Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 10/11 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bakhohliwe Ukuthi Kudlalwa Kanjani
  • Izinganekwane
  • Indima Yakho Njengomzali
    I-Phaphama!—2004
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-computer?
    I-Phaphama!—2008
  • Ingabe Kufanele Ngidlale Imidlalo Ye-computer Noma Ye-video?
    I-Phaphama!—1996
  • Ingabe Kufanele Ngiyidlale Imidlalo Yama-Computer?
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 10/11 k. 29

Ukubuka Okwezwe

Izingane ezingamaphesenti angu-17 ezifunda isikole eBrazil ezineminyaka eyishumi kuya kwengu-13, zixhaphaza noma zixhashazwe ezinye izingane.—I-ESTADO DE SÃO PAULO, EBRAZIL.

Izinkinga zomfutho ophakeme wegazi, amafutha amaningi egazini, amaguludla ezinso, nezinkinga zesibindi kutholakala ukuthi manje seziphatha nezingane ezineminyaka engaphansi kwengu-12. Ziyini izimbangela eziyinhloko zalokhu? Ukungawuvivinyi umzimba, ukudla kakhulu ukudla okungenamsoco nokukhuluphala.—I-ABC, ESPAIN.

Izindleko zokukhulisa ingane ezalwe ngo-2008 ize ibe neminyaka engu-18 emkhayeni osesigabeni esiphakathi kwezomnotho e-United States “zingaba ngamarandi angu-1 466 500 (amarandi angu-1 933 100 uma kucatshangelwa ukukhuphuka kwamanani ezinto),” ngokwesilinganiso sikahulumeni.—I-UNITED STATES DEPARTMENT OF AGRICULTURE, E-U.S.A.

Bakhohliwe Ukuthi Kudlalwa Kanjani

Ngokwenhlolo-vo yamuva, ingxenye eyodwa kwezinhlanu yabazali baseBrithani ikhohliwe ukuthi “imiphi imidlalo engayidlala nezingane zayo.” Umzali oyedwa kwabathathu uyavuma ukuthi ukudlala kuyisicefe kuye, kanti abanye abanaso isikhathi sokudlala nezingane zabo noma abazi ukuthi bangadlalani nazo. Ekhuluma ngemiphumela yalolu cwaningo, uProfesa uTanya Byron, ongudokotela wezifo zengqondo, uthi: “Kunezici ezine ezibalulekile ukuze imidlalo phakathi kwabazali nezingane iphumelele: imfundo, ukuba yithonya, ukujwayelana nokukhulumisana.” Nakuba umzali oyedwa kwabathathu ekhetha ukudlala imidlalo ye-computer nezingane zakhe, izingane eziningi zikhetha ukuyidlala zodwa le midlalo. Phakathi kwezinto izingane ezineminyaka emihlanu kuya kweyishumi nanhlanu ezithanda ukuzenza nabazali bazo, imidlalo edlalelwa ngaphandle nemidlalo enjengomlabalaba.

Izinganekwane

Ingosi ethile ye-Internet ithi ingabasiza obaba abamatasa kakhulu futhi abangenaso isikhathi sokufundela izingane zabo izinganekwane ngaphambi kokuba zilale. “Uhlelo lwe-computer lwezinga eliphakeme luqopha izwi likababa efunda inganekwane, lwenezele ingoma neminye imisindo bese lokhu lukuthumelela ingane nge-e-mail,” kuchaza i-Daily Telegraph yaseSydney. Nokho, izazi zobuhlobo phakathi kwabantu ziyayigxeka le ndlela. “Ukufundela ingane indaba kuhilela ukwakha ubuhlobo nayo,” kusho uDkt. Richard Fletcher osebenza ohlelweni lokucwaninga ngemikhaya eNewcastle University, e-Australia. Kuhilela ukuxhumana phakathi kukababa nezingane, ukuzanga nokuhleka nazo. Ayikho i-e-mail engaletha izinzuzo ezifanayo nezilethwa ukuhlala phansi kukababa nengane yakhe ayifundele, kusho uFletcher.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela