Ingabe Laklanywa?
Ikhono Lomuvi Lobunjiniyela
● Imivi okuthiwa ama-paper wasp iye yachazwa ngokuthi ingochwepheshe bezobunjiniyela. Kungani kufaneleka ukuba ichazwe ngale ndlela?
Ake ucabange: Njengoba igama layo liyichaza, i-paper wasp yakha futhi inakekele isidleke esakhe ngohlobo olukhethekile lwephepha, ezakhela lona ngokwayo.a Lesi sinambuzane siqoqa imicu emincane yezitshalo neyezinkuni ezomile kuzo zonke izindawo—ezingodweni, ezigxotsheni zokubiya, ezigxotsheni zezingcingo nasezintweni zokwakha. Sibe sesihlafuna izingcezwana zalezi zinto, sizifake amathe anamfukayo anamaprotheni amaningi. Lokhu kuba yinomfi ekugcineni eba yiphepha elilula kodwa eliqinile. Ngaphezu kwalokho, amathe alesi sinambuzane anezakhi ezikhethekile ezenza iphepha likwazi ukukhipha nokubamba ukushisa, ngaleyo ndlela lilondoloze izinga lokushisa elifanele ekhekhebeni esizalela kulo ngezinsuku ezibandayo.
Umuvi wakha isidleke sawo “ngalokho okukhipha emlonyeni.” Ekugcineni isiphetho siba isidleke esingangenwa amanzi, izimbobo ezivalwe ngephepha elinamachopho ayisithupha elisenza siqine. Imivi ehlala ezindaweni ezinezimvula ikhipha amathe amaningi ngenxa yokuthi anezakhi ezivimba amanzi. Ngemva kwalokho, lezi zinambuzane zikhetha izindawo eziphephile eziphakeme. Kulezi zindawo, zilengisa izidleke zazo ezinesiqu esibheke phansi. Ngaphezu kwalokho, imivi ayiyilimazi imvelo, ngokungafani nezinye izinqubo zokwenza iphepha, ezingcolisa umoya, amanzi nomhlabathi!
Yingakho-ke, abadwebi bamapulani nabacwaningi becubungula imikhiqizo yomuvi benombono wokuklama izinto zokwakha ezingcono kodwa ezingasindi, eziqinile nezibolayo.
Ucabangani? Ingabe isinambuzane esinobuchopho obucishe bulingane nezinhlamvana ezimbili zesihlabathi savele sakwazi nje ukwenza iphepha nokuklama isidleke? Noma, ingabe amakhono obunjiniyela bamakhemikhali nawokwakha awubufakazi bomklamo?
[Umbhalo waphansi]
a Izinhlobo eziningana zemivi zakha izidleke ngephepha. Izimbobo ezikuzo ziyindawo yokubekela amaqanda, okuthi uma esechanyuselwe abe izibungu.