nokunquma ukuyeka ukukhulumisana.” Cishe umuntu oyedwa kwabahlanu uthulula isifuba sakhe kwasebenza naye, ngoba “akekho omunye umuntu angakhuluma naye.” Umkhulumeli walolu cwaningo waphawula: “Kudingeka okuthile okukhethekile ukuze wethenjwe.”

Imikhumbi-ngwenya Emincane Yokushushumbisa Izidakamizwa

Izindlela ezisetshenziswa abashushumbisi bezidakamizwa baseColombia ukuze bashushumbise i-cocaine bayiyise eMelika Ephakathi, eMexico nase-United States ziya ngokuya zichwephesha nakakhulu. Kusukela ngo-1993, cishe iziphathimandla zaseColombia sezibambe okungenani imikhumbi-ngwenya engu-42 yokushushumbisa izidakamizwa. Kuye kwatholakala nezindawo eziningana okwakhiwa kuzo le mikhumbi. Nakuba le mikhumbi ingenakukwazi ukucwila emanzini ngokuphelele, kunzima kakhulu ukuyibona. Eminye ingahamba amakhilomitha angaba ngu-3 200, futhi ithwale i-cocaine engamathani ayisithupha kuya kwayishumi, kanti cishe kubiza izigidi ezingu-7 ukuyakha.

Izinzuzo Zokudla Njengomkhaya

Lingaphansi kwesigamu inani lentsha yaseFinland eneminyaka engu-14 kuya ku-16 okuxoxwe nayo muva nje edla nemikhaya yayo. Lolu cwaningo lwembula ukuthi emikhayeni eminingi akudliwa ndawonye. Noma kunjalo, intsha iyazilangazelela izikhathi ezivamile nezikhululekile zokudla nemikhaya yayo. Lapho ibuzwa ukuthi yini eyayiyifuna kubazali bayo, kwacaca: “Ukudla okufudumele, ukudla ndawonye njengomkhaya nokuba nothile ozokulalela futhi achithe isikhathi nawe,” kubika iphephandaba i-Helsingin Sanomat. Ukudla njengomkhaya kunomthelela obalulekile empilweni engokwengqondo entsheni. Ngokwalo mbiko, “intsha edla nemikhaya ivame ukwenza kahle esikoleni, ayivamile ukubhema, ukuphuza noma ukusebenzisa izidakamizwa futhi ayihlali icindezelekile.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela