Ukubukeza Komkhaya
SINGAFUNDANI . . . KuKhayini no-Abela?
WAKE WATHUKUTHELA YINI KWAZE KWAFIKA LAPHO UFUNA UKUSHAYA UMFOWENU NOMA UDADEWENU?
• Faka umbala kulezi zithombe. • Funda la mavesi eBhayibheli, bese uzindla ngawo njengoba ugcwalisa izikhala zenkulumo. • Thola ukuthi ziphi lezi zinto: (1) i-aphula (2) nedada.
UNKULUNKULU WAMBHEKA NGOMUSA U-ABELA NOMNIKELO WAKHE.—GENESISE 4:4
GENESISE 4:8 ․․․․․
KAMUVA, UNKULUNKULU WABUZA UKHAYINI, “ ․․․․․ ?”—GENESISE 4:9
Kungani kufanele uyilawule intukuthelo?
UMKHONDO: IzAga 14:29; Efesu 4:26, 27, 31.
Yini engakusiza ekulawuleni intukuthelo?
UMKHONDO: IzAga 14:30; 19:11; Efesu 4:32.
Yini oyifundile kule ndaba?
Ucabangani?
Funda uGenesise 4:7. UKhayini kwakufanele asabele kanjani lapho uNkulunkulu emeluleka?
UMKHONDO: Luka 14:11; 1 Petru 5:5, 6.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 20 UNOWA
IMIBUZO
A. UNowa waphila iminyaka engu- ․․․․․ ubudala.
B. Kwakungobani amagama amadodana kaNowa amathathu?
C. Qedela leli vesi leBhayibheli: “UNowa wenza njengakho . . . ”
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Wazalwa Kwalotshwa incwadi
ngo-297B.C.E. yokugcina yeBhayibheli.
[Ibalazwe]
“Umkhumbi wahlala ezintabeni zase-Ararati.”—Genesise 8:4.
IZINTABA ZASE-ARARATI
UNOWA
UMLANDO
Wafundisa umkhaya wakhe ukulalela iziqondiso zikaJehova. Elalela uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokuvikela umkhaya wakhe kanye nezilwane esikhukhuleni esikhulu. (Genesise 6:5-22) Naphezu kokuhlekwa usulu, wabekezela ngokwethembeka ‘njengomshumayeli wokulunga.’—2 Petru 2:5; Hebheru 11:7.
IZIMPENDULO
A. 950.—Genesise 9:29.
B. UShemi, uHamu noJafete.—Genesise 6:10.
C. “. . . konke uNkulunkulu ayemyale ngakho. Wenza kanjalo nje.”—Genesise 6:22.
Abantu Namazwe
3. Igama lami ngingu-Andres, lona omunye ngu-Ana. Sobabili sineminyaka engu-11, sihlala e-El Salvador. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abase-El Salvador? Ingabe bangu-10 000, 20 700, noma bangu-37 000?
4. Iliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Kokelezela bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona, ubone ukuthi ukude kangakanani ne-El Salvador.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
Ukuze uzitholele amakhophi engeziwe alesi sihloko ‘soKubukeza Komkhaya,’ yiya engosini ethi www.pr2711.com
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 12
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Kune-apula phambi kwe-altare kulesi sigcawu 3.
2. Idada liphakathi kuka-Abela nemvu esigcawini 4.
3. 37 000.
4. A.