Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/11 k. 18
  • “Bhalela U-Anton!”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Bhalela U-Anton!”
  • I-Phaphama!—2011
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlu Lokuphakathi
    I-Phaphama!—2011
  • Ikhasi Lesibili
    I-Phaphama!—2003
  • Imikhaya Yokutholwa Eyaphumelela
    I-Phaphama!—2012
  • Indlela Yokuloba Izincwadi
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 9/11 k. 18

“Bhalela U-Anton!”

● Edolobhaneni elisemajukujukwini laseSchelkan, eStavropol’ Kray, eRussia, kwakunoFakazi KaJehova osemusha okuthiwa u-Anton. Esengumntwana, kwatholakala ukuthi une-Duchenne muscular dystrophy, isifo esingalapheki esidla izicubu ngokushesha futhi ngokuvamile okubangela ukuba ophethwe yiso afe engakayihlanganisi iminyaka engu-20. Lapho u-Anton eba neminyaka engu-9, wayengasakwazi ukuhamba noma ukuzimela.

Lapho uYevgeny nomkakhe uDiana bevakashele ibandla loFakazi, bahlangana no-Anton. UDiana uyachaza, “Umzimba ka-Anton wawuntekenteke ngendlela emangalisayo, kodwa wayeqinile ngokomoya. Njengoba umfowabo omdala ayebulawe yilesi sifo eneminyaka engu-19 nje kuphela, u-Anton wayazi ukuthi wayengeke aphile isikhathi eside. Noma kunjalo, wayejabule futhi enombono omuhle.”

UDiana nomyeni wakhe bakhuthaza u-Anton ukuba andise inkonzo yakhe ngokubhalela abantu abahlala kwamanye amadolobhana angawodwa. Ngo-2005, wabhala izincwadi ezingaba ngu-500 wabe esezithumela emakhelini asemizini eseduze. Nokho, wadumala lapho engatholi neyodwa impendulo. Nakuba lokhu kwamdumaza, u-Anton waqhubeka nokubhala izincwadi futhi wathandaza ngobuqotho ecela isiqondiso ukuze inkonzo yakhe ithele naphezu kwezimo ayebhekene nazo.

Lapho efunda iphephandaba ngolunye usuku, u-Anton wazithela encwadini evela kowesifazane owayegula futhi edinga induduzo. U-Anton wambhalela incwadi futhi ingxenye yayo yanyatheliswa kulo leli phephandaba elifanayo: “Nakuba isifo sami singelapheki, ukufunda iBhayibheli kuyangisiza ngibe nethemba ngekusasa. Ngiyakuthanda ukuthola izincwadi futhi ngihlale ngizilindele.”

Ethinteke ngokujulile, lona wesifazane wabhalela leli phephandaba incwadi. Ingxenye eyayinyatheliswe kuyo yayinesihloko esithi “Bhalela u-Anton!” Wazwakalisa ukwazisa ngamaphuzu angokomoya ayesencwadini ka-Anton futhi wanezela: “Asisizeni u-Anton! Sabelani nimbhalele. Le nsizwa iwadinga kakhulu amazwi anomusa!” Kwabe sekufakwa nekheli lika-Anton.

Zaqala ukufika izincwadi ezize ku-Anton eposini elincane lasendaweni yakubo—zazifinyelela ku-30 ngosuku! Zazivela kulo lonke elaseRussia, eBaltics, eJalimane ngisho naseFrance. Wathola amakhulu ezincwadi zivela kubafundi balelo phephandaba. UDiana uyakhumbula, “U-Anton wayechichima injabulo! Manje wayesenabantu abangamakhulu ayengababhalela ukuze ahlanganyele nabo izinkolelo zakhe ezisekelwe eBhayibhelini.”

U-Anton wachitha isikhathi esingaphezu konyaka ebhalelana nalabo ababembhalelile futhi ehlanganyela nabo amaqiniso eBhayibheli. Kancane kancane, njengoba izandla zakhe zilokhu ziba buthakathaka, wacela othile ukuba ambhalele. Ngo-September 2008, u-Anton washona eneminyaka engu-20. Nakuba ayebuthakathaka kakhulu emzimbeni, ukholo lwakhe nothando lwakhe ngenkonzo lwamvulela amathuba okuthinta ukuphila kwamakhulu abantu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela