Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 11/11 k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—2011
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izinhlekelele Zemvelo Ngo-2010
  • Ingabe AmaNeanderthal Ayefana Nathi?
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—2014
  • Izinhlekelele Zemvelo—Kungani Ziningi Kangaka?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukulwa Komuntu Nezinhlekelele
    I-Phaphama!—1995
  • Ingabe Uyawudinga Umshuwalense?
    I-Phaphama!—2001
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2011
g 11/11 k. 29

Ukubuka Okwezwe

EJalimane abantwana abangu-7 kwabayishumi sebeyatholakala kuyi-Internet. Abazali babafakela imininingwane yabo nama-e-mail noma bafake izithombe zabo ngenkathi bengakazalwa nezangemva kokuzalwa. Kodwa ochwepheshe bathi kufanele kuqashwe lapho kwenziwa lokhu ngoba izithombe ezifakwe kuyi-Internet zingahlale zikhona ukuphila kwayo konke.—I-BABY UND FAMILIE, EJALIMANE.

Ngokwezibalo zikahulumeni, unyaka ngamunye eRussia abesifazane abangu-146 000 bayafa ngenxa yobudlova basekhaya.—I-RIA NOVOSTI, ERUSSIA.

Iqhwa elikhithikela eNtabeni i-Everest ebangeni eliphakeme ngamamitha angu-6 858 kuya kwangu-7 752 ngaphezu kolwandle, linamakhemikhali okuthiwa i-arsenic ne-cadmium ayingozi uma engena emanzini okuphuza. Ukungcoliswa kwemvelo okubangelwa abantu kuyimbangela yalokhu.—I-SOIL SURVEY HORIZONS, E-U.S.A.

Inkampani okuwukuphela kwayo enelungelo lokunyathelisa amaBhayibheli eChina isinyathelise amakhophi ayizigidi ezingu-80. Le nkampani inyathelisa amaBhayibheli ayisigidi ngenyanga—okuyingxenye eyodwa kwezine yenani elinyatheliswayo emhlabeni wonke.—I-XINHUA, ECHINA.

“Cishe amaphesenti angaphezudlwana kwayishumi abantu abadala baseMelika (10,1) balishiyile isonto lamaKatolika abakhulela kulo.”—I-NATIONAL CATHOLIC REPORTER, E-U.S.A.

Izinhlekelele Zemvelo Ngo-2010

Inkampani yomshuwalense ehamba phambili yabika ngezinhlekelele zemvelo ezingu-950 emhlabeni wonke ngo-2010, okuyinani eliphakeme kuneleminyaka eyishumi edlule eliyisilinganiso sezinhlekelele ezingu-785 ngonyaka. Izinhlekelele eziyisihlanu ezimbi kunazo zonke zaba ukuzamazama komhlaba eChile, eChina naseHaiti; izikhukhula ezaba khona ePakistan; nokushisa okukhulu okwaba seRussia, lapho kwafa khona amashumi ezinkulungwane ngenxa yokushisa nokungcola komoya. Enyakatho yeYurophu intaba-mlilo yase-Iceland yakhipha umlotha owacishe wenza ukuba izindiza zingakwazi nhlobo ukuhamba nakuba ungenzanga monakalo oqondile. E-Australia, iziphepho ezimbili ezihambisana nesichotho zadala umonakalo ongaphezu kwamaRandi angu-13 701 953 000. “Ingqikithi yezinto ezacekeleka phansi, kuhlanganise ukulahleka kwezinto ezingenawo umshuwalense, yafinyelela ezigidini eziyizinkulungwane ezingu-891,3 zamaRandi uma kuqhathaniswa nezigidi eziyizinkulungwane ezingu-343,1 zamaRandi ngonyaka ongaphambi kwalowo,” kusho i-Telegraph yaseLondon.

Ingabe AmaNeanderthal Ayefana Nathi?

“Umbono osekukudala ukhona wokuthi amaNeanderthal ayephansi kunabantu (Homo sapiens) uyashintsha njengoba kulokhu kutholakala ukuthi ayenamakhono obekucatshangwa ukuthi yithi kuphela esinawo,” kusho i-New Scientist. Imivubukulo yamuva yembula ukuthi amaNeanderthal ayakha izindawo zokukhosela namaziko, ebasa umlilo, egqoka izingubo, epheka ukudla, enza amathuluzi futhi enza nengcina ayenza ngayo imikhonto. Kunanobufakazi bokuthi ayewanakekela agulayo, efaka izinto zokuhloba futhi engcwabana. Ngokuka-Erik Trinkaus, uprofesa ocwaninga ngenhlalo yabantu eYunivesithi yaseWashington, eSt. Louis, eMissouri, e-U.S.A., “AmaNeanderthal ayengabantu nje futhi kungenzeka ayenengqondo esebenza ngezinga elifanayo neyethu.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela