Isikhafuthini Sinikeza Ubufakazi
EZINSUKWINI ezalandela ukuzamazama komhlaba kwaseKobe, eJapane, ngo-January odlule, abantu endaweni eyathinteka baba nobunzima bokuthola ukudla. Noma kunjalo, oFakazi BakaJehova abazange bakuswele ukudla, ngenxa yokusizwa ngomusa abafowabo. Ezinsukwini ezimbili noma ezintathu zokuqala ngemva kokuzamazama, amabandla aseduze alungiselela ilayisi. Ngokushesha, labafowabo abakhathalelayo babalungiselela izikhafuthini. Kulezi zikhafuthini, abaningi banamathisela amapheshana ayizincwadi ezizwakalisa ukukhathalela ngalabo abathintekile. Labo abathola lokhu kudla bathi konke “kwafakwa usawoti” njengoba babehluleka ukubamba izinyembezi lapho befunda lezi zincwadi.
OFakazi BakaJehova bahlanganyela ukudla kwabo nabanye ababeswele. Omunye uFakazi wayedla ukudla kwakhe lapho ehamba ngemoto nasebenza naye enkampanini eyodwa ongeyena uFakazi. Ngakho wamnikeza esinye salezi zikhafuthini ayezitholile.
“Usithengephi lesi sikhafuthini?” kubuza asebenza naye. Lomzalwane wachaza ngomsebenzi wokusiza woFakazi. “Sekuphele izinsuku ngingadli mifino. Ngizogcina eminye ngiyiphathele umkhaya wami,” kusho lendoda ngokwazisa.
Lapho lokhu kwenzeka okwesithathu, lona osebenza noFakazi wamnika ama-yen angu-3 000 (R125) wabe esethi: “Ngijwayelene nemisebenzi yenu, ngakho ngicela ungivumele ngenze umnikelo emsebenzini wenu. Ngiyabonga ngokuhlanganyela nami ukudla kwakho. Ngempela, bonke abafowenu bangabantu abahle kakhulu.”