Ingabe Lwaklanywa?
Udosi Lomnyovu Olubhoboza Ukhuni
● Umnyovu wensikazi obhoboza izihlahla okuthiwa i-wood-boring wasp ubekela amaqanda awo phakathi ezihlahleni zikaphayini, futhi indlela okwenza ngayo lokhu isishukumise ososayensi ukuba bakhe amathuluzi okuhlinza aphephile nasebenza kangcono.
Ake ucabange: Lo mnyovu ohlala ehlathini, ubhoboza imbobo esihlahleni sikaphayini usebenzisa udosi lwawo—ishubhu elincane kakhulu elisanaliti elinemiphini emibili, noma “ama-valve,” ngamunye onamazenga abheke emuva. Amazenga omunye umphini abambelela okhunini ukuze azimelele, kuyilapho omunye umphini umba kancane uya phambili. Amazenga omphini wesibili abe esebambelela okhunini, kuyilapho umphini wokuqala umba kancane uye phambili. Njengoba wenza lokhu ngokushesha—imiphini ilokhu ishintshana iya phambili—udosi lubhoboza imbobo engamamilimitha angu-20 okhunini kalula nje, phakathi naleso sikhathi, le miphini ayigobi futhi ayiphuki.
Beshukunyiswa yilesi sisila somnyovu, ososayensi sebakhe umshini wokuhlinza ubuchopho wokuqala ngqa emlandweni osebenzisa isimiso esifana nesomnyovu. Inaliti yawo engeyona insimbi inemiphini emibili, ngamunye unamazenga amancane kakhulu akwazi ukungena ezindaweni ezijulile ebuchosheni ngaphandle kokubulimaza. Nokho, lo mshini uzoba nokunye okwengeziwe. “Ngokungafani nemishini yokuhlinza ebilokhu isetshenziswa, lo mshini uzokwazi ukuguduza endaweni ephephe kakhulu, ngokwesibonelo, ugweme izindawo ezibucayi ebuchosheni lapho kuhlinzwa,” kusho umagazini i-New Scientist. Lolu hlobo lo mshini luyonciphisa inani lezindawo ezisikwayo ukuze kufinyelelwe izindawo ezicashile.
Ucabangani? Ingabe udosi lomnyovu wensikazi olubhoboza ukhuni lwaba khona ngengozi, noma ingabe lwaklanywa?
[Umdwebo ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Lapho umphini owodwa uphushela phansi futhi ubhoboza ukhuni, omunye uyadonsa, amazenga awo abambelele
Ukhuni
Amandla ashintshanayo
[Imithombo Yesithombe ekhasini 25]
Wasp: David R. Lance, USDA APHIS PPQ, Bugwood.org; diagram: J. F. V. Vincent and M. J. King, (1996). The mechanism of drilling by wood wasp ovipositors. Biomimetics, 3: 187-201