Ukubukeza Komkhaya
Yini Engekho Kulesi Sithombe?
Funda eyesi-2 AmaKhosi 5:1, 9-16, 20-27. Yibe usubheka isithombe. Yiziphi izinto ezingekho? Bhala izimpendulo zakho emigqeni engezansi. Hlanganisa amachashazi ukuze isithombe siphelele bese usifaka imibala.
1. ․․․․․
2. ․․․․․
3. ․․․․․
[Umdwebo]
(Bheka encwadini)
ENINGAXOXA NGAKHO:
Yiziphi izinto ezimbili ezingamanga uGehazi azisho?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 AmaKhosi 5:22, 25.
Ubani owayazi ukuthi uGehazi uqamba amanga?
UMKHONDO: Funda eyesi-2 AmaKhosi 5:25, 26; 2 IziKronike 16:9; Hebheru 4:13.
Kungani kufanele ukugweme ukuqamba amanga?
UMKHONDO: Funda IzAga 12:22; Johane 8:44.
OKUNGENZIWA UMKHAYA:
Fundani ukulandisa kweBhayibheli ndawonye. Uma kungenzeka, omunye makafunde ingxenye yolandisayo, owesibili afunde eka-Elisha, owesithathu afunde ekaNahamani nesikhonzi sakhe bese kuthi owesine afunde ekaGehazi.
Wagcine Bese Uwafunda Kamuva
Wasike, uwasonge bese uwabeka
IKHADI LEBHAYIBHELI 8 UHEZEKIYA
IMIBUZO
A. Wayeneminyaka emingaki uHezekiya lapho eba yinkosi yakwaJuda?
B. UJehova wakwandisa ngeminyaka emingaki ukuphila kukaHezekiya?
C. Gcwalisa isikhala. Ngenxa yemithandazo nokwethembeka kukaHezekiya, uJehova wathumela ingelosi ukuba ibulale amasosha ase-Asiriya angu- ․․․․․.
[Ishadi]
4026 B.C.E. 1 C.E. 98 C.E.
Ukudalwa kuka-Adamu Waphila cishe Kwalotshwa incwadi
ngawo-700 B.C.E. yokugcina yeBhayibheli
[Ibalazwe]
Wayehlala eJerusalema
I-ASIRIYA
IJerusalema
UHEZEKIYA
UMLANDO
Inkosi ethembekile eyalungisa futhi yavula kabusha ithempeli likaNkulunkulu, yaphihliza izithixo futhi yakhuthaza abantu ukuba bagcine iPhasika. (2 AmaKhosi 18:4; 2 IziKronike 29:3; 30:1-6) Naphezu kwesibonelo sikayise esibi iNkosi u-Ahazi, uHezekiya “wanamathela kuJehova.”—2 AmaKhosi 18:6.
IZIMPENDULO
A. Iminyaka engu-25.—2 AmaKhosi 18:1, 2.
B. Iminyaka engu-15.—2 AmaKhosi 20:1-6.
C. 185 000.—2 AmaKhosi 19:15, 19, 35, 36.
Abantu Namazwe
4. Igama lami nginguKyrl ngineminyaka engu-6, nginoSheen oneminyaka engu-9. Sihlala ePhilippines. Cishe bangaki oFakazi BakaJehova abahlala ePhilippines? Ingabe bangu-62 000, 126 000 noma 172 000?
5. Yiliphi ichashazi elibonisa lapho sihlala khona? Likokelozele bese ubeka ichashazi lapho wena uhlala khona futhi ubone ukuthi uqhele kangakanani ePhilippines.
A
B
C
D
Izingane Zifuna Izithombe
Ungakwazi yini ukuthola lezi zithombe kulo magazini? Ngamazwi akho, chaza ukuthi kwenzekani esithombeni ngasinye.
● Izimpendulo “ZOKUBUKEZA KOMKHAYA” zisekhasini 20
IZIMPENDULO ZEMIBUZO ESEKHASINI 30 NO-31
1. Inqola kaNahamani.
2. Izikhwama zesiliva.
3. Izingubo.
4. 172 000.
5. D.