Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 6/11 kk. 15-31
  • Ukubukeza Komkhaya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubukeza Komkhaya
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uyini Umehluko Kulezi Zithombe?
  • Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
  • Abantu Namazwe
  • Izingane Zifuna Izithombe
  • IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2011
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
  • Ukubukeza Komkhaya
    I-Phaphama!—2012
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 6/11 kk. 15-31

Ukubukeza Komkhaya

Uyini Umehluko Kulezi Zithombe?

Ungakwazi yini ukubona izici ezintathu ezingafani phakathi kwesithombe esingu-A nesingu-B? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi bese uqedela isithombe ngokusifaka imibala.

UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 25:10-22.

1. ․․․․․

2. ․․․․․

3. ․․․․․

4. Yisiphi isithombe esinembile, isithombe A noma isithombe B?

ENINGAXOXA NGAKHO:

Wawumelelani umphongolo wesivumelwano kwa-Israyeli?

UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 25:22; Levitikusi 16:2.

Yini eyayibaluleke kakhulu kunokuba khona koMphongolo?

UMKHONDO: Funda uJoshuwa 7:1-6, 11, 12.

Kubaluleke kangakanani ukulalela ukuze ujabulise abazali bakho noJehova?

UMKHONDO: Funda u-1 Samuweli 15:22, 23; Efesu 6:1-3.

ENINGAKWENZA NJENGOMKHAYA:

Ilungu ngalinye lomkhaya malicwaninge okuthile okuphathelene nomphongolo wesivumelwano. Yibani senihlangana niveze lokho enikutholile. Ngokwesibonelo, ngokuhamba kwesikhathi yiziphi izinto ezagcinwa eMphongolweni? Zidwebeni bese nixoxa ngokuthi zazibaluleke ngani.

UMKHONDO: Funda amaHebheru 9:4.

Kwakufanele uthwalwe kanjani uMphongolo? Kwenzekani lapho uDavide engawulaleli umyalo kaJehova wokuthwala uMphongolo?

UMKHONDO: Funda u-Eksodusi 37:5; 1 IziKronike 13:7, 9-14; 15:12-15.

Wagcine Bese Uwafunda Kamuva

Wasike, uwasonge bese uwabeka

IKHADI LEBHAYIBHELI 6 U-ABELA

IMIBUZO

A. Ubani owabulala u-Abela?

B. UJehova wambheka kanjani u-Abela nomnikelo wakhe?

C. Gcwalisa isikhala. Umsebenzi ka-Abela kwaku ․․․․․.

[Ishadi]

4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.

Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Incwadi yokugcina

ngawo-3900 B.C.E. yeBhayibheli eyalotshwa

[Ibalazwe]

Waphila ngaphandle kwensimu yase-Edene

Insimu yase-Edene?

U-ABELA

UMLANDO

Indodana yesibili ka-Adamu no-Eva nendoda yokuqala yokholo okukhulunywa ngayo eBhayibhelini. U-Abela wabonisa ukuthi wayefuna ukwamukelwa uNkulunkulu ngokunikela umhlatshelo owamukelekayo. Nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi u-Abela wathini, isibonelo sakhe nokholo kuyizinto okufanele sizilingise.—Genesise 4:1-11; Hebheru 11:4.

IMIBUZO

A. Umfowabo, uKhayini.—1 Johane 3:11, 12.

B. “Ngomusa.”—Genesise 4:4.

C. Ngumalusi.—Genesise 4:2.

Abantu Namazwe

5. NginguDean ngineminyaka eyishumi noJennifer, oneminyaka engu-7. Sihlala e-Australia. Ucabanga ukuthi bangaki oFakazi BakaJehova abahlala e-Australia? Ingabe bangu-36 400, 63 400, noma 93 400?

6. Yiliphi ichashazi elibonisa izwe esihlala kulo? Likokelezele, bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona, futhi ubone ukuthi ukude kangakanani ne-Australia.

A

B

C

D

Izingane Zifuna Izithombe

Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.

● Izimpendulo ‘ZOKUBUKEZA KOMKHAYA’ zisekhasini 15

IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31

1. Ayikho imishayo namasongo.

2. Amaphiko amakherubi kufanele alulekele phezu kwesembozo.

3. Ubuso bamakhe-rubi kufanele bubheke isembozo.

4. B.

5. 63 400.

6. C.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela